Now Reading
Luseyinkinga olokungeneli kwemishanguzo
Dark Light

Luseyinkinga olokungeneli kwemishanguzo

 

YIZE ngokwemibiko yocwaningo lwenhlangano i-Avert  efundisa abantu ngesifo sengculaza nesandulela sayo iNingizimu Afrika ihamba phambili ngesibalo sabantu abaphila naleli gciwane nangesibalo sabangaphansi kohlelo lokudla imishanguzo yokulithithibalisa i-Anti Retroviral Treatment (ART) Programme, elakuleli lisabhekene nengwadla yokungeneli kwemishanguzo. Ngokwemibiko bayizigidi eziyisi-7.2 abantu abaphila naleli gciwane  kuleli, iningi labo eliqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN).

IKZN ihamba phambili ngesibalo esingamaphesenti ali-12 sabantu abaphila naleli gciwane kanti isifundazwe iWestern Cape yisona esinesibalo esiphansi sabantu abaneleli gciwane abangamaphesenti ama-5.6. Lezi zibalo ziyingxenye yombiko owethulwe engqungqutheleni yezinsuku ezine ebanjelwe eThekwini ebizwa ngeSA AIDS Conference 2019 evulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili uNgqongqoshe wezempilo uDkt uZweli Mkhize.

Ingqungquthela izosongwa namuhla. Isiqubulo salo nyaka sigxile embuzweni wokuthi bungasetshenziswa kanjani ubuchwepheshe besimanje nesayensi ukunqoba nokuthithibalisa igciwane lengculazi.

Le ngqungquthela eyenziwa kabili ngonyaka isuke ihlanganise abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezintathu nabanye abaqhamuka emazweni angaphandle okubalwa kubona ososayensi, odokotela, abacwaningi, abasebenzi bezempilo abayizisebenzi zikaHulumeni nabaqhamuka ezinhlanganweni ezizimele nabefundisi, ngenhloso yokuthi kubhungwe ngezinto ezithinta isifo sengculazi nesandulela sayo, izingqinamba ezibhekene naleli lizwe, bese kuphinde kucatshwe nomhlahlandlela oya phambili ongalekelela ukunqoba lesi sifo.

UDkt uMkhize uthi noma ikhona inselelo yokugeneli kwemishanguzo yokuthithibalisa igciwane, kodwa kuningi osekwenzekile ukuqwashisa ngalesi sifo. Uthi phezu kwalokho baningi futhi abantu abatheleleka ngaleli gciwane kulesi sikhathi uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

“Ukuba khona kwemithi kubalulekile, kodwa akwamukelekile ukuthi kube nesimo lapho  umuntu osethatha imishangazo angaqhubeki nayo ngoba kuthiwa ayitholakali noma akasaziwa ukuthi ukuphi,” kuphawula uDkt uMkhize. Uveze ukuthi namanje ukusabalala kwengculazi negciwane layo kusadalwa  kakhulu ukuthandana kwentsha nabantu abadala.  “Kusenzima ukuthi ngelinye ilanga siyoke sikhulume ngokuthi lesi sifo sesiphelile nya, kodwa okungenzeka ukuthi senze konke ukwehlisa izinga lokutheleleka. Kuyisifiso sawo wonke umuntu ukuthi esikhathini esizayo kube ukuthi ingculazi isiwumlando. Sigqugquzela ukuthi abantu bazelapha ukuze kwehliswe isibalo sokutheleleka sigxile nokuthi intsha ingasheshi ukungena ezintweni zocansi”.

Phezu kwegxathu elikhulu eselihanjiwe ekulweni nalolu bhubhane  njengoba belinganiselwa ezigidini ezi-4.5 abantu abangaphansi kohlelo lokudla imishanguzo, le mizamo ibonakala iphelela emoyeni okwezithukuthuku zenja njengoba kunezikhalo ngokungeneli  kwemishanguzo.

USihlalo kazwelonke weTreatment Action Campaign (TAC) uNkk uSibongile Tshabalala, uthi abakholwa ukuthi uHulumeni noMnyango Wezempilo benza konke okusemandleni ukwenza isiqiniseko sokuthi imishanguzo iyatholakala ngaso sonke isikhathi.

Uveze ukuthi ziningi izinto ezenzekayo eMnyangweni Wezempilo ezinye zazo eziyizithiyo ekusabalaliseni ngendlela imishanguzo njengokunikwa kwabathile imisebenzi yamathenda nokungaqondakali kohlelo lonke lokusebenza.

Uthe ukungatholakali kwemishanguzo kunomthelela omubi ohambisana nalesi sifo ngoba kwenza kungapheli ukucwaswa kwabantu asebenaso.

See Also

“Kusekhona abantu abangafuni ukuveza isimo sabo abanye baze baphoqeleke ukuhamba ibanga elide beyothatha imishanguzo kweminye imitholampilo ngoba besaba ukuthi uma beyilanda kulena engasemakubo bazokwaziwa isimo sabo.  Kusekukhulu ukufundiseka okudingekalayo kubantu kusatshalaliswe nolwazi ngengculazi, “ kusho uNkk uTshabalala

Engxoxweni abenayo neSABC, uSekela Nobhala Jikelele wenhlangano elwela amalungelo abanesifo sengculazi neqinisekisa ukutholakala kwemishanguzo yokuthithibalisa ingculazi eyaziwa ngeTreatment Action Campaign  uNks uVuyokazi Gonyela ukhale ngokuthi yize izibalo zabantu abahlolela igciwane zikhuphuka mihla namalanga, ekugcineni akusizi ngalutho uma uMnyango Wezempilo wakuleli ungezubhekana nengwadla ebhekene nezwelonke yokungeneli kwemishanguzo.

“Ngokwezibalo bangamaphesenti angama-90 abantu abasebenzisa uhlobo lokuthithibalisa imishanguzo olwaziwa ngefirst regimen oluthathwa kanye nsukuzonke, bese kubakhona abangamaphesenti ayisi-6   abathatha uhlobo lwesibili lwale mishanguzo olujwayele ukudliwa yilabo amasosha abo asuke esephansi kakhulu.

Ngokwemibiko  kulaba bantu abangamaphesenti ayisi- 6 iningi labo alisakwazi ukuthola imishanguzo njengoba igenele kwezinye zezibhedlela nemitholampilo.

Ukugeneli kwemishanguzo sekwenze nokuthi imitholampilo inciphise inani lemishanguzo ekhishwayo, okwenza iziguli zifike njalo ukuzoyilanda okubuye kube yinkinga njengoba kuphoqa ukuthi abantu beze njalo emitholampilo bengenayo nemali yokugibela njengoba iningi labo lingasebenzi.

Scroll To Top