Now Reading
Ukufika kwabelungu kwaqeda imibuso yaboHlanga
Dark Light

Ukufika kwabelungu kwaqeda imibuso yaboHlanga

NOMA usikompilo lase-Afrika laphekwa eKhemethi, kodwa akusiyo eyakha imibuso eyahlukahlukene yase-Afrika. Namhlanje akesibuke imibuso eyisishiyagalombili yokuqala ngqa yase-Afrika.

Umbuso wase-Aksum

Ngeminyaka yawo 1960 kuya ku 100 lo mbuso wawungamele lezi zindawo ezilandelayo: i-Ethiopia, i-Eritrea, i-Djibouti, i-Egypt, i-Saudi Arabia, i-Somalia, i-South Sudan, ne-Sudan, and Yemen.

Lo mbuso nguwo omdala kunayo yonke imibuso yasemandulo. Yilapho kwaqala khona isintu sonkana kule ndawo. Abantu bakhona yibo bokuqala ukuhwebelana namazwe aphesheya afana neRome kanye nase-Indiya, eChina nasePersia. Ingakaqalawa inkolo le esiyibona namhlanje, lo mbuso singathi uyinzalabantu nenzala-siko lethu thina ma-Afrika. Kule ndawo yaseTopiya yilapho nanamhlanje kumi khona umbhoshongo obizwa nge-obelisk, osume iminyaka engaphezu kwa 1700

Umbuso waseGhana

Lo mbuso wawuphethe yonke indawo yaseMauritania, eSenegal naseMali, kanti wakhiwa ngeminyaka yama- 700 kuya kowe-1240. Lo mbuso waziwa kakhulu ngegama elithi Wagadu. Ngenkathi usandlondlobele, lo mbuso wawunabantu ababalelwa phakathi kwezi-15,000 nezi- 20,000. Laba bantu babe ngabahwebi abakhulu ngegolide. Lo mbuso uqale ukwehla amandla ngenkathi usungena ngaphansi kombuso waseMali ngeminyaka ye-1240.

Umbuso waseMali

Kusukela eminyakeni yowe- 1230 kuya kowe-1670, lo mbuso wawuxube amazwe anjengo Gambia, iGuinea, iGuinea-Bissau, i-Ivory Coast, iMali, iMauritania, iNiger, neSenegal. Lo mbuso wawudume kakhulu ngegolide okungangoba umholi wakhona ogama lakhe kwakungu Mansa Musa, wayecebe ngendlela emangalisayo. Ngalezo zikhathi wayecebe ngaphezu kwabo bonke abantu emhlabeni.

Umbuso waseSonghai

Ngeminyaka ye-1000 kuya kowe- 1591 lo mbuso wawengamele yonke indawo yaseBenin, eBurkina Faso, eGuinea, eGuinea-Bissau, eMali, eMauritania, eNiger, eNigeria, eSenegal, naseThe Gambia. Ngumbuso lo owawaziwa njengowawumkhulu kunayo yonke imibuso yase-Afrika, wawaziwa kakhulu ngegama elithi Songhai. Idolobha elalidume kunawo wonke amadolobha kwakuyiTimbuktu, lapho kwakuphelela khona zonke izifundiswa zase-Afrika.

Umbuso waseZimbabwe

Lo mbuso waqala ngeminyaka yowe-1220 kuya kowe-1450. Ubuningi babantu babebalelwa ezi-18,000 nje kuphela. Ngokwehla kwamandla alo mbuso kwenyuka Amandla ombuso waseMutapa.

Umbuso waseMutapa

Lo mbuso wawuchitheke ezindaweni ezifana noLesotho, iMozambique, iNingizimu Afrika, iSwaziland, iZambia, neZimbabwe. Ngeminyaka yawo-1430 kuya kowe- 1760. Kuthiwa kuneqhawe laseZimbabwe okuyilo elakha lo mbuso. IMutapa yayiqinile futhi inamandla kakhulu.

Umbuso wase-EThiopia

Kusukela ngeminyaka yawo- 1137 kuya kowe-1975 lo mbuso wawengamele izindawo ezifana no Eritrea kanye neSomalia. Leli lizwe lalaziwa kakhulu ngegama elithi Abyssinia. Lo mbuso wavikela izwe lawo kusukela emandulo kuze kube yinamhlanje. Alikaze libuswe kumbe licindezelwe yizwe langaphandle. Amandla alo aqale ukwehla ngenkathi lisempini nezwe lase-Italy, okwagcina ngokuba kususwe uBukhosi bendabuko. Kodwa noma kwaba njalo, i-Italy ayizange iyicindezele.

See Also

Umbuso waseCongo

Lo mbuso wasungulwa ngeminyaka yawo 1390 kuya kowe- 1914. Wawengamele izindawo ezinjengo-Angola, Democratic Republic of the Congo, neGabon. Ekuhambeni kwesikhathi uBukhosi bomdabu baphela.

Umbuso waseBenin

Lo mbuso wakhiwe ngawo- 1180 kuya kowe–1897. Lo mbuso wawudlondlobele kakhulu kwaze kwafi ka iBrithani ngeminyaka yawo-1553, aqala amandla awo ukwehla.

Okubalulekayo ukuthi yonke le mibuso yayiphethwe ngoBukhosi bomdabu njengoba emazweni amaningi ase-Afrika imibuso yomdabu isekhona namanje. Imibuso eminingi yomdabu yaqedwa ukufi ka kwabelungu, bafaka inkolo yabo, nezindlela zabo zokuphila, besicindezele. Awukho umbuso owake wacela izwe laphesheya ukuthi alifi ke lizobusa kanye nalo, kodwa bathatha amazwe nemihlaba yase- Afrika ngesankahlu, imibhobho yezibhamu ibekwe emakhanda awobabamkhulu.

Ekuhambeni kwesikhathi kwavela imibuso eminingi yase- Afrika, njengoba sabona kwenzeka kuleli lakithi, ngenkathi kuqubuka uBukhosi obuningi.

Namhlanje sinamakhosi amaningi ezweni lakithi, lapho amanye aMakhosi abekwa ngabelungu. Ngale kwalokho aMakhosi oqobo yilawo okungaMakhosi oselwa.

Scroll To Top