UPhapha ukhuthaza i-Afrika ukuthi ibekezele yize kunzima



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
UNGABA nezimpazamo, ube nelukuluku, uthukuthele nokuthukuthela, kodwa uze ungalibali yikuthi impilo yakho ingumshikashika omkhulukazi onokuba namagalelo emhlabeni. Nguwe kuphela ongavimbela ukuba impilo yakho ingagubuzeleki. Baningi abagezeka igilo ngawe, obancamisayo, nabakuthandayo. Uze ukhumbule ukuthi ukujabula akukhona ukuba ngaphansi kwesibhakabhaka esingenasiphepho, yikuba nomgwaqo ongenazinhlekelele, ngumsebenzi ongelanywa yikukhathala, yibudlelwano obungenandumalo.
Ukujabula ukuthola amandla ekuthetheleleni, yithemba nala kunezingxabano khona, ukuphepha ekunkawuzeni kokwesaba, ukuba nothando nala kunenxushunxushu khona. Akukhona kuphela ukujabulela ukumoyizela, kodwa futhi yikuninga ngosizi. Akukhona kuphela ukugubha izivuvaba zamagalelo empumelelo kodwa futhi ukufunda emaphutheni. Akukhona kuphela ukuthi ncinci kamdoli ngoba kushaywa ihlombe, kodwa ukujabula nala ungazi ukuthi inhlokomo iqondenenobani. Ukujabula akukhona ukubulala/ukushabalalisa ithuba lokufinyelela ekusombulukeni kwesigcino sempilo
yethu, kodwa kuyimpumelelo-mfezeko yalabo abakwazi ukuvakashela engaphakathini labo. Ukujabula ukuyeka ukucabanga sengathi ungumficezelwa, kodwa ube ngumlobi wena, wendlela eyohanjwa nguwe kuze kube sekugcineni.Kuyikunqamula amahlane kodwa
udlule unqwamane neziphethu phakathi ezibilini zomphefumulo wethu. Kuyikubonga uNkulunkulu zonke izinsuku ekuseni, ngesimangaliso esiyimpilo. Ukujabula kakusho ukwesaba imizwa yakho ngapahakathi. Kuyikwazi ukukhuluma ngawe. Kuyikuba nesibindi sokulalela u “qhabo”. Kuyikuba nodli ubhekane nokugxekwa, ngisho ngabe bekungafanele ugxekwe. Kuyikwanga izingane zakho, utotose udude abazali bakho, uphile impilo enkondlozayo nabangani bakho, ngisho bekuzwisa ubuhlungu. Ukujabula kuyikwazi ukusidedela siphile leso silwanyana esingaphakathi komnuye nomunye wethu, sikhululeke, sitshakadule, sibe wutho nje olungathathelwa phezulu. Kuyikukhula sivuthwe sikwazi ukuthi: “Ngenze iphutha.”
Kuyikuba nesibindisokuthi: “Ngiyaxolisa”. Kuyikuqunga ngokuzithoba uthi: “Ngiyakudinga.” Kuyikuba namabhongo okuthi : “I love you.” Kwanga impilo yakho ingaba yisivande samathuba entokozo. Ukuba intwasahlobo ibe yisithandwa sokwethaba… ubusika bube yisithandwasenhlakanipho. Kuthi lapho wenze iphutha, konke ukuqale phansi. Ngoba yilokho kuphela okuyokwenza uthandane ube yizibhodongo nempilo. Uyothola ukuthi ukujabula akusikhona ukuba nempilo emsulwa. Kodwa sebenzisa izinyembezi ukuchelela ukubekezela.
Sebenzisa lokho okukulahlekele ukuqeqesha isineke sakho. Sebenzisa amaphutha akho ukubumba inzothakuthula. Sebenzisa ubuhlungu uhuqe ngabo injabulo. Sebenzisa izithiyo uvule ngazo izintuba zobunsengetshe.Ungadeli muntu…ungabadeli abantu abakuthandayo. Ungalilahli ithemba uthi intokozo kayikho, ngoba impilo ingumshikashika ongekholeke. (Pope Francis)
-Ihunyushelwe esiZulwini nguSolwazi OEHM Nxumalo isuselwa esiNgisini ngokuzijuba yena