Ziyaqonga izinkinga zokungaphathwa ngendlela kwezimali zomphakathi komasipala
UMasipala uMgungundlovu usolwa ngokusebenzisa budedengu imali yengqalasizinda
EMVENI kokudlula kokhetho lukazwelonke ngoNhlaba olwalubhekwe ngabovu ezweni njengoba lwaluzosho uguquko kwezepolitiki nakuHulumeni, okusematheni manje kubantu baseNingizimu Afrika ukhetho loHulumeni Bezindawo oluzobanjwa esikhathini esiyizinyanga ezili-18.
Lolu khetho luthathwa njengolumqoka ezweni ngoba luthinta ngqo abantu emazingeni aphansi nomasipala umsebenzi wabo okuwukuhambisa intuthuko kubantu.
Ukuxhugela komasipala okuhambisana nokuhluleka ukuphatha ngendlela izimali okugcina sekunomthelela emaholweni ezisebenzi nokuhambisa izidingo kubantu kulahlisa ithemba umphakathi ekwethembeni uMasipala.
Omunye uMasipala osekubikwe ukuthi itshe limi ngothi kuwo ngowaseMgungundlovu osekuputshuke umbiko wokuthi indlela lo Masipala oxakeke ngayo ngakwezezimali usuze waphoqeleka ukuba ukhokhele izisebenzi ngemali eqhamuka esikhwameni soxhaso oluqhamuka kuMgcinimafa Kazwelonke esibhekelele ukuletha intuthuko emiphakathini. Iqembu eliphikisayo kuwo iDemocratic Alliance selisabise ngokuwuthathela izinyathelo zomthetho.
Lolu xhaso luqhamuka ngaphansi kwesikhwama esibizwa ngeMunicipal Infrastructure Grant (MIG) esibhekelele izidingo zomasipala abehlukene. IMenenja yalo Mkhandlu uDkt uRay Ngcobo wavuma phambi koMkhandlu ukuthi ngenxa yokugajwa yizinkinga zezimali kuze kwaphoqeleka ukuba bakhokhele izisebenzi ngemali ephuma kulesi sikhwama ngoNhlaba. Khona lapho uDkt uNgcobo wabuye washaya ungqimphothwe emuva kwenkulumo wathi imali abayisebenzisa babuye bakwazi ukuyibuyisela emuva.
Lolu khondolo komasipala KwaZulu-Natal selujwayelekile njengoba ngoNdasa uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nohuholi BoMdabu ufake uMasipala Abaqulusi eVryheid ngaphansi kohlelo lomlawuli ngokungaziphathi kahle izimali okuholele ekutheni abasebenzi bagcine sebeholelwa ngemali yohlelo lwesikhwama soxhaso.
Ekhuluma neBAYEDE umholi weKhokhasi yeDA kulo Masipala uMnu uBongumusa Nhlabathi uthe akazi ukuthi abaphethe uMasipala abuvumi ngani ukuba ufakwe ngaphansi kohlelo lomlawuli njengoba isimo sezimali sisibi.
Uthe bazoluthathela izinyathelo zomthetho lolu daba njengoba kungekho emthethweni ukushintsha imali esikhwameni soxhaso isetshenziselwe ezinye izidingo ezingaqondene nokuxhasa izinhlelo eziletha intuthuko emiphakathini nesiza abahlwempu.
UNhlabathi uthi okucasula kakhulu wukuthi lesi sinqumo uMasipala wazithathela uwodwa ngaphandle kokubika phambi koMkhandlu njengoba umgomo ugunyaza ukuthi zonke izinto ezithinta ukusetshenziswa kwezezimali kufanele ziqale zethulwe phambi koMkhandlu wonke, kuvunyelwane ndawonye, kube yima kuthathwa isinqumo.
Ikhansela le-Economic Freedom Fighters (EFF) kulo Masipala uMnu uKhumbulani Nene uthe nabo bakhala esifanayo njengoba kungumgomo ukuthi udaba oluthinta ukusetshenziswa kwezimali kumele lwethulwe ngaphambi ngoMkhandlu kuqala okukhombisa ukuthi le mali ephumile iphume ngendlela engekho emthethweni.
