Lokhu kwakamuva ngokwamagwababa echobana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
OkweMeya sekudale ukuhlukana ngaphakathi eqenjini lakhe ngokuthi aqhubeke noma adede esikhundleni
Ngesikhathi engena esikhundleni kwaba kukhulu ukujabula. Kwabe kungokokuqala ukuthi uMkhandlu i-Ethekwini ube neMeya yesifazane. Okunye okwabe kujabulisa abaningi wukuthi lona kwabe kungowoHlanga odabuka ezindaweni zakobantu. Kwaba nethemba lokuthi uzosheshe aziqonde izinkinga ezikhungethe aboHlanga. Lona nguNkk uZandile Ruth Thelma Gumede, okaMajola nothathe esobuMeya mhla zingama-23 kuNcwaba ngowezi-2016. Ezinsukwini nasezinyangeni engene kulesi sikhundla ubengundabamlonyeni kwabathile aziwa njengesikhephukhephu esilwela ukuba umnotho weTheku ufinyelele nakonontembuzana laphaya kobantu. Uke waba sematheni ngesikhathi ephikelela nohlelo olwaziwa ngeRadical Economic Transformation.
Ngalesi sikhathi lwethulwa lolu hlelo ukaMajola wabeka kanje: “UMasipala waqhamuka nalo mkhankaso ukukhuthaza ukubandakanyeka kwawo wonke umuntu ebhizinisini kwakheke nosomnotho. Lo mkhankaso uvumela wonke amabhizinisi ukuthi aphathwe ngesandla esifanayo futhi anikezwe ithuba elilinganayo lokuhlomula emisebenzini emikhulu ekhishwa nguMasipala. Sifuna kuphele nya ukuqhoqhobala kwamabhizinisi amakhulu imisebenzi ekhishwa nguMasipala. Sifuna ukubona imisebenzi emikhulu ishona ezindaweni okuhlala kuzo abantu bakithi ukuze kuliwe nobuphofu ngokushesha obukhungethe lezi zindawo. Le iyona ndlela esikhethe ukuthi sisebenze ngayo futhi asiguquki.”
Iqhubeka iMeya yathi ngalesi sinyathelo, idolobha lizohamba phambili ezweni ngokuhola nokumisa izinhlaka zokuguqulwa kwesimo somnotho.
“Sisembhidlangweni wokunikeza ngokulinganayo amathuba kosomabhizinisi baboHlanga nalabo abasafufusa, intsha, abaphila nokukhubazeka nabesifazane. Imininingwane egciniwe iyona ezositshela ukuthi mangaki amabhizinisi athole ahlomula emisebenzini ethile emikhulu. Lokhu kuzokwenza sikwazi ukubeka phambili labo abangakaze bahlomule lutho,” kunezela uGumede.
Njengamazolo ebona ilanga konke lokhu kubukeka sekushabalala njengoba nakwabakwabo esephenduke iqaqa nje. Konke lokhu kulandela ukuvela kwakhe enkantolo yamacala anzima nabheka inkohlakalo nokwendlalelwe wudungunyane lwezisebenzi ebezala ukhasha. Ngokwezinsolo zezisebenzi uMkhandlu weTheku wenze obekungakaze kweziwe ngesikhathi ‘uhlukanisa izisebenzi phakathi’ ngokwemihlomulo. Kuthiwa ugixabeze izisebenzi ebezingene ngohlelo lokubhekelela inhlalakahle yamadelakufa nomakadebona abangaphansi kwezinhlangano ezabe zilwela inkululeko. Kuthiwa umhlomulo wamadelakufa oningi labo labe lingaphansi koMkhonto Wesizwe Military Veterans Association (MKMVA) wasuka ezi-R7 000 wagalawela waya ezi-R20 000.
Yize izinqumo ezinjengalezi zithathwa esigabeni samakomiti nasesigabeni seMeneja yoMkhandlu uMnu uNzuza okunguye inhloko, iminwe ikhomba iMeya ngokuthi yiyo eyenza lokhu ngoba ilungisela impi eyabe iyazi ukuthi iyeza. Omunye wabaholi be-African National Congress (ANC) eThekwini nonxuse ukuba igama lakhe lingadalulwa uthe lokhu iMeya ikwenze ngenhloso.
“Ekuholeleni amasosha ubezama ukuzihlanganisela impi ezomvikela njengoba esazohamba izinkantolo nje. Uyazi futhi ukuthi kuza ukhetho lwangaphakathi kuKhongolose. Ufuna ukusiqhatha lo mama. Bheka nje le nto ayenzile yenze i-EFF yaqinisa umkhankaso wayo yathatha namavoti. Kumele achaze ukuthi yini le eyenzeke eThekwini, izisebenzi ziteleka kuvalwa amanzi nogesi kukapakela nendle olwandle. Wena ungalivotela iqembu elinomholi owenza isimo sibe njena? ” kubuza lo mholi.
