Lusakhetha iphela emasini uxhaso lwamabhasi



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Bathi phezu kwemizamo emihle kaHulumeni aboHlanga basephandle ebhizinisini lamabhasi KwaZulu-Natal
“BANINGI osomabhizinsi boHlanga embonini yamabhasi KwaZulu-Natal abacekelwa phansi ngozakwabo bamaNdiya. Iningi lalabosomabhizinisi basele ngaphandle ezinhlelweni zikaHulumeni zokubatakula.”Lawa ngamagama aphinyiswe ngoNkk uMaki Mogale noMnu uGezani Anton Chili nababesekhaleni lezinhlelo zokufaka aboHlanga ebhizinisini lamabhasi kweleNdlovukazi uMthaniya. Bobabili bazise intatheli yeBAYEDE ukuthi baningi kubalingani babo abagcine besele ngaphandle oxhasweni loMnyango Wezokuthutha nokuthi imizamo emihle yokubatakula kophathiswe lo Mnyango, uMhlonishwa uMxolisi Kaunda iphelela ezeni.
“Baningi ozakwethu abasale ngaphandle oxhasweni lwemali yokuvusa amabhizinisi abo acekelwa phansi ngamaNdiya,” kusho uNkk Mogale.Khona lapho uphawule ngohlelo lwethenda yokuthutha izingane zesikole nathe seluvele lwabhozomelwa ngosomatekisi.“Ogwini lwesifundazwe, cishe yonke imizila ingaphansi komndeni owodwa nobugxile embonini yamatekisi. Ngenxa yalezi zinkinga zokungena kosomatekisi, sengithathe isinqumo sokuhoxa ngingabe ngisazihlanganisa nezinto ezihlangene namabhasi,” kusho uNkk uMogale.
Eminyakeni emithathu eyedlule uNkk uMogale wabhobosa ithumba kuleli phephandaba ngenkohlakalo ebiqhubeka kule mboni okuthiwa yayithinta nezikhulu zoMnyango Wezokuthutha. Emuva kokushicilela udaba iningi losomabhizinisi boHlanga baphumela obala nokwenza uMnyango wenza ngakhona ngesikhathi ungenelela.Ukungenelela koMnyango oholwa nguKaunda ngonyaka wezi-2016 kwaba ngohlelo loxhaso lwemali okwakuseyisigamu sokuqala nokwahlomula kulo izinkampani eziyisi-9 ezabe zisabalale kulo lonke eleNdlovukazi uMthaniya.
Khona lapho ngaleso sikhathi kwaphuma ithenda yokuthutha izingane zesikole. Isikhalo kwabe kuwukuthi ukuthuthwa kwezingane kwabe kuhlomulisa izinkampani zemindeni yamaNdiya.Ngesikhathi ethula lolu xhaso uKaunda wathi kumele siguqulwe isimo ebesiqhubeka kule mboni njengoba bekulokhu kuhlomula abanikazi bamabhasi abambalwa boHlanga oluthile kube kukhishwa inyumbazana iningi labantu, ikakhulukazi aboHlanga.
“Lesi simo ngeke sisivumele siqhubeke. Kufanele siguquke,” kusho uKaunda nowaphinde wakuvuma ukuthi ngaphambilini bebexhashazwa aboHlanga ebebetetiswa ezinkampanini zezikhondlakhondla zamaNdiya, nokuthi ezinye zalezi zinkampani bezibhalisa abashayeli njengabancikiswa ukuze kubonakale sengathi zilandela imigomo ebekiwe zingabe zisabanika aboHlanga imihlomulo efanele.“Ngaleyo ndlela imboni yamabhasi yaqhubeka nokuqhoqhobalwa yimindeni embalwa yohlanga olulodwa,” kuqhuba uKaunda. Ezinkampanini zamaNdiya ezabe zisolwa ngomgolo nobuqili yilezi ezilandelayo; i-Alton Land Bus Services kaMnu uJay Singh, iTransnet Bus Services kaMnu uMohamed Parak odume ngelikaMsobho.
IKwaZulu-Natal Transport (KZT) Cruiser kaMnu u-Ishawarlall Mangaroo, iDaas Group neSouth Coast Bus Services engaphansi komndeni waKwa Daas.
Abahlomula nabangahlomulanga
Phakathi kwezinkampani ezahlomulayo kwaba yilezi: eZululand: kwaba yiMondlo Bus Services eyabe inamabhasi ayisithupha neyaxhaswa ngezigidi eziyisi-R7.3, i-Isihlangene Bus Services enamabhasi angama-24 exhaswe ngezigidi ezingama-R25.8 neZululand Bus Services enamabhasi angama-44 exhaswe ngezigidi ezingama-R45.9.
OThukela kwahlomula iZakheni Transport Services enamabhasi amathathu exhaswe ngezigidi ezili-R11.2. EMgungundlovu: kukhona iSiyavuna Bus Company eyabe inamabhasi amathathu neyaxhaswa ngezigidi ezi-R2.1. Kwathi eKing Cetshwayo District, kwahlomula iMthonjaneni Transport Services eyabe inamabhasi ali-14 neyaxhaswa ngezigidi ezili-R15, iSonke Transport eyabe inamabhasi amathathu yaxhaswa ngezigidi ezi-R2.6, i-Inkwelo Coaches eyayinamabhasi ayisi-7, eyayixhaswe ngezigidi eziyisi-R6.3 neMatune Trading eyabe inamabhasi angama-40, neyaxhaswa ngezigidi ezingama-R43.2.
Phakathi kwezinkampani zaboHlanga okuthiwa zasala ngaphandle kubalwa iSizwe Bus Transport Services (SBTS), iMasinqobe Bus Services (MBS) eyasungulwa ngabasebenzi benkanmapni iKZT okwakuyinkampani eyayiphethwe nguBIC ngesikhathi kusenguHulumeni wobandlululo.
UChili owayengomunye wabaphathi benkampani, iThalente Lama-Afrika (Pty) Ltd nosehlala ngokugula uselilahlile ithemba lokuthi ayoke aphinde abuye amabhasi akhe angama-40 athi aqhwagwa nguMnu uJay Singh nomndeni wakhe ngoba kunecala alivula laphelela emoyeni. UChili umile ekutheni wahlinzelwa ezibini waboshelwa amanqina enyathi yizikhulu zoMnyango ezamephuca iqatha emlonmyeni yena nomndeni wakhe.
“Namanje odabeni lwethu kusacwebe isiziba asiboni mnyakazo ngaseMyangweni, yize wawethembise ngowezi-2016 ukuthi sizolekelelwa. Singajabula uma IBAYEDE ingaphinde ilulandele lolu daba,” kusho uChili ngomunyu.
UKhulumela uMnyango Wezokuthutha uMnu uKwanele Ncalane ugcine engabuyanga bezimpendulo yize ebethembisile.