Now Reading
Umlayezo oshubile kwabaphethe izimali zemikhandlu
Dark Light

Umlayezo oshubile kwabaphethe izimali zemikhandlu

USUZOSIQINISA isandla uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal ezikhulwini zomasipala ezingayihloniphi imigudu efanele yokuphathwa kwemali yemikhandlu okuholela ekutheni igcine ithola imibiko yokucwaningwa kwamabhuku engemihle.

Lokhu kushiwo uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba zoMdabu KwaZulu- Natal, uNkk uNomusa uMaDube Ncube, ekhuluma nezimeya nezikhulu eziphezulu zomasipala abangama-54 kulesi sifundazwe emhlanganweni wokudingida izindlela zokulungisa isimo esingesihle emikhandlwini esiyimbangela yokuthi ingabi mihle imibiko yayo yezimali emuva kokucwaningwa kwamabhuku.

Lo mhlangano obuthanyelwe uNgqongqoshe walo Mnyango kuzwelonke, uDkt uZweli Mkhize noMcwaningi-mabhuku oMkhulu uMnu uKimi Makwetu ubuseThekwini ngoLwesibili.

Nakuba sekujwayelekile ukuthi abaphathiswa nongqongqoshe beminyango kaHulumeni bakusho lokhu kodwa kubukeka kungelula ukuthi amathe abuyele kwasifuba kuMaDube Ncube njengoba ethumele isexwayiso esiqinile ezikhulwini zomasipala nabamele umphakathi wathi bazolutheza olunenkume uma behluleka ukulandela umthetho mayelana nokuphathwa kwezimali zomkhandlu.

“Kuyasijabulisa ukuthi umthetho iPublic Audit Amendment Act uphasisiwe nyakenye. Lo mthetho ukubeka kucace ukuthi izikhulu ezingayiphathi kahle imali kaHulumeni zingaphoqwa ukuba ziyikhokhe okutholakala ukuthi imoshiwe. Uyisinyathelo esihle ngoba uqinisekisa ukuthi ziyathathwa izinyathelo kulabo abasemandleni uma behluleka ukusebenza ngendlela ezuzisa umphakathi,” kusho uMaDube Ncube.

Ekhuluma lapha uMnu uMakwetu uveze isithombe esibi ngendlela imali ephathwa ngayo komasipala kulesi sifundazwe. Unxuse abaphethe imikhandlu ukuba bakhombise intshisekelo yokwenza ngcono imibiko yokucwaningwa kwamabhuku njengoba isimo sangonyaka wezimali wezi-2017/2018 uveze isithombe esibi ngesifundazwe iKwaZulu-Natal.

UNgqongoshe uMkhize udalule ukuthi sekubekwe izindlela ezizoqinisekisa ukuthi abacwaningi mabhuku baphephile uma benza umsebenzi wabo abagunyazwe ukuwenza umthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Ugxeke izigameko zokwesatshiswa kwabacwaningi mabhuku komasipala kulesi sifundazwe.

“Ngeke siivumele isimo lapho izikhungo zijejemezwa abantu abafuna ukushintsha umthetho ukuze bafihle ukonakala,” kusho uNgqongqoshe uMkhize.

Ukusho lokhu nje, ngonyaka odlule ihhovisi likamcwaningimabhuku omkhulu lamisa ukucutshungulwa kwamabhuku kuMasipala weTheku nowaseMsunduzi kulandela iziigameko zokwesatshiswa kwezisebenzi zalo ezazijutshwe kubona.

Nakuba isimo sokuphathwa kwezimali singesihle komasipala kulesi sifundazwe kodwa kulokoza inhlansi yethemba kulandela ukuthi izisebenzi zemikhandlu eyahlukeni KwaZulu-Natal zethweswa iziqu ezifundweni ezahlukene ezimayelana nokuphathwa kwabo.

Laba bebefundiswa uMqondo Consultancy College iminyaka emibili.

Iningi labathweswe iziqu bakusho kwagcwala umlomo ukuthi sekuzoba lula ukusebenza njengoba sebehlome ngalezi ziqu eziqondene nomsebenzi abawenzayo.

UDkt uBongani Ngcobo weMqondo Consultancy, uthe ujabule kakhulu njengoba lezi zisebenzi sezizobuyela komasipala bazo ziyokwenza ebezikufunda.

“Umsebenzi wethu uyabonakala njengoba komasipala esesibafundisele izisebenzi uyabonakala umehluko. Kulokhu besenze nesiqiniseko sokuthi kunemifundaze esiyikhiphele intsha kanti nomasipala balekelelile ukuze intsha engasebenzi ifunde. Sisazoqhubeka nokuqeqesha izisebenzi ngoba umehluko mukhulu esiwenzayo ngokuqeqesha izisebenzi zomasipala,” kusho uDkt uNgcobo.

UDkt uNgcobo usanda kuthola ithuba alinikwe abeDevelopment Bank of Southern Africa (DBSA) lokuqeqesha izisebenzi zomasipala abawu-20 KwaZulu-Natal.

See Also

Abebethweswa iziqu benze iHigher Certificate in Local Government, iFurther Education Certificate in Public Finance and Administration, iNational Diploma in Local Government, iNational Diploma in Public Finance and Administration, iMunicipal Finance Management Programme nezinye.

Omunye wabathweswe iziqu zeDiploma in Local Government, uMnu Bonga Ngwane, oyiMenenja yakwaNdabazantu kuMasipala iBig 5 Hlabisa, uthe usehlome uphelele futhi useyazi ukuthi yini okumele ayenze uma esemsebenzini.

Uthe akusikho ukuthi ubengazi kodwa usethole olunye ulwazi olunzulu ngomsebenzi wakhe.

“Ekufundeni kwami ngithole ukuthi kubalulekile ukuqasha abantu abawufundele umsebenzi ukuze benze umsebenzi osezingeni,” kusho uNgwane.

Ikhansela laseThekwini, uMnuz Mxolisi Ndzimbomvu, ebelenza izifundo zeFETC Municipal Finance Management & Administration lithe seliwuqonda kahle umsebenzi wamakhansela kwazise ukuthi bekunezinto ebelicabanga ukuthi zenziwa yikhansela kanti owezisebenzi zomkhandlu.

UNks uSne Majola wasoLundi obefunda ngomfundaze enza iDiploma in Public Finance Management, uthe usezokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela ngenxa yokuthi useyazi ukuthi yini elindelwe kuyena.

Phakathi kwabathweswe iziqu kubalwa abaphuma kuMasipala waseMtubatuba, Ulundi, iBig 5 Hlabisa, uBuhlebezwe kanti koweTheku bekungamakhansela.

Scroll To Top