Ngakolunye uhlangothi omunye waleli qembu ozwelana noKaMajola uthe konke lokhu kungenxa yezimpi zangaphakathi: “Umama uhlaselwa ngaphakathi. Amaqabane ethu lawa amhlaselayo, wenzeni ngoba konke akwenzayo iyakwazi i-ANC. OSihle bayalazi iqiniso. Ngiyafisa uMama abe nesibindi abambule izinqe. Nalaba be-ANCYL bazama ukuzakhela udumo nje. USabela ulwa izimpi zakhe. Kodwa siyabuka ngeke sibayeke. Silinde nje ukubuka ukuthi benzani, umama angesabi sikhona singamagerila,” kusho lo mholi osezinhlakeni zoMkhonto Wesizwe.
Uqhube wexwayisa ngokuthi bangayisukeli imamba isobhalwini lwayo: “Akayona intekenteke uMama, abangamazi basazomazi. Ngeke sidlale oSabela (uNobhala we-ANCYL) thina okuthi uma bengakutholi abakufunayo bese beqhamuka namacala. Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi engena (iMeya) bathi bafuna axhase intsha ngesamba esithize, uma kungasahambu ngendlela yabo sebenza nje’, kusho lo mthombo.
Sekuvele kukhona ukunukana ngaphakathi njengoba kuvele ukukhuluma okuthi uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal “wabe azi ngokuboshwa”, kweMeya nokuyinto ayiphikile uZikalala. Ephunga lokhu kukhuluma uZikalala uthe: “Yinto engingenakuyibekezelela eyokuqanjelwa amanga kuthiwe benginolwazi ngokuboshwa kweMeya. Kusobala ukuthi sekukhona abasemkhankasweni wokungicekela phansi ukuze ngingakwazi ukenza okungumsebenzi wami. Sengijube iHhovisi lami ukuthi lidlulisele isicoshamsindo kubaphenyi. Kumele sazi ukuthi ngamazwi obani lawa abebambe le ngxoxo enalawa mampunge, “ kusho uZikalala.
Iqembu likwangqingetshe
Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi iqembu elibusayo selivele lihlukene phakathi odabeni lokuthi uKaMajola ehle noma aqhubeke yini esikhundleni. Kukhona ukwesaba kwabanye ukuthi ukwehla kwakhe ngaphansi kwalezi zimo zanamuhla kungenza kube khona abamesekayo nokungasho ukubuyela emuva ezikhathini zoqhekeko. Uqhekeko eThekwini lungayilimaza i-ANC ngoba ngokwezibalo zayo yilo iTheku elinamagatsha amaningi.
Ngakolunye uhlangothi kukhona abakholwa wukuthi uma engehli esikhundleni manje kungase kudalele leli qembu ingcindezi uma sekuyiwa okhethweni lwezindawo. Okunye okuyinkinga wukuthi ukaMajola akayona nje kuphela iMeya yoMkhandlu omkhulukazi kepha khona lapho unguSihlalo weSifunda eThekwini. Umbuzo uthi ama ehla kwesokuba nguMeya ngabe lokho kusho ukuthi uzokwehla yini kwesokuba nguSihlalo wesifunda esinamagatsha amaningi KwaZulu-Natal kanye naku-ANC kuzwelonke.
Akukho ukungabaza ukuthi lokhu kuzazelana phakathi kwalabo abeseka iMeya nabathi ayikhonjwe indlela izongcina imthintile uMengameli uRamaphosa osemkhankasweni wokubumba iqembu nokwakha isithombe sikaHulumeni ongenachashaza. ITheku njengeGoli lizobamqoka kuKhongolose okhethweni oluzobakhona ngonyaka we-2021.
URamaphosa ubukeka engeke akumela okwenzeka eGoli naseNelson Mandela Bay ngaphansi kukaMengameli uZuma lapho uKhongolose alahlekelwa yila madolobha amqoka ngokomnotho nepolitiki.
Abanye okuzolindeleka ukuthi bangenelele wubuholi besifundazwe osebuvele busolwa ngokudonda ukusuka odabeni lwaseMsunduzi nayilapho imikhonto icija nsuku zonke ngenxa yokungenzi kahle kwalo Masipala oyiNhlokodolobha yeKwaZulu-Natal.
Ukungenelela kukaNdunankulu uMchunu, owenze uphenyo ngokwenzeka eThekwini, kulindeleke ukuthi nakho kudale ukukhuluma njengoba sekukhona ababuza ukuthi kungani engafaki iTheku ngaphansi komlawuli njengoba kwenzeka eMsunduzi. Basola ukuthi uphenyo lolu kwabe kuyindlela nje yokunyanyalata njengoba kwake kwasolwa nakolo mbiko kaManase.