Kweqana izibiba: Izivuvaba kuKhongolose
Izigameko zakamuva nobufakazi ngokukhishwa kukaZuma kushiye imibuzo kwaqinisa neyoqhekeko eqenjini elibusayo
NGESIKHATHI uMnu uJulius Malema esungula iqembu lakhe i-Economic Freedom Fighters (EFF) emveni kokukhonjwa indlela kuKhongolose, kumalungu amaningi e-ANC kwafana nokwehlukana kwenhloko nesixhanti njengoba kwabe sekuzoshintsha izinto sekungeke kube khona okuzohlanganisa lo mholi nezindaba zeqembu elimxoshile.
UMalema kwase kumele abhekane nezindaba zokukhulisa iqembu lakhe ayesekushilo zisuka ukuthi ngokusungulwa kwalo uqonde ukuqumba phansi i-ANC, nokuyikhombisa ukuthi ikhona impilo ngale kwayo. Kuyinamuhla iqembu lakhe liyadlondlobala zinsuku zaphuma. Lokhu kufakazelwa nayimiphumela yokhetho lwakamuva kuzwelonke nasezifundazweni lapho likhule khona ngamawala. Emuva kweminyaka eyisithupha kwasungulwa i-EFF, uMalema ubonakala esayibambe ngamankwahla i-ANC ngoba cishe zonke izindaba zayo ezibucayi zangaphakathi uyazazi. Muva nje nguye lo mholi omemezele ondunankulu be-ANC ngaphambi kokuba isigungu esiphezulu seqembu senze isimemezelo esisemthethweni.
Nguyena lo mholi okhulume kuqala ukuthi iqembu elibusayo aliboni ngasolinye ngodaba lwama-etolls esifundazweni iGauteng nebala kwaya ngawo amagama enkehli njengoba kucacile ngesikhathi idumelana ngamazwi esidlangalaleni phakathi kukaNdunankulu wakhona uMnu uDavid Makhura noNgqongqoshe Wezezimali uMnu uTito Mboweni.
UMalema akagcini nje ngokwazi izindaba zepolitiki zangaphakathi kuKhongolose, kodwa ukhuluma esidlangalaleni ngisho nangobudlelwano babo bezothando njengoba aphimisa ngoMengameli uRamaphosa ethi unama “cup cake” (okusho izintombi) okuyinto ekhulunyelwa phansi, kodwa ngesikhathi sikaMengameli uZuma kwakwazi izwe lonke ukuthi uyisoka lamanyala. Okwaleli sonto ukuphahluka kwakhe ukuthi owayenguNgqongqoshe Wezokuvakasha uMnu uDerek Hanekom noMnu uSolly Mapaila onguSekela Wesibili kaNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) ngokuthi bahlangana isinyenyela ne-EFF ukuze kuketulwa uZuma esikhundleni.
“Siyabona nje uHanekom noMapaila sebethi singamavukelambuso. UHanekom wahlangana nathi ukuqumba phansi iqembu lakhe.” Kubonakala zibhajwe kweziludlayo kuHanekom wavuma ukuthi wahlangana nelungu le-EFF uMnu uGodrich Gardee kwaMugg and Bean baphuza itiye lapho bavumelana khona ngokuthi bazosebenzisana ukuchitha uZuma. Isenzo sikaHanekom siqubule ukukhuluma sahlukanisa phakathi neqembu ngokwemibono. UZuma ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi uHanekom ngumdayisi omdala futhi lokhu kufakazela akugagula kuKhomishini kaZondo ethula ubufakazi ngeledlule.
Zibhajwe kweziludlayo kuHanekom
Isikhuni sibonakala sesibuya ngomkhwezeli kuHanekom ongase abhekane nokuqondiswa ubugwegwe yiqembu lakhe ngokwephula umgomo olawula ukuziphatha kwamalungu ngokuzivumela ukuthi nempela wahlangana neqembu eliphikisayo bakha itulo lokuketula uZuma.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uHanekom esenguSihlalo Wekomiti lokuqondiswa ubugwegwe ku-ANC, waxosha uMalema enhlanganweni ngoba ephule umgomo ofanayo. Kwala noma uMalema esefake isicelo sokwedlulisa icala uHanekom noMnu uCyril Ramaphosa owayenguSekela Mengameli we-ANC ngaleso sikhathi bahlangana basichitha isicelo sakhe nokwaholela ekutheni ibhantshi ligcine ligcwale umoya kumfo kaMalema. Ofake uHanekom enkingeni nguyena kanye uMalema owamxoshisa kuKhongolose njengoba sekunguyena ongena kulo mgogo.
UMalema uphinde wathi uHanekom wabanikeza uhlu lwamalungu e-ANC asePhalamende ayezovota namaqembu aphikisayo. Uphinde wadalula nokuthi ngesikhathi i-ANC isilungiselela ukuya engqungquthutheleni yokukhetha ubuholi obusha ngoZibandlela wezi-2017 eNasrec, eGoli wabahlebela ukuthi uhlangothi lwabo olwalesekela uRamaphosa lwase lunezinhlelo zokuxebuka kuKhongolose luyozivulela eyalo inhlangano uma kwenzeka kunqoba uhlangohti lukaDkt uNkosazana MaDlamini Zuma.
Kwase kuvele sekunemvunge yokuthi vele lase likhona iqembu elase lisunguliwe ukuvivela isimo esasingase senzeke kule ngqungquthela. Lelo qembu belibizwa nge-African Democratic Change (ADeC) elasungulwa nguDkt uMakhosi Khoza naye owayexoshwe kuKhongolose ngenxa yobuhlongandlebe ekhuzwa ukuba apheze ukugxekana noZuma esidlangalaleni.
Lokhu kwaqinisekiswa nangabanye babasunguli be-ADeC ngonyaka odlule abakhuluma nentatheli yeBAYEDE bethi ngempela kukhona abaholi be-ANC ababanesandla ekusungulweni kwaleli qembu ngoba becuthele ukuthi uma behlulwa engqungqutheleni bonke bathutheleke kulona. Yikhona okwenza uDkt uKhoza agcine exoshiwe kulona ngenxa yokuthi wayesethi asisekho isidingo salo sekumele livalwe kubuyelwe ku-ANC ngoba sekunqobe umuntu naye ababembhejele okanye lingabe lisaba yiqembu lezepolitiki kodwa