Now Reading
Ukulingana ngokobulili kwakwaziswa eKhemethi
Dark Light

Ukulingana ngokobulili kwakwaziswa eKhemethi

NGOKOKUQALA ngqa emhlabeni iKhemethi yiyo eyaqala ukwazisa nokuhlonipha imbokodo njengoba kwaziwa ukuthi iKhemethi yake yaphathwa yiZindlovukazi eziningana. Engizokhuluma ngayo namhlanje nguCleopatra Ptolemy owabusa ngowama-69 BC kuya kuNcwaba zili-12 ngowama-30 BC. Eneminyaka eli-18 uCleopatra washonelwa uyise uPtolemy XII. Njengosiko olwalwenzeka ngalezo zikhathi, wayeshade nomfowabo uPtolemy XIII, bagcina sebebusa iKhemethi bobabili. Ekuhambeni kwesikhathi baxabana, bahlukana, wabe esebusa yedwa uPtolemy.

Kwakungebona ubuhle bomuntu wesifazane lokhuya, kwakuwuphuma langa sikothe. Amadoda ayezifela, eguquka naye. Wayeme kahle, engemude futhi engemfushane. Engemncane futhi engemkhulu, kodwa ephakathi nendawo nje. UNkulunkulu wamakha enesikhathi sonke. Le Ndlovukazi yomAfrika yayiyinhle ngokuphelele. Lobu buhle kwaze kwenza ukuba uJulius Ceasar waseRome, owayengumkhuzi wamasosha, alekelele uCleopatra ekubuyeleni esikhundleni sokuba ngumphathi wezwe.

Kodwa uCeasar yena wayeqonde ukuqonywa nguCleopatra. Ngonyaka wama-47 BC wazala indodana ogama layo kwakunguCeasarion.

Ngowe-44 BC uJulius Ceasar wabulawa, kwasala esikhundleni uMark Antony kanye nendodana kaCeasar, abagcina sebexabene ngokubanga isikhundla sokuphatha iRome. UMark Antony wagcina eseqomene noCleopatra, bagcina sebethole izingane ezintathu. Ziningi izimpi ezaliwa nguCleopatra elekelelwa uMark Antony. Kwenye yezimpi yathwala kanzima impi yaseKhemethi ibhekene nempi ka-Octavia owayebanga naye uMark Antony, lapho okwagcina yehluliwe impi yaseKhemethi. Lokho kwenza ukuba uMark Antony noCleopatra bazibulale. Indodana kaCeasar, uCeasarion, wabanjwa wabulawa, okwaba yinto eyaqeda nya umbuso kaCleopatra.

Labo abafunda izincwadi zeshashalazi zikaShakespeare ezikolweni bazokhumbula ukuthi phakathi kwezinye zezincwadi kwakukhona incwadi eyayibizwa esihloko sayo sasithi; Julius Ceasar. Kule ncwadi kwakukhona umdlali owayebizwa ngoMark Antony. Nguye lo mlingiswa owayethemelezela emngcwabeni kaJulius Ceasar. Isithemelezo sakhe sasibizwa ngeMark Antony’s Oration. Njengoba uMark Antony wangena uCleaopatra nje, wayengumngane omkhulu kaJulius Ceasar. Kwathi lapho isidumbu sikaJulius Ceasar sesilethwe ehholo ukuze abantu basibone okokugcina, yilapho uMark Antony waguqa phambi kwaso isidumbu wathi: ‘Inhliziyo yami ilaphaya phansi kuCeasar’. UBrutus, okwakunguye owayewubhongoza ekwakheni itulo lokubulala uJulius Ceasar, wathola ukugxekwa okubi okwakugigiyela kuvela kuMark Antony, abuye naye asabe abuye nganeno umuzwe esethi ‘kodwa phela la madoda ngamadoda ahlonipheke kakhulu emphakathini ngeke sasho lutho’. Abuye aqale phansi athi: ‘Nawe pho Brutus, unesibindi sokubulala umholi wethu, uJulius Ceasar. Sizoba yini ngaphandle kukaCeasar?’.