“Siyacabanga ukuthi kwashelela ulimi kuDkt uNgcobo ngenkathi ekhuluma indaba yokusetshenziswa kwale mali aphinde athi yabuyiselwa esikhwameni emuva kokuba esevalelwe ekhoneni ngemibuzo,” kuqhuba uNene.
Uthe kube kubi ukuthi ngesonto eledlule ngenkathi uMkhandlu uhlangene, iMeneja ingabikhona ngoba bebesafuna ichaze kahle mayelana nokusetshenziswa kwemali esesikhwameni soxhaso.
Ebuzwa mayelana nalezi zinsolo, okhulumela uMasipala uMnu uBrian Zuma uthe lolu daba kwakhulunywa ngalo emhlanganweni woMkhandlu, ngakho akukho okunye abangakuphawula.
Isitatimende esikhishwe inhlangano yomasipala iSouth African Local Government Association (SALGA) esiphendula lolu daba sikubeke ngokucacile ukuthi ngokwenqubomgomo ebizwa ngeDivision of Revenue Act (DoRA) icacisa ngokusobala ukuthi akuvumelekile ukusebenzisa imali engaphansi kwalesi sikhwama soxhaso lokusiza imiphakathi ukufeza ezinye izidingo ngaphandle kwalezo okusuke kuvunyelwene ngazo.
Siqhuba isitatimende sithi omasipala kumele babhalele uMgcinamafa Kazwelonke zinyanga zonke bechaza ukuthi isetshenziswe kanjani le mali.
“UMgcinimafa Kazwelonke unelungelo lokugodla le mali uma kutholakala ukuthi ayisetshenziswanga ngendlela, futhi kwangabikhona incazelo ecacile ngokusetshenziswa kwayo. NgokukweSigaba 22 seDoRA uma kukhona imali engaphansi kwalesi sikhwama engasebenzanga kwaze kwashaya isikhathi okufanele ngabe isetshenziswe ngaso, omasipala banelungelo lokubhalela uMgcinimafa Kazwelonke bamazise ukuthi ibekelwe uhlelo oluthuile oseluhlonziwe. Ukwamukelwa kwalezi zicelo kugcina mhla zingama- 31 kuNcwaba wezi-2019,” kuphetha isitatimende.
IHhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke likuqinisekisile ukuthi imali ebekwe kulesi sikhwama akuyona eyokukhokhela abasebenzi kepha ibhekele ukulekelela ezinhlelweni zentuthuko ezithinta imiphakathi entulayo.
Nalo lihambe emazwini akwaSALGA njengoba licacisile ukuthi kunomthetho owaziwa ngeDivision of Revenu Act (DoRA) okuyiwona olawula ukusetshenziswa kwezimali ezingaphansi kwalesi sikhwama, waphetha ngokuthi imali engaphansi kwalesi sikhwama soxhaso kumele isebenze ngokuhambisana nemigomo yalo mthetho, ingenzi okunye okuseceleni.
Okhulumela uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nobuholi BoMdabu uMnu uLennox Mabaso uthe kuyicala ukusebenzisa imali ekulesi sikhwama ukukhokhela abasebenzi, njengoba negama lizisho ukuthi imali ebhekelele izidingongqangi zikamasipala.
“Ngokomthetho iMunicipal Finance Management Act ogunyaza ukusetshenziswa kwemali komasipala. Uma kutholakala ukuthi le mali isetshenziselwe okungekhona nalokho okuvunyelwene ngakho, kube sekubhekwa ukuthi iziphi lezozikhulu ezigunyaze lokhu, bese umthetho uthatha indawo yawo. Nathi njengoMnyango sibe sesenza uphenyo lwethu, uma kutholakala ukuthi ngempela uphuliwe lo mthetho, sibe sesithatha isinqumo esifanele.”