UMagashule uthi akunamngcele ukukhankasa kuleli


UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnu u-Ace Magashule uthi awukho umngcele eNingizimu Afrika wonke umuntu unelungelo lokukhankasa noma kuyiphi indawo.
UMagashule ukusho lokhu emuva kokuhambela umphakathi waseHermanus, eParadise Park ngoLwesibili okungabamhlophe ababhekene nenkinga yokuxoshwa endaweni abahlala kuyo ngoba umhlaba usudayiselwe enye inkampani.
Uhambele kule ndawo naphezu kokuba abaphathi bayo abasha sebeqashe inkampani yonogada ebiyala ukhasha esangweni ithi angeke ivumele amaqembu azokhankasa ngoba sekusebenza imithetho emisha.
Ngaphambilini le ndawo yabe kungeyokungcebeleka, yabuye yashintshwa, imizi yadayiselwa abantu.
Umphathi wayo omusha ubeseqalile ukukhipha abantu kuyo njengoba kungenelele uMagashule. Ekhuluma nabahlali balapha uthe iDemocratic Alliance ingabacwasi bokuqala nabokugcina ngesenzo sayo sokususa abantu abamhlophe endaweni asebehlale kuyo iminyaka futhi ingamakhaya abo.
Uqinise idolo abahlali balapha ukuthi uzoma nabo kuze kube sekugcineni ukuze bangakhishwa kule ndawo.
“Ningayi ndawo. Hlalani lapha. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi noma ngabe siyawuthatha lo mhlaba, ngoba empeleni lo mhlaba ungokahulumeni kodwa kukhona umuntu obewutshelekile, akukwazi ukuthi phakathi kwesivumelwano sekungaqhamuka umuntu athi ungumnikazi wendawo. Lena yinkohlakalo okumele siyiphenye,” kusho uMagashule.
Emuva kokukhuluma nomphakathi uMagashule ukhiphe izikibha zeqembu kubahlali ebanxenxa ukuthi bavotele i-ANC.