IDA ivikela ISILO ne-Ingonyama Trust
Engxoxweni ekhethekile uMaimane uthi abathi akuphele Ingonyama Trust bayikake lapho ingalele khona
UNYAKA uqale ngelinye igiya odabeni oluthinta umhlaba woBukhosi KwaZulu-Natal. Lokhu kulandela umbiko okhishwe yithimba elabe lihlanganiswe yilowo owayelisekela Mengameli uMnu uKgalema Motlanthe. Lo mbiko ongamakhasi angama-601 kunengxenye ekhuluma ngomhlaba kanye nobunini bawo eNingizimu Afrika. Umbiko uphuma iqhubu nohlaka Ingonyama Trust olwenganyelwe nguNomthebe kaZulu, ISILO. Ababhali bombiko basola isakhiwo Ingoyama Trust esengamele umhlaba woBukhosi KwaZulu-Natal phakathi kokunye ngokungahambisana nedemokhrasi. Kanti okunye ukukhala okukhulu okuvezwe ngohlanganise umbiko uNkk u-Aninka Claassens wukuthi ubukhona bayo kwenza eleNdlovukazi uMthaniya lehluke kunezinye izifundazwe eNingizimu Afrika. Umbiko ube usuphakamisa phakathi kokunye ukuthi Ingoyama Trust iqedwe noma umthetho oyilawulayo uchitshiyelwe kususwe amandla okuyilawula kuNomthebe kaZulu ayiswe kuNgqongqoshe owengamele ezomhlaba.
Le nkulumo eqalwe ukushicilelwa yiBAYEDE mhla zili-11 kuMasingana ngowezi-2018 ihunyushwe njengokukhomba iSihlalo ngomunwe, ithukuthelise uZulu wonkana. Ezinkundleni zokuxhumana iningi labantu belibabaza lesi siga esivelela uNomthebe nesizwe. Ekhuluma ngokwesikhundla njengoNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene emgubhweni wokukhumbula Impi YaseSandlwana yangowe-1879, lapho uMkhumbi wempi kaZulu wadla abafo khona ulilele ISILO wabalisa ngokuthi nxa ehamba emhlabeni uzoshiya ISILO “otavataveni”. AMakhosi akhe isimiso soBukhosi bukaZulu.
Kuleli sonto ukubabaza kuqhamuke lapho bekungalindelwe khona ngesikhathi umholi weqembu elikhulu kwaphikisayo ePhalamende lakuleli iDemocratic Alliance (DA), uMhlonishwa uMmusi Maimane ekhuluma nelaboHlanga evikela ISILO kanye nohlaka Ingonyama Trust
“Asikwazi ukuthi sikhulume ngokuvikelwa koMthethosisekelo bese siphinde siphikisana nawo. Thina siyakwamukela ukuthi uMthethosisekelo wezwe uvikela ubukhona boBukhosi”, kusho uMaimane. Ube eseveza ukuthi “sisekhona isidingo soBukhosi kuleli.
UMaimane obebukeka nasebusweni ukuthi lesi sihloko usizwa ngaphakathi uthe labo abathi akuqedwe Ingonyama Trust bayikake lapho ingalele ngakhona. Weluleka ngokuthi kunalokho akuboniswane ngalolu daba.
“Ziningi izinkinga ezibhekene nelakuleli okumele zilungiswe. Kuyamangaza ukuthi abantu baKwaZulu-Natal kabanankinga nge-Ingonyama Trust bese kuthi abantu abavela ngaphandle bona babe nenkinga. Yebo kungenzeka ukuthi zikhona izinkinga okungathiwa zikhona kepha nxa zikhona kumelwe kuxoxwe ngazo,” kusho lo mholi weDA.
Uqhube wathi: “Okumele ngabe kuxoxwa ngakho wukuthi lezi zindawo zoBukhosi zingathuthukiswa kanjani, kukhulunywe ukuthi kungenziwa njani ukuze kukwazi ukuba kutshaleke izimali kuzo. Kumele kuboniswane ngokuthi kungayini iqhaza loBukhosi ekuthuthukiseni lezi zindawo.” Kuchaza uMaimane. Okunye athe kungabhungwa ngakho wukuthi zingathuthukiswa kanjani ezolimo ezindaweni zoBukhosi.
