Ukulwa nodlame nokuhlukunyezwa okubhekiswe kwabesifazane nezingane umsebenzi wethu sonke



UHlabisa nguMengameli we-Inkatha Freedom Party.
Ikloba lomlilo ebese libonakala lilanguka liwubuhanguhangu licekela phansi insika nomgogodla wesizwe, abesifazane kumele sonke sisukume silicime.
Udlame, ukuhlukunyezwa nokudlwengulwa kwabesifazane sekufana nensila edinga siyikhuculule kubantu besilisa esingene kubo siphinde futhi siyibhuqe njengesihlava esibi okungamele sisivumele ukuba sakhele emiphakathini esihlala kuyo. Lesi sihlava sesakhele kuzo zonke izakhiwo zomphakathi: emakhaya, emabandleni okukhonza, emphakathini nasezindaweni zokusebenza nokufunda.
Lesi sihlava sizokwazi ukusisiphula nezimpande uma singenza lokhu okulandelayo. Ukuvuselela isakhiwo somndeni. Imindeni enesakhiwo esisimeme nekwazi ukuhlangana izikhathi ngezikhathi, iba nesigcawu lapho ikwazi khona ukungena endlini ikleze eguleni lomndeni. Isikhathi esiningi umndeni okwaziyo ukuhlangana ngokwezindlu zawo uvama ukuba izinkinga zomndeni zingakapakeli ngaphandle. Izinkinga zomndeni ohlangene azivami ukuqhamuka seziqhuma njengentaba yomlilo. Yingakho kubalulekile ukuba kwakhiwe kabusha imindeni ehlangene nekwaziyo ukukhuluma ngezinkinga zangaphakathi emndenini ukuze lezo zinkinga zikwazi ukuthola isixazululo sangaphakathi.
Izinkundla zamadoda lapho abesilisa bezobhoboka khona futhi bagonyuluke konke okungaphakathi izakhiwo okumele sizakhe emphakathini, emabandleni ezenkolo, ezinhlanganweni zethu zezombusazwe, kwezikaqedisizungu nasezinhlanganweni zemisebenzi eyahlukahlukene.
Lezi zinkundla zamadoda uma zakhiwe zasondelana nalapho bechitha khona isikhathi sabo esiningi, kuzokwenza bazethembe futhi bakwazi ukukhuluma ngezinkinga ababhekene nazo emakhaya noma emindenini yabo. Asiwakhuthaze amadoda ukuba angabi ngofelaphakathi kodwa akhulume kulezi zinkundla zamadoda.
Isizwe sakithi siyisizwe esinentukuthelo egqibelene ngaphakathi. Lokhu kudalwa yizimo ezehlukene. Umlando wethu njengezwe unezinto eziningi ezidale imihuzuko eminingi eyahlukahlukene kubantu bakithi. Abanye bakhule ngaphandle kwabazali kanti abanye bakhule ngaphansi kwezimo ezinzima ezishiye ulaka nentukuthelo eyakhelene ngaphakathi kumuntu.
Noma yisiphi isimo esinzima owesilisa abhekana naso kanti unentukuthelo eyakhelene ngaphakathi kuye, kuqhuma intaba yomlilo edalwa intukuthelo engazange ikuthole ukwelapheka noma ukuxoleleka. Lona ngumthwalo okumele siwuthwale njengesizwe ukwakha izinkundla zokuxolela nokwelapha amanxeba esikhathi esedlule.
UMnyango Wezemfundo unomthwalo omkhulu wokwakha isizwe esinokuziqhenya ngaso. Ezikoleni kumele kube nesifundo esifundisa ngobulili kanye nokutshala imbewu yokuhlonipha umuntu wobunye ubulili. Uma le mbewu itshalwe emqondweni wezingane zethu zikhula ngesikhathi zifunda amabanga ngamabanga, izingane zethu ziyozazela zona ukuthi ukubeka isandla omunye umuntu ikakhulukazi owesifazane akulungile futhi kakuyiso isixazululo.
Uma into uyifake noma uyitshale enqondweni yomuntu uyakwazi ukuzimela azihambele ngaleyo mfundiso ngisho eseyedwa. Noma efi kelwa yinoma yisiphi isimo esimvalela ekhoneni, uyakwazi ukuphuma ngendlela ephephile ngenxa yesimomqondo sakhe esikwazi ukwehlukanisa okufanele nokungafanele kwenzeke.
Ukufundisa intsha yethu ikhula ukukwazi ukuthatha isinqumo esiphusile phezu kokwenganywa yintukuthelo kuyoba nomphumela omuhle kumuntu ngamunye eseyedwa ekukhuleni kwakhe. Umuntu owakhiwe isimo mqondo sakhe sasimama, uyakwazi ukubhekana namagagasi empilo futhi aqonde ukuthi noma ngabe yisiphi isimo esivelayo, asikho ngaphezu kwempilo kangangokuthi usengabulala yonke into ekhona.
Lona ngumsebenzi osemahlombe ethu ukuba siwutshale entsheni yethu ikhula, isimomqondo esisimeme ukuze ingagajwa wulaka uma kumele ithathe izinqumo ezinzima.
Izizinda zemfundo zamabanga aphansi naphakeme yilapho abesifazane abayintsha sebephenduke baba abagilwa bokudlwengulwa nocansi ezandleni zothisha besilisa ezikoleni nasemanyuvesi. Lena yinto eyenzeka phambi kwabanye abafundi bebuka kanjalo nemiphakathi ibuka.
Ziningi izingane ezidicilelwe phansi ngothisha emazingeni aphansi naphezulu. Thina bantu besilisa simele ukusukuma manje sibhekane ngqo nale mpi abesifazane abayilwa bodwa. Yithi kanye nezinhlangano zabafundi okumele sivule amacala, sihole imibhikisho yokuchitha laba bantu abadicilela phansi abesifazane ngokubaphendula isizinda sabo socansi olungenanhloso enhle.
UHulumeni yihawu lethu lokugcina. Ukuze kuliwe nalobu budlova obubhekene nabesifazane sidinga uHulumeni onemizwa yabantu, amehlo abonayo nezindlebe ezizwayo. Uma kunombhedukazwe ubhekana nawo ngendlela oza ngayo lowo mbhedukazwe ukuze udwebe umugqa ukuthi lokhu ngeke sikuvumele kuqhubeke kwenzeke. Bonke abantu besilisa abahlukumeza abesifazane kumele banikezwe isigwebo esinzima esithumela umyalezo ukuthi lokhu akume. Kumele kube khona izinkantolo ezikhethekile eziqondene ngqo namacala abahlukumezi nabadlwenguli. Uma sebeboshwiwe kumele banganikwa ibheyili kuze kuphele icala.
Uma ohlukumezile etholwa enecala kumele anikwe isigwebo sikadilikajele ongeke uze ubenesibonelelelo sikashwele. Lokhu kuyothumela umyalezo ocacile othi abadlwenguli abanayo indawo emphakathini. Izinkantolo kanye namapholisiteshi awabe sesimweni sokuthi owesifazane odlwenguliwe noma ohlukumezekile alithole igumbi elingasese ukuze noma ebhalisa isitatimende sakhe akwazi ukukhuluma konke okwenzekile endaweni esesithe.
Imiphakathi yonke ayisukume, silwe nabantu besilisa abahlukumeza baphinde badlwengule izinsika zesizwe.
UHlabisa yiLungu leSishayamthetho noMholi weqembu eliphikisayo