Ifa leziwula lisadliwa yizihlakaniphi
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Embonini kufukuza kuqedane aboHlanga kuzuze abezizwe
UMNOTHO waboHlanga embonini yamatekisi ubonakala ubaphunyuka njengoba uwela kwezinye izinhlanga bona basale beqothana. Iningi lezinsizwa ezazondla imindeni kule mboni sezalala kobandayo, kukhona nabayizinkubela ngenxa yomgolo.
Emasontweni amabili edlule iBAYEDE ike yabika ngokusolana ekubunjweni kwenkampani ebizenza sengathi izozisa wonke umuntu embonini ekubeni empeleni bekuzozuza idlanzana. Kuleli sonto iBAYEDE isingakuqinisekisa
ukuthi lezi zinsolo beziyiqiniso elibambekayo. Sekuqubuke izinkulumo zokuthi kunedlanzana labaholi benhlangano yosomatekisi abahlangene nenjinga yomdeshi engusomabhizinisi nengumnikazi wenkampani edayisa amaQuantum iHalfway Toyota. Izigidi
ebezibekelwe ukuthuthukisa le mboni kuthiwa zibhubhudlwa bume yile nkampani egameni lemboni. La mahlazo ngemboni adalulwe nguDkt u-Andile Hlatshwayo onguSihlalo wenhlangano Ubumbano Lokuthula Forum (ULF) noMnu uJabulani Mjay Mazibuko onguSihlalo weKwaZulu-Natal Taxi Alliance (KZNTA). UHlatshwayo noMazibuko bakhombe ngenjumbane uMnu uBoy Zondi onguSekela Mengameli weSANTACO ngokuthi uhlangene noMnu uGeorge Baike ongumnikazi weHalfway Toyota ukuthi bazitamuzele izigidi zemali yesikhwama sosomatekisi ezigcinwe enkampanini engenzi nzuzo IKwaZulu-Natal Taxi Commuter Corporation (KZNTCC) eyayifakwe yinkampani ekhiqiza izimoto iToyota South Africa. Bathi le mali ebalelwa ezigidini ezingama-R24 kwakuthiwe phakathi kokunye ngeyokutakula osomatekisi ababedlelwa izimoto ngamabhange. IToyota SA ayigcinanga ngokuxhasa osomatekisi baKwaZulu- Natal kodwa ixhase nabakuzwelonke njengoba le mali isiyonke igcine
isiyizigidi ezingama-R93. Kuvela nokuthi iKZNTCC iphinde ithole uxhaso lwemali eMnyangweni Wezokuthutha KwaZulu-Natal njengoba njalo esabelweni sawo sezimali nayo iyayithola insonyama. UHlatshwayo uthi iKZNTCC esungulwe ngowezi-2012 yakhiwe yizinhlangano zosomatekisi okuyiKZNTA, iSANTACO no-Ubumbano Taxi Alliance.
“Ngokwami ukusungulwa kweKZNTCC bekungumgudu kaZondi noBaike nabanye wokuzidlela izimali zalesi sikhwama. UBaike uqhamuke nalo mqondo ngoba ethi ufuna kuvikelwe abanikazi bamatekisi okungoSiyaya ekudliweni ngabamabhange kanti benzela ukuzitamuzela le mali behlangene noZondi nabanye,” kusho uHlatshwayo
Kubikwa nogcobho nasohlelweni lokufahlazwa kwamatekisi
kaHlatshwayo wathi umnikazi wetekisi kulesi sikhwama unikele ngezi-R10 000 umuntu emunye. Bobabili bavumelana ngokuthi le mali eyafakwa yiToyota SA kuKZNTCC kwakufanele icazelwe ososesheni
baKwaZulu-Natal. “AbeSANTACO behlangene noBaike bavele bazithathela izinqumo ngayo. USihlalo weKZNTCC uMnu uBoy Zondi obuye abe nguSekela Mengameli weSANTACO nguyena bhongoza wale nkohlakalo. Lokhu ukwenza ehlangene
noBaike,” kusho uHlatshwayo. Uthi laba kumele bachazele abemboni ukuthi yenziwani le mali. “Ingxenye yale mali abeSANTACO KwaZulu- Natal bayisebenzisele ukuzithengela amahhovisi enhlangano yabo ali-15 kwathi thina beKZNTA basivala umlomo ngokusithengela ihhovisi elilodwa,” kusho uMazibuko. Lolu hlelo lokutakula osomatekisi abahluleka ukukhokha lubizwa ngeSiyaya Project. UMazibuko uthi yize ehlala kwibhodi yeKZNTCC kodwa akanalo ulwazi oluphelele lokuthi kwenziwani ngezimali zeKZNTCC ngaphandle kokuthi banikezwa i-R1 500 umuntu emunye ngokuhambela umhlangano wayo. UHlatshwayo uthi iKZNTCC ithola isabelomali eMnyangweni Wezokuthutha esifundazweni. UZondi uzichithe njengembudane lezi zinsolo ezibhekiswe kuyena noBaike. “Bakhuluma iphutha abathi kunemali eyathathwa kubanikazi
bamatekisi eyizi-R10 000 umuntu emunye. Le mali abakhuluma ngayo yaqhamuka enkampanini yakwaToyota SA ayexhase ngayo abanikazi bamatekisi ababesezinkingeni zokudlelwa amatekisi ayebizwa ngamaSuper-T,” kusho uZondi.
Uthi kuningi iKZNTCC ekwenzayo njengokuqeqesha osomatekisi kwezamabhizinisi, ukuqeqesha abashayeli, ukufahlaza amatekisi amadala Kanye nokuxhasa izingane ngemifundaze. UZondi ukhwele wadilika kuMazibuko noHlatshwayo nabahambisana nabo ethi basemkhankasweni wokudunga ukuthula embonini yamatekisi ngokulokhu befafaza izinto ezingelona iqiniso ngeSANTACO nangeKZNTCC. “Yithina beSANTACO esihlale phansi nenkampani yakwaToyota SA sisizwa uBaike ukuze sikwazi ukubanxenxa ukuba baxhase abanikazi bamatekisi ngezi-R10 000 umuntu emunye. Le mali kwangeyokubalekelela ezinkingeni zokukhokhela amatekisi abo ayengamaSuper-T ayedliwa ngabamabhange. Sathi le mali uToyota SA akayibambe njengesibambiso. Abakwa Toyota SA bavuma kodwa bathi nabo bacela kube khona esibahlangabeza
ngakho,” kusho uMnu uZondi. UZondi uqhuba uthi bavumelana nabakwaToyota SA ngokuthi kube khona abakukhiphayo ezimotweni zabo ezazingamaSuper-T okuyizinto ezazingubukhazikhazi ukwenzela ukwehlisa izindleko. “Inhloso yokuthi kukhishwe izinto ezingubukhazikhazi kwakungukwehlisa izindleko zikaToyota ebezigcina sezenze intengo yeSuper-T ikhuphuke ifinyelele ezi-R100 000. Izinto esathi azikhishwe kubalwa i-ash tray, kanye nebhande elimnyama elibizwa ngeBidding
eliwulayini ohlobise itekisi ngaphandle,” kuqhuba uZondi. Uthi kuthe sezikhishwe zonke lezi zinto ezingubukhazikhazi iSuper-T yasala ingasaphelele. “Impela ikhona imali esiyidlile. Anginamahloni ngalokho. Nathi besiziholela njengoba konke lokhu kwaba
ngumqondo wethu. Ngikhuluma nje ubaba uGerald Fero samthengela imoto yohlobo oluphambili saphinde samgixabeza
ngemali engaphezulu kwezi-R300 000 ngoba simbonga ngeqhaza lakhe ezingxoxweni. Nathi sathola imali engekho
ngaphezulu kwezi-R200 000 umuntu emunye,” kuqhuba uZondi. UHlatshwayo uthe izinsolo zokudliwa kwemali zesikhwama seKZNTCC sebezifake kuMvikeli WoMphakathi u-Adv uBusisiwe Mkhwebane. IBAYEDE inayo ikhophi yencwadi
abayibhalele uMvikeli WoMphakathi kanjalo nempendulo yakhe. Uhlelo lokufahlazwa kwamatekisi Okunye osekubonakala kuzosusa umsindo embonini yamatekisi uhlelo lokufahlazwa kwamatekisi oseluvuka isibili iTaxi Recapitalisation Programme (TRC) osekunezikhomba zoqhekeko embonini njengoba kukhona abalwesekayo nabathi luzoshabalalisa imboni ukuze uHulumeni afeze izinhloso zakhe ngohlelo lwamabhasi oluzogcina selusebenza emadolobheni amakhulu ezweni. UNgqongqoshe
Wezokuthutha uMnu uFikile Mbalula usanda kucela iseluleko sePhalamende ngalolu hlelo lase linquma ukuthi aqhubeke nalo. Okuthukuthelise kakhulu abemboni ukuthi kukhona izinhlobo ezingeke zifahlazwe nabanikazi bazo angeke babhekelelwe ngalutho ngoba kuthiwa ukungena kwazo ezweni kwenzeka ngesinxele ngoba uHulumeni wayengasayinile ukuthi zizothwala abantu zinsuku zonke njengeCAM Inyathi, Impendulo NV350. Izimoto ezingena ngaphansi kwalolu hlelo ngezikhiqizwa kwaToyota Motor Corporation (TMC) kuphela njengeQuantum. Ozul’azayithole bapotshozelwe ukuthi okwenza uHulumeni angabi nkamunkamu nganoma yini ethinta olunye uhlobo lwetekisi okungeyona iQuantum yingoba akukho akuzuzayo ngokungena kwalolu hlobo lwezimoto luphuma emazweni angaphandle futhi azikho nezivumelwano anazo nezinkampani ezikhiqizayo njengeToyota South Africa. Okunye okuvelile ukuthi inkampani iKwaZulu-Natal Taxi Commuter Corporation
(KZNTCC) isebenzisana kakhulu noHulumeni kulolu hlelo. Emarenki ahlukene leli phephandaba eliwahambele eSiphingo ngempelasonto, lithole ukuthi irenki ngayinye inamatekisi angaphezu kweshumi okungewona awakwaToyota kodwa angabalwa kulolu hlelo. Bathi inhloso yakho konke lokhu ukubaqhatha kube khona abahleli besonge izandla bezibuka zibulalana. UMnu uSipho Nzuza onezimoto ezihambela eMbumbulu uthi ngelinye ilanga bayathemba ukuthi ayophuma amaqiniso ngemboni kuphele ukubulalana. Ukwethulwa kwalolu hlelo ngenyanga edlule eGoli kwahlangabezana nembibizane izinhlangano zamatekisi zizwakalisa ukukhala ngokuthi azibanga yingxenye yalo kwaqhanyukwa sezifunzwa
ngalo. Kuleli hlandla lesibili uMbalula wenyuse imali ezozuzwa abazohambisa amatekisi abo ukuba afahlazwe ngobabazothola imali eyizi-R120 000. Ngaphandle kososeshini bamatekisi nezinhlangano zabashayeli njengeQina Mshayeli zithi ukufahlazwa kwamatekisi kufana nokuthi kuzobalahlekisela ngomsebenzi ngoba kuzoba nzima ukuthi abanikazi bawo baphinde bakwazi ukuwathenga ngoba iningi linezikweletu futhi nomsebenzi awusemningi
njengasekuqaleni. Ekhuluma neBAYEDE uMnu uXolani Ndlovu olilungu likaQina Mshayeli eZimbuzini eReunion uthe kubaphatha kabuhlungu uma sekubuyiswa lolu hlelo ngoba bayazi ukuthi izinhloso zalo azizinhle. “UHulumeni nguyena ohlala egqugquzela abantu ukuthi bazakhele imisebenzi ezindaweni abakuzo, kuphinde kube yiwo futhi obaqedela lokho okuncane abasuke bekuzama. Mina imoto engihamba ngayo isindala impela kodwa iyanakekelwa futhi neservice yenziwa njalo ngoba ubasi ukubeka phambili ukuphepha kwabantu nokuhlonipha umthetho, kodwa okubuhlungu ukuthi ingena ngaphansi
kohlelo lwezimoto okumele zifahlazwe uHulumeni,” kuzikhalela uNdlovu ohlala ezakhiweni ezibizwa ngokuthi kusEmhlabeni esigcemeni sakwa-B eMlaza. Naphezu kokukhala ezinhlakeni ezithile uMbalula uthi lingawa licoshwe izinkukhu uMnyango wakhe uzoqhubeka
nalolu hlelo. “Uhlelo angeke lume. Sifuna ukuqhubeka ngoba siyikhathalele imboni. yamatekisi futhi iyingxenye yezinhlelo ezinkulu emnyangweni wezokuthutha,” kusho uMbalula.ISouth African National Taxi Council (Santaco) kubonakala