Ukuyokhonza koMkhulu
Khona lapho ube eseveza ngokufezeka kwesifiso sakhe sokuba ayokhonza koMkhulu nayilapho ethe uyowubeka umbono wakhe koMdala ngalolu daba. “Ngathokoza kakhulu ukukhuluma nobaba (ISILO) ekupheleni konyaka owedlule. Okwangihlaba umxhwele yindlela angamukela ngayo washo nokuthi izandla zakhe zivulekile nakithi”
IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi lo mholi uzohambela koMkhulu, oSuthu ngempelasonto ezayo. Yize iningi lamaqembu aseke ahambela koMkhulu noma umholi ofana noMnu uZwakele Mncwango beba yingxenye yemikhosi kaZulu njengalowo woMhlanga, kuyobe kungokokuqala ubuholi beDA kuzwelonke nasesifundazweni buyokhonza ngokusemthethweni koMkhulu.
UNomthebe kakufihli ukungenami kwakhe ngalokho akubize ngokuthathwa ngomphefumulo kaZulu. “Empeleni umhlaba ungumphefumulo womzimba woBukhosi. Angeke nangelilodwa ilanga sivume ukuba sibulawe ngokuthi kuthathwe umphefumulo wethu”, kusho uNomthebe ebhekise kubuholi be-African National Congress (ANC) obabe buholwa nguMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa. Kanti libuye labubula iBhubesi ngesikhathi kukhunjulwa Impi YaseSandlwana ngoMgqibelo owedlule: “NjengoZulu siyazibuza ukuthi sizondelwani. Ukuthi senzeni kubani ngoba ngilapha nje angikaze ngiqale muntu. Ngihleli lapha phakathi kwenu angikaze ngiyoquba kwezinye izindawo ngakho belu ngoba iNkosi lapha kwaZulu ifa kubantu bakayise njengoba nabantu befa lapho kufa khona iNkosi.
“Njengoba nazi ukuthi selokhu ngakhonjwa ngumlando ukuba ngihlale kulesi sihlalo ngazibophezela enkonzweni yokuthula, ukubuyisana nentuthuku. Kepha konke lokhu akusho ukuthi kumele ngifakwe umunwe esweni kungenasidingo. Bakithi asingathunukwa ngoba nxa kukhulunywa ngomhlaba kithi akulona uteku kepha yinto yokuqala esingayivikela nokuyisifundo esasithola lapha eSandlwana eminyakeni eyi-139 eyedlule,” kusho uNomthebe. Ube esesola labo abenza uZulu azizwe engamukelekile.
“Lesi sizwe engisiholayo esinguZulu senza umnikelo ongelinganiswe emzabalazweni nasentuthukweni yaleli zwe. Ngakho akukho umuntu ozosenza sizizwe singamukelekile eNingizimu Afrika. Othi uZulu kafanelwe ngokugcono akaphumele obala sizwe ukuthi lokho ukusho ngani angacashi ngezinhlaka zikaHulumeni namaKhomishini noma ngeqembu lepolitiki. Lowo noma lelo qoqwana kuyomele lisitshele ukuthi nxa lithi okuhle akusifanele kuleli elakhandwa ngezingazi zamadoda usho ukuthi kithi nasezizukulwane ezizayo. Uthi singabakuphi thina nxa ecathamela umhlaba wethu? Sithule kudlalwa ngathi ezweni lethu?
OMdala uphethe ngokuthi ayihlale phansi ibambe umthetho okwamanje. “Ngingumuntu owulandelayo umthetho ngoba ngibekwe phezu kwesakhiwo esidinga ukulandelwa komthetho. AmaZulu engiyinhloko yawo ayawazi umthetho. Ayazi nxa kumele athule alalele. Ayazi nxa kumele etshise udaba lolo olumqoka. Ayazi futhi nxa kuthiwa ayidle izinkomo zamadoda lapho isiphakiwe. UZulu uyazi futhi nxa kuthiwa ‘ayihlale phansi ibambe umthetho’. Okwamanje usalalele futhi usetshisa. Yikho ngithi phezu kwalokhu kuchukuluzwa ngithi; ‘Zulu ayihlale phansi ibambe umthetho’,” kusho uNomthebe.