ISILO sidodise abayibutho likaKhuzeni


OMdala uthi asikho isidingo sokuba kube nokuklwebhana okunye okugcina ezinkantolo
Isimo sezulu eHlalankosi (kwaNongoma) siqale sangabazisa ngoba liqale laguqubala lathela imvula. Ngokosikonkolo lwabeNguni nama-Afrika lokhu bekusho into enhle, ukuthi iZinyandezulu ziwuvumile umsebenzi. Lo msebenzi bekuyilowo obuholwa nguNdunankulu uMhlonishwa uSihle Zikalala nobezokwethula ibutho lakhe (amalungu eSigungu Sokuphatha KuHulumeni) kanye nabaholi beSishayamthetho koNgangezwe Lakhe. ISILO besembathwe yiNdlunkulu, ngaMakhosi nebutho, kanye namalungu eBhodi le-Ingonyama Trust ebeliholwa nguMehluleli uJerome Ngwenya.
Samukela ithimba likaKhuzeni iSILO sithe sesinesipiliyoni sokuxhunana noHulumeni abehlukene kusuka koweNational Party, owe-Inkatha Freedom Party kanye nowe-African National Congress.
ISILO sithe: “Angiqale nginihalalisele ngokuqokwa kwenu kuleli butho elimqoka kangaka kule minyaka emihlanu. Ngithi yibutho ngoba ngiyazi ukuthi ukuphumelela kwenu kulele ekubambisaneni kwenu kuhle kwebutho. Ibutho liyazwelana kalimonelani. Liyavikelana uma kunengozi futhi kalifihlelani uma kukhona okungahambi kahle. Uma nibe wuhlobo olunjalo lwebutho angingabazi ukuthi iminyaka emine ezayo iyoba ngeyimpumelelo kini nasezakhamizini zeleNdlovukazi uMthaniya.”
Omdala uthinte udaba athe luyiva kuye ngoba lucijisa imikhonto phakathi kukaHulumeni noBukhosi. Lolu wudaba lokuyisana kwezinhlaka zoBukhosi noHulumeni wesifundazwe ezinkantolo ngezindaba zokubekwa kwaMakhosi ezizwe kanye nodaba lomhlaba.
Lapha iMbube ithe: “NjengeNkosi yenu ngiyakholwa ukuthi ezinye izinto kungathi uma kuxhunywana ngokweqiniso zilunge ngoba akumnandi uma uHulumeni wami usuthathana nemindeni yezizwe (aMakhosi) zami ezinkantolo. Udaba nje olwanqunywa yiNknatolo YoMthethosisekelo mhla ziyisi-6 kuZibandlela ngonyaka owedlule, icala unombolo CCT 285/17 nolwabe luphakathi kweNkosikazi uSithembile Valencia Mkhize kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal kanye noMphathiswa obhekelele uCogta alwehlanga kahle kimi. Lapha uHulumeni wami wehlulwa.
“Elinye icala elanqunywa yiNkantolo YoMthethosisekelo lali phakathi koMkhandlu iTheku ne-Ingoyama Trust Board nalapha uHulumeni wami waguqa. Asikho isidingo salokhu ngoba kuphoxa iSihlalo kudale nokubhekana ngeziqu zamehlo emphakathini. Lokhu akungiphathi kahle ngoba kusuke kulwa izingane zami,” kubeka Omdala.
Olunye udaba Omdlala aluphawulile ‘yinhlekelele’ yodlame ezikoleni nesiphakamise ukuba kube nomhlangano ophuthumayo wokubheka lesi simo.
“Udaba lwezokuphepha ezikoleni luyiva kimi ngoba ukufa kukathisha noma umfundi kubuyisela umphakathi nemfundo yethu emuva. Okwenzeke eGoli lapho kuthintane abafundi kwaze kwaphangalala omunye kanye nokubulawa kukathisha kuleli sonto eFolweni kukhomba inhlekelele. Umbuzo uthi yini esingayenza ngokubambisana singabazali, uHulumeni kanye noBukhosi ukulungisa lesi simo.”
Uphethe wathi kulolu daba: “Angingabazi ukuthi uhlelo lwami lokuhambela othishanhloko luzoqhubeka njengoba lunemiphumela emihle. Olunye uhlelo engifisa silwenze ngokushesha yilolo lomhlangano wokubonisana phakathi kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo, lapho sizobe sibonisana ngodaba lwezokuphepha ezikoleni zethu. Ngiyafisa lokhu kwenzeke ngokushesha mhlawumbe ngezikhathi zamaholide ukuze ukufunda kungaphazamiseki. Njengesiwe asikwazi ukubheka engxenye ngoba lolu daba lungangathi akekho omunye oyoqeda inhlekelele ezikoleni zethu nasezinganeni zethu”.
Sikhuluma ngeSishayamthetho nobumqoka baso ISILO sithe: “Sekuyisikhathi sokuthi amalungu aqokiwe aluse ngokuzikhandla. Kuyini ukwelusa? Ukwelusa kusho ukuba nolwazi olwazi olunzulu ngokuthile ngoba ngeke wakwazi ulwelusa okuthile ongakuqondi. Okunye. Ukwelusa kusho ukungachemi, ukwazi ngisho ukwelusa abakwenu. Konke lokhu kungenzeka umakuhlala kuhlinzekelwa kukhuliswa nolwazi.
Kepha okumqoka wukufundisa abantu laba obaholayo ngokusebenza kukaHulumeni neSishayamthetho ukuze ugweme inhlekelele yokuthi wazi kakhulu njengomholi noHulumeni kepha abantu obaholayo bengazi ukuthi ubathwele nje uyobantshinga kuphi. Abantu bawumthombo lapho abaholi bengaphuza khona bathole ulwazi ngokumele kwenzeke. Uma sivumelana ngalokhu, ngeluleka ukuthi ningawunukubezi umthombo.
UKhuzeni ubonge ISILO ngokwamukelwa wathembisa umgqingqo omusha nozoqinisekisa ukuthi kukhona ukusebenzisana phakathi kukaHulumeni wakhe, iSILO noBukhosi jikelele.
“Siyazibongela ngeziyalo esizithole kOngangezwe Lakhe. Inhloso yethu bekuwukuzozethula kOmdala neNdlunkulu. Siyakholwa ukuthi ukusebenza kwethu kuyoba yimpumelelo nxa sisebenzisana neSILO, iNdlunkulu noBukhosi jikelele. Zikhona izinhlelo ebezikhona nezizoqhubeka kanjalo nalezo ezintsha esisazobonisana ngazo neSILO,” kuphetha uNdunankulu.