Now Reading
UNukain Mabuza, isithunywa sethongo esingazelwa mvelaphi
Dark Light

UNukain Mabuza, isithunywa sethongo esingazelwa mvelaphi

SEKUBHALWE kakhulu ngaye kanti nabavakashi abahamba ngomgwaqo oqhamuka eKaapmuiden ubheke eBarberton esifundazweni iMpumalanga bayawubabaza umsebenzi wakhe wobuciko bokupendwa kwamatshe. Lowo nguMnu uNukain Mabuza ongasekho emhlabeni elingaqondakali kahle imuva lakhe nowahlala isikhathi eside endaweni eyaziwa ngeRevolver Creek epulazini elaziwa nge-Esperado. Akabanga yiciko lokudweba elejwayelekile ngokuthi imidwebo yakhe iyokhangiswa ezindaweni zemibukiso. Nemisebenzi yakhe yobuciko ayidayiswanga kodwa wakhetha ukuthi ikhaya lakhe libe yiyona ndawo eyisizinda sombukiso wobuciko bakhe.

UNukain wazalelwa eMozambique. Umama wakhe owayenguMtsonga wayeqhamuka emndenini wabelaphi nabathandazi futhi engumhambi wamazwe. Ukuxhumana kukaNukain nethongo yinto okuthiwa yaqala esesesiswini sikanina. Unina wathola umyalelo oqinile ngephupho ukuthi amnakekele umntwana wakhe womfana owayengakazalwa ngoba kwakulindeleke izinto ezinkulu kuye. Eneminyaka eyi- 17 uNukain unina wahlaselwa wabulawa yingwenya osebeni lomfula okuyinto eyamphoqa ukuthi afulathele indawo azalelwa kuyo ayofuna umsebenzi. Wayengumuntu ovakashelwa kakhulu yizithunywa ngamaphupho. Wazunywa wubuthongo obunamandla ngobunye ubusuku wavuka esenamandla ayisimangaliso ephethe nomyalelo wokuyoqala ingadi ehlotshiswe ngamatshe. Waye wayozinza endaweni ephakathi kweKaapmuiden neBarberton ebizwa ngeRevolver Creek.

UNukain waziqalela umsebenzi wokuhlobisa amatshe ngokuwapenda ngemibala eyehlukene. Lena kwaba yiyona ngadi yakhe. Amatshe ayemiswe ngendlela yokuthi abheke emgwaqweni omkhulu. Utshani phakathi kwawo babunakekelwe kahle kunendlela eyenziwe kahle eyayikhuphukela emadwaleni amakhulu ayependwe ngemibala eyehlukene. Wayethi uma ebuka umsebenzi wakhe wamatshe ahlotshisiwe azincome uMabuza athi: “Nginengadi enhle ukuzedlula zonke izingadi emhlabeni.” Abaziyo bathi wayesho eqinisile ngoba uma ingadi yakhe uyiqhamukela ngasenhla amatshe lawa kwakungathi ayizimbali ezihlobise lonke igquma.

Wakwenza kwaba ngumsebenzi wakhe ukwemukela izivakashi ezazimangaliswa wubuhle ezazibubona zidlula ngomgwaqo. Zazima zithathe nezithombe. Lokhu kwamguqula uNukain ekubeni yisisebenzi sasepulazini kodwa waziwa njengeciko lezokudweba. Kwamkhuthaza lokhu wayikhulisa ingadi yakhe ngokupenda amanye amatshe. Wayekhuluma kahle ulimi lwesiTsonga nesiSwati engemuhle kahle olimini lwesiBhunu nesiNgisi. Wayengafundile kodwa ehlakaniphe ngokwemvelo futhi kuyintokozo ukuxoxisana naye.

See Also

Umsebenzi wokudweba amatshe uNukain wawenza iminyaka eyishumi nanhlanu esebenzisa amaphethini emidwebo okwakungawakhe yedwa. Lokhu kwenza ingadi yakhe yehluka ngobuhle nangokobuciko. UJ.F.C. Clarke ozinike isikhathi esiyiminyaka engama-30 eqoqa umlando eshaya nezithombe ngomsebenzi kaNukain Mabuza waphawula kanjena ngaye ngowe-1982: “Lokho okusengatholakala ngoMabuza nomsebenzi wakhe wobuciko kungumcebo wamanje nowangesikhathi esizayo. Kulesi sikhathi lapho ungaqondakali khona umgudu wesikompilo elilandelwayo eNingizimu Afrika, noma yimuphi umsebenzi wobuciko okhombisa ukuzinikela kweciko ngokungakhathali, ongakaze wenziwe ngomunye umuntu phambilini, ongejwayelekile, nonobunkondlo kumele wamukelwe njengowenani ngokwesikompilo nangokobuciko bese unikezwa indawo ekhethekile emasikweni omphakathi nezwe.”

UNukain Mabuza wadlula emhlabeni ngendlela engaqondakali ngowe-1981. Ungcwatshwe ethuneni elingaqoshiwe eMjindini Cemetery, eBarberton, eMpumalanga. Yize uNukain Mabuza afa enganakwe muntu kodwa washiya umsebenzi wobuciko odonsa abavakashi abaqhamuka emagumbini amane omhlaba. Usethole ukuhlonishwa njengeciko laseNingizimu Afrika elaliyisithunywa samathongo. “INgadi Yakhe Yezimbali” iyaqhubeka nokukhuthaza amanye amaciko anjengo- Athol Fugard osebhale umdlalo weshashalazi osihloko sithi, “The Painted Rocks at Revolver Creek.” Ugqozi lokubhala umdlalo uFugard waluthola endabeni eyiqiniso yesithunywa sethongo esasingazelwa mvelaphi, uNukain Mabuza.

Scroll To Top