Ngakho-ke uMark Antony wayenekhono elikhulu lokucikoza. Wayekwazi ukuguqula imiqondo yabantu, abenze balandele akushoyo njengoba nje oBrutus okuyibo ababulala uJulius Ceasar, wagcina ekwazile ukutshela abantu ukuthi ababulawe, nangempela babulawa.

Kodwa ziningi kakhulu iZindlovukazi ezabakhona eKhemethi ezake zaba ngababusi bezwe laseKhemethi, okusho khona ukuthi ukucwasana ngobulili kwakuyinto eyayingekho eKhemethi. Phakathi kweziNdlovukazi ezake zabakhona, kwakukhona lezi ezilandelayo:

  • Khentkawes I: Wabusa kusukela ngonyaka wezi- 2550 kuya kowezi-2520 BC. Wayeyindodakazi yeNkosi uMenkaure
  • Sobeknefru: Wabusa kusukela ngowe-1830 kuya kweye-1815 BC. Wayeyindodakazi ka- Amennemhat III
  • Arsinoe II: Wazalwa ngo nyaka wama-316 BC, wabusa kusukela zili-17 kuNtulikazi wama-268 BC
  • Hatshepsut: Wabusa ngezi ngekhulunyaka le-15 BC
  • Nefertiti: Le Ndlovukazi yabusa isikhathi esincane kakhulu

Ngokwenkolelo yaseKhemethi, umhlaba unobulili obubili obulinganayo. Lokhu kwenziwa nguMdali ukuze kube khona ukusimama okuhle komhlaba jikelele. Ngoba ngaphandle kwesimame indoda yayingaphelele. Ngaphandle kwendoda umfazi wayengaphelele.

See Also

Izikhundla eziningi eziphezulu eKhemethi zaziphethwe amakhosikazi, futhi eziphethe ngobuqotho. Emasosheni, ezimpini, ezibhedlela, emahovisi ombuso, njalo njalo, abesimame babephethe. Ngenkathi uHerodotus evakashele eKhemethi ngonyaka wama-450 BC waze wababaza wathi ‘Hawu, iKhemethi iyona yodwa ehlukile emhlabeni jikelele ngokukwazi ukubeka abantu besimame ezikhundleni eziphakeme kangaka’.

NgokwamaKhemethi, unkulunkulu wesimame kwakunguMaat, okwakunguye owayephethe uxolo nentobeko, okuthi njalo nxa kukhona udlame yena athele amanzi abandayo ukuze kube khona ukulinganiseka. Lokhu kulinganiseka kwakuwusiko olukhulu lwemvelo kaMvelinqangi lokwenza ukuba umhlaba, phansi naseZulwini, ulingane. Kanjalo nasezingilosini zaseZulwini, kukhona zesilisa bese kuba khona nezesifazane, ukuze kube khona ukulinganiseka. Yingakho nje lapha emhlabeni, uma indoda ingashadelwe akuvamisile ukuthi inikezwe isikhundla esiphezulu ngoba kwaziwa ukuthi ayinakho ukulinganiseka. Yingakho wonke umuntu kudingeka, ngokwemvelo, ashade noma ashadelwe, ukuze owesilisa ngokunjalo nowesifazane babe nokulinganiseka empilweni yabo.

Ngakho-ke ukuze kube khona ukulinganiseka ezweni laseKhemethi, amaKhemethi akubona kubalulekile ukuthi kube khona aMakhosi esilisa kanye naMakhosi abesifazane, kube khona ababusi nabaphathi babo bobubili ubulili. Lokhu kukhombisa ubumqoka nokubaluleka kwembokodo emhlabeni jikelele, okuyisifundo nakithi sonke ukuthi sikugcine futhi sikusebenzise.

Scroll To Top