Now Reading
Kunganikezelwana ngamacala uma kulandelwe umthetho
Dark Light

Kunganikezelwana ngamacala uma kulandelwe umthetho

ISIGABA 35 somthetho iMagistrates Courts Act 32 of 1944 silawula ukudluliselwa kwamacala esuka kwenye inkantolo eya kwenye. Ukudluliselwa kwecala kungaba ngenxa yesivumelwano phakathi kwezinhlangothi noma kube ukuthi kufakwa isicelo ngolunye uhlangothi ngokulandela iSigaba 55 seMagistrate Court Rules.

Umