UZulu uphuziswe ihalazelo ngomhlaba


“UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uvikela ngisho umbulali owenze okwesabekayo ukuba athole ithuba lokuziphendulela. Kuyaxaka-ke ukuthi uZulu engabulele muntu ngomhlaba wakhe bese enqanyulezwa ngezinsolo kuthi kusenjalo anqatshelwe ukuziphendulela. UZulu namuhla eNingizimu Afrika uphathiswa okwemilanjwana engafunwa muntu. Sikhacwa ngabantu okwezinja ezidle amaqanda. Umbuzo uthi senzeni kubani. Yini lena eminyakeni engama-24 yedemokhrasi esivulele inzondo engaka ebhekiswe kimi nakithi. Yini lena engiyenze kuHulumeni? Uma kuwukuthi impi ibhekiswe kimi siqu yini pho kudikwadikwe uZulu nesimiso soBukhosi bakhe? Zenzeni izingane zami, wenzeni uZulu?”
Lawa ngamagama aphinyiswa yiSILO mhla lu-1 kuNtulikazi enkonzweni yesililo eyabe yandulela iMbizo kaZulu eyabe izoba sezinkundleni zemidlalo Ondini. Ukuphuma kombiko ongamakhasi ayi-144 owaziwa ngikuthi yi Final Report of the Presidential Advisory Panel on Land Reform and Agriculture nohlanganiswe yithimba eliholwa nguDkt uVuyo Mahlati yikhona okubuyisa lawa magama. Amanye amalungu akhona kuleli thimba kukhona; uSolwazi uRuth Hall, uSolwazi uMohammad Karaan, u-Advocate Tembela Ngcukaitobi, uMnu uDan Kriek, uNico Serfontein, uMnu Wandile Siholo, uNks Bulelwa Mabasa, uThato Moagi noNks uThandi Ngcobo. Ithimba leli liqokwe nguMengameli.
Embikweni walo ithimba kubukeka kukhona okungahle kucijise imikhonto phakathi kukaMengameli wezwe nokaKhongolose kanye noBukhosi. Ngonyaka owedlule mhla ziyisi-6 kuNtulikazi uMengameli wezwe wacela umhlangano ophuthumayo neSILO samabandla kulandela iMbizo kaZulu eyabe ingomhla zi-4 kuleyo nyanga. Kulo mhlangano uRamaphosa wathembisa ukuthi ngeke uthintwe umhlaba kaZulu noBukhosi jikelele. IMbizo yabe iyimpendulo kumbiko welinye ithimba elabe liholwa ngowayenguMengameli wezwe uMnu uKgalema Motlanthe. Lo mbiko owawungamakhasi angama- 601 obizwa nge Report of the High Level Panel on the assessment of key Legislation and the Acceleration of Fundamental Change, wabe uphakamise ukuthi kuqedwe uMthetho Ingonyama Trust we-1994. Lo Mthetho waba ngowokugcina owashaywa nguHulumeni wakwaZulu unika uBukhosi (ngaphasi kweSILO) amandla okwengamela umhlaba woBukhosi KwaZulu-Natal. Lo mhlaba wabe uhlanganisa izindawo zakobantu, lezo ezisemakhaya ezibhekwe ngaMakhosi ezizwe kanye nalezo ezisemalokishini.
Phakathi kwamalokishi ayebaliwe kwakuyi-KwaMakhutha, uKwaMashu, Umlaza, eMagabheni, KwaNdengezi, iMpumalanga, iWembezi, Ezakheni, Osizweni, iMadadeni, eSikhaleni, iNgwelezane, uSundumbili, iGezinsila, iNseleni, kwaMsani neGamalakhe. Amanye amalokishi kuhambe kwahamba aphuma emuva kwesivumelwano. Okugqamayo ngalo mthetho nangalezi zindawo wukuthi kwakungesona isipho esabe sinikwa ISILO noma uZulu kepha lokhu kwabe kulithonsi nje enhlabathini eyemukwa aboHlanga ngezikhathi zamaKoloni kanye noHulumeni wobandlululo.
Ithimba likaMotlanthe phakathi kwezinto elabe lisola ngazo Ingonyama Trust nokwenza laphakamisa ukuthi ayiqedwe wukuthi ubukhona bayo benza “isifundazwe iKwaZulu-Natal sehluke kwezinye” sibe yizwe phakathi kwelinye izwe”. Umbiko waphinde wasola Ingonyama Trust “ngokungabi nohlelo lokubika nokuzibophezela ngokwedemokhrasi okuqondile”. Ngalokhu ithimba libhale lathi: ISigungu siphakamisa ukuqeda uMthetho We-Ingonyama Trust ukuze iKwaZulu-Natal ihambisane nenqubomgomo yezwe ngolomhlaba, nokuthola indawo yokuhlala yemiphakathi nezakhamuzi ezithintekayo. Uma isiphakamiso singafezeki masinyane, kufanele kube nezichibiyelo ezibanzi. Kufanele batholele abantu amalungelo endawo abathintekayo, baqinisekise ukuthi umhlaba unikezwa umuntu noma uhlaka olunokuzibophezela ngokwedemokhrasi.”
Ithimba likaMotlanthe laphakamisa ukuthi ISILO noZulu baphathelwe umhlaba nguNgqongqoshe okuyinto osomlando bomlando kaZulu abayihumusha njengesenzo esedlula leso esenziwa ngamaKoloni noHulumeni wobandlululo.
Umfudumezo?
Kukhona ukukhuluma okuthi lo mbiko wakamuva kawehlukile kokaMotlanthe njengoba izizathu, izibonakaliso ezibekwayo zifana ncamashi. Okunye leli phephandaba elingakuqinisekisa wukuthi njengoba kwenzeka kuMotlanthe nakulokhu iBhodi noMdala kabakaze bathintwe ukuze baziphendulele. Ngasohlangothini lethimba likaDkt uMahlati kubukeka kungekhona okwehlukile.
Embikweni walo ithimba lathi livumile ukuthi izinguquko ziyadingeka ku-Ingonyama Trust. Kuphakathi kokuthi i-Ingonyama Trust Act iyasulwa nayo iTrust ihlakazwe noma ukuphathwa komhlaba kwehliselwe kohulumeni bendawo, abahlali banikwe amalungelo ukuphathwa kwezindawo kube semiKhandlwini yeNdabuko,” kufundeka umbiko.Kusenjalo, ithimba eliluleka uMengameli nalo lathi kunemithetho emihlanu ethikameza ubunini nokubuswa kwemihlaba yasemakhaya.
Le mithetho yiTraditional and Khoi-San Leadership Bill (ophathelene nobuholi bemiphakathi yendabuko nesizwe samaKhoi-San), iTraditional Leadership Governance Framework Amendment Bill (uhlaka oluyisichibiyelo sokuholwa nokubuswa kwabomdabu), I-Indigenous Knowledge Bill (ophathelene nolwazi lokwendabuko), iCommunal Property Associations Amendment Bill (isichibiyelo esiphathelene nobunini bemizi ezindaweni zabomdabu) neTraditional Courts Bill (ephathelene nezinkantolo zabomdabu). Ithimba lathi le mithetho “inokungahambisani, ayenzi mqondo futhi cishe inokuphambana noMthethosisekelo wezwe.”