Now Reading
Ezingaphansi kukaHulumeni ziyaqhubeka nokubhacaza
Dark Light

Ezingaphansi kukaHulumeni ziyaqhubeka nokubhacaza

Phezu kwezindodla zezimali zotakulo ezifakwe wuHulumeni kuzona, kusinda kwehlela ezinkampanini ezimbili ezinkulu okungu-Eskom ophehla ugesi kanye neSouth Africa Airways (SASA) okungeyezindiza zombili okungezikahulumeni.

I-Eskom isanda kubika ngomlomo kaSihlalo osabambe njengomphathi omkhulu uJabu Mabuza ukuthi ngonyakamali ozayo izolahlekelwa yimali elinganiselwa ezigidigidini ezingama-R20. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule le nkampani ithole imali yotakulo eyizigidigidi ezingama-R69. Phezu kwaleyo mali sekuphinde kwengezwa ezinye ezingama- R59 kamuva nje.

Kunemibandela engamashumi amathathu le nkampani ebekelwe yona. Omunye wayo owokuthi i-Eskom kufanele ibhukule ekuqoqeni izikweletu zayo. Omasipala abaningi bakweleta le nkampani izimali ezinkulu, isibonelo okunguMasipala waseNewcastle. Lo masipala no-Eskom bagcine beyisana enkantolo njengoba i-Eskom ibisithathe isinqumo sokuwucima ugesi ophakelwa lo masipala njengoba ukweleta imali eyizigidi ezingama-R213. Isiyonke imali ekweletwa i-Eskom ezweni lonke ibalelwa ezigidigidini ezingama-R35, kanti abantu baseSoweto nje bebodwa kubikwa ukuthi bakweleta imali eyizigidigidi eziyi-R17.

Okunye okudalela i-Eskom isindwe yilunda lezimali yiziteshi ezimbili, iMedupi neKusile okubhekeke ukuthi zixazulule inkinga yokugqoza kwamandla kagesi ezweni kodwa okubukeka zizogcina sezibiza imali ebalelwa ezigidigidini ezingama-R452 kune-R163 okwakucatshangelwe kuwo.

Inkampani yezindiza iSouth African Airways nayo ikhangezile kuMgcinimafa kaZwelonke, ikhala ngokuthi uma ingatholi izigidigidi zotakulo ingase iphahlazeka. Umlando weSAA wezinkinga zezimali mude kunalowo we-Eskom. Ngokwemibiko ye-Afrika Check, phakathi kowe-1999 nowezi- 2017 uHulumeni wafaka imali eyizigidigidi ezingama-R29 ukulekelela iSAA. Nasemva konyaka wezi- 2017 le nkampani iqhubekile nokuhlomula ngemali yokutakulwa nguHulumeni njengoba isiyonke ibalelwa ezigidigidini ezingama-R39. Azikapheli izinkinga zale nkampani njengoba isanda kuveza ukuthi idinga enye imali eyizigidigidi ezi-R4. Emlandweni wale nkampani sekube nemibono eyahlukene ngokuthi izinkinga zidalwa yini. Kukhona abathi izinkinga zidalwe wukuthi nayo le nkampani ibe omunye wabagilwa ngesikhathi kugwamandwa amandla ombuso okumanje iKhomishana kaMehluleli uZondo iyakuphenya.

Abanye babeka ngokuthi izinkinga zeSAA zadalwa ngukuthi owayeyisiKhulu Esiphezulu uMnu uColeman Andrews wadayisa zonke izindiza zeSAA. Wabe esebika ukuthi le nkampani uyenzele inzuzo. ISAA yabe isizithola kufanele isebenzise izindiza zokubolekwa ezinye zazo ekwakuyilezo eyase izidayisile.

Iyehlukana imibono mayelana nokubaluleka kokutakula iSouth Africa Airways. Kunombono othi izindiza zisetshenziswa abagibeli abambalwa ngakho akubalulekile kangako ukutakula inkampani iSAA. Kukhona nombono othi izwe nezwe kubalulekile ukuthi libe nenkampani enjengeSAA elikwazi ukuzigqaja ngayo futhi okuyiyo ephephezelisa ifulegi lezwe.

Izinkinga zalezi zinkampani azipheleli odabeni lwezimali. Nakwezokulawula nokuphatha kwembulwa kwembeswa. Lezi zinkampani ziyapheka ziyephula, njengoba kumanje i-Eskom iphethwe okwesikhashana wuSihlalo wayo uMnu uJabu Mabuza (osesithombeni) emva kokwesula esikhundleni kowayeyisikhulu esiphezulu uMnu uPhakamani Hadebe. UHadebe wayesahlale isikhathi esincane njengesikhulu esiphezulu.

See Also

Eminyakeni eyishumi, iSAA isibe nezikhulu eziphezulu ezingama 21. Lokhu kuveza ukuthi kukhona izikhulu ezingawuqedanga unyaka zisesikhundleni.

Lokhu kupheka kwephulwa kwezokulawula nokuphatha kuqeda uzinzo olubalulekile kulezizinkampani.

Kunika ithemba ukuthi uhulumeni nephalamende sebekhiphe umyalezo wokuthi ngeke kusaphuma izimali zokutakula lezizinkampani ngaphandle kwemibandela.

Uma le mibandela ingagcinwa, uMgcinimafa unelungelo lokuvala umbele wahulumeni, nawo ongasagwansanga.

Scroll To Top