Amathimbazana aboHlanga kwi-DA awanikezeli



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
KUKHONA okwehlukile ngamathimbazana akwiDemocratic Alliance (DA). Yize besebancane eqenjini elabe lithathwa ngokuthi ngelabamhlophe, izintokazi ezintathu zaboHlanga ziguqule amatafula kuleli qembu. Okwakwamuva kube wukusula kwaloyo obephathiswe inqubomgomo yeqembu kuzwelonke.
Ngesonto eledlule uNks uSinethemba Amanda Gwen Ngwenya obeyiNhloko yoPhiko olubhekele iNqubomgomo kuDA nobesesibanmbe izinyanga eziyi-8 ubhalele umholi weqembu, uMnu uMaimane emazisa ngesinqumo sakhe sokwehla esikhundleni ayeqokelwe kuso.
Encwadini ayibhale mhla zingama-24 kuMasingana nonyaka, okaMtimande kakufihlanga ukudumala kwakhe ngakuchaze njengokuhlinzelwa ezibini yiqembu kanye nobuholi balo.
Kule ncwadi esibe ngundabamlonyeni, phakathi kwezinto abangeneme ngazo wukungahlinzekelwa ngezinsiza ekwenzeni umsebenzi kanye nokungabi nohlelo oluqondile lwalokho okumele akwenze. Khona lapho uthi ubekwa esicongweni nje kanawo ngisho amandla okuqasha abantu abazomlekelela, kunalokho unikwa amathwasa ukuba azosebenza ngaphansi kwakhe. Lokhu kuyinto akhombise ukungayenameli. Kepha okushaqise kakhulu wukuveza kwakhe ukuthi wabe ephethe nje ngegama ngoba kwabe kunezindawo okwabe kumele angasondeli kuzo manxa kufika kwinqubomgomo.
Le ntokazi edume ngokuthi iyama kulokho ekholelwa kukho kayiqali ukuma yodwa nokusho lokho ecabanga ukuthi kuyikho. Kuthangi lokhu ike yaba sematheni ngesikhathi iphikisana nalabo ( phakathi eqenjini) abebeqhakambisa iNqubomgomo kaHulumeni iBlack Economic Empowerment. . Iningi lalaba kwakungaboHlanga. Yize lokhu kwayenza yanyamanambana kwabanye ababeyisola ngokuthi ukucabanga kwayo kuvikela abamhlophe kepha ngakolunye uhlangothi kwaveza ukuthi leli yishinga lentombi isibili. Ithathe lesi sikhundla kwi-DA ngaphambi kwalokho ibisebenza njengeChief Operations Officer kwa-South African Institute for Race Relations. Iyisifundiswa njengoba phakathi kokunye ineziqu iBachelar of Law (LLB) eyazithola kwiNyuvesi yaseKapa, iMasters kwi-International Economics eyazithola eNyuvesi yase Paris.
Kayedwa kulokhu
Ubhilita nje okaMtimande akuyena owokuqala osola iqembu nobuholi ngokumbambisa iqanda lenjelwane nokumshiya okhalweni. Akuyena owokuqala ukukhala ngomholi weqembu. Ezinye izintokazi ezimbili zaboHlanga ezivela kweleNdlovukazi uMthaniya zike zadudulana neqembu nobuholi kwavalwa amehlo.
Kwaqala ngeqhikiza uNks uLindiwe Mazibuko nowayedume kakhulu njengomuntu wokuqala woHlanga ukuhola leli qembu ePhalamende. Wayengagayelwa mphako, elishishibeza iqembu elibusayo kungabi ndaba zalutho. Wayeyi nkanyezi ebhekwe ngabaningi ukuba iqhakaze ku- DA. Nokho zaguquka izinto uma sekukhona ukungaboni ngasolinye kuyena nomholi wangaleso sikhathi uNkk uZille. Yize kwakubukeka kuyimpi kaGoliyathi noDavide, okaPhuthini kwabona lonke izwe ukuthi kayona into yokudlala. Washiya waya kofunda e-United States of America. Kukhona abathi ukube usekhona ngabe leli qembu likwelinye izinga. Omunye owashikilisana nomholi weqembu kwaba nguNks uMbali Ntuli. Le ntokazi engakhathalelwe kuthenjwa yabe ingananazi kunokuphambana noNkk uZille neyabe imbeka njengomholi ongakwamukeli ukuphikiswa , othanda ukuzizwa yena nokuthi okushiwo nguye kuwumthetho. Kwake kwanemizamo yokuthi ayoqondiswa ubugwegwe kepha lokho kwashabalala ngoba lesi sikhuphekhuphe seqembu sabe simi lapho simi khona. Izigameko ezenzeka kulezi zintokazi zontathu zikhomba ubunzima obusemaqenjini epolitki, agcwele amadoda.
KuDA kukhona ukukhuluma okuthi kwedlulele. Balwela ukuba nezwi njengabesifazane abasebancane, babuye balwele nokuba nezwi njengaboHlanga enhlanganweni nabo sebayiqoma njengekhaya labo.