Now Reading
Umbiko namahlazo ngokusebenza ngezimali kwaNongoma
Dark Light

Umbiko namahlazo ngokusebenza ngezimali kwaNongoma

EMASONTWENI edlule leli phephandaba libike kabanzi ngombiko obuphenya ngezinsolo zenkohlakalo wakwaNongoma owaziwa ngeForensic Investigations into Allegations of Maladministration, Fraud, Tender, Irregularities, Corruption,  Misrepresentation and Wasteful Expenditure against Nongoma Municipality. Uphenyo lwalwenziwa yinkampani yabacwaningi iNMK Forensics ngokunxuswa uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal ngokulandela  iSigaba-106 soMthetho Wohulumeni Bezindawo, iMunicipal Systems Act, 2000.

Phakathi kokunye kulo mbiko kuvela ukuthi uMasipala wawenza imisebenzi nabasebenzi abangaphakathi kuwo besebenzisa abantu abathile ezinkampanini zabo. Kulaba basebenzi kubalwa namakhansela. Okunye okuvelayo kuwo ukuthi uMasipala kunezinsolo zokuthi wawuqasha abasebenzi ezikhaleni ezabe zivele zinabantu abasebenza kuzo, kokunye kuqashwe abantu abangenazo izicucu ezifanele zomsebenzi namava.

Ngokwalo mbiko uMasipala kuthiwa waqasha uMnu u-Innocent Sabelo Ndlela esikhundleni sokuba iMeneja Yezokuxhumana engenazo izicucu zemfundo ezihambisana nalo msebenzi, futhi noMasipala wehluleka ukusukumela lolu daba ngokuthatha izinqumo.UNdlela wabuye wanikezwa abaqaphi ngaphezu kwalobu bumnyama. Kunezinkampani ezibalulwa kulo mbiko okuthiwa zazisetshenziswa njengeZanele Asande, iChris Virgies Consulting, iSibuko Samacambi, iMacre Solutions neMacre Security Services.

Umbiko uthole ukuthi abukho ubufakazi bokuthi zakhokhelwa kodwa okwavela ukuthi zazisohlwini lwezinkampani ezingasetshenziswa uMasipala ukuzinikeza imisebenzi, futhi ukuba khona kwazo ohlwini kwakuwukuthi zihlomule ngemisebenzi. Ngokuqhubeka nophenyo ubufakazi baveza ukuthi nakuba lezi zinkampani zingakhokhelwanga ngoba zingazange zenze imisebenzi, kodwa kwavela ukuthi ezinye zazo abaqondisi nabanikazi bazo kwakungabasebenzi bakaMasipala nezihlobo zowayeyiMeya uKhansela uMataba.

UMnu uSimphiwe Mataba kwakufanele aveze kuMasipala ukuthi umkakhe wenza ibhizinisi noMasipala yingakho kumele abekwe amacala ngokuhluleka ukuziphatha  nokuveza lokhu kusebenzisana noMasipala. Umbiko waphonsela umasipala inselelo ukuba uqinise umthetho ophikweni lokuthengwa kwempahla njengoba eminye imiqingo yalezi zinkampani ezike zabalulwa kulo mbiko yayilahleka ingabe isatholwa. Ngokuqhubeka kombiko kuvela nokuthi kunemali eyasetshenziswa budedengu emcimbini weHIV lapho uMasipala wathwala izindleko owawungazilungiselele ngokunikeza izipho ababeyizimenywa. Ngokombiko,

“Lo mcimbi wenzeka zingama-20 kuZibandlela wezi-2016 wadla imali eyizi-R505 081.00 ekubeni kwakubekwe eceleni imali eyizi-R500 000 .00. Imali eyasetshenziswa uMasipala ungagunyaziwe yafinyelela esi-R1 7000.00. Lemali yasetshenziselwa ukukhipha izipho njengezinkomo neziklabhu. Imeneja yoMkhandlu uMnu uNtanzi  neMeya uMnu uMataba yibona abantu ababhekele lokhu futhi abandisa izindleko ezazingagunyaziwe. Enye imali eyasetshenziswa yayingagunyaziwe ingekho nasesabelweni sezimali. Kuphakanyiswa ukuthi uMasipala ubeke ubeke icala  uMnu uBE Ntanzi nesikhulu esibhekele izimali ngokungaphathi kahle izimali  ngokulandela isigaba- 171 seMunicipal Financial Management Act.” Ingxenye enkulu yalo mbiko iphuma iqhubu noMnu uNtanzi.

See Also

Ibuzwa ukuthi uMasipala usuhambe ibanga elingakanani ekuthatheni izinyathelo eziyizincomo ngalo mbiko, iMeneja kaMasipala uMnu uMpumelelo Mnguni uthe umbiko wabaphenyi sebewutholile njengoba kwaziwa futhi usudlulile ezinhlakeni okumele udlule kuzona.

“Okwamanje angizukwanda  kakhulu ukuthi sesingakhipha izitho zawo nensoyama ngoba ngabe sesenza lokhu okuthiwa ukuyikhulumela emlilweni. Lokho kunengozi.  Asihleli dekle siphezu kwawo umsebenzi njengokulawula kwalabo ababephenya udaba. Emavikini alandelayo singakwazi ukukhipha imihlubulo ngoba okwamanje kusabhidla isidleke,” kuphetha uMnguni okugcizelele ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzokwazisa leli phephandaba ngezinyathelo abazozithatha njengoMkhandlu.

 

Scroll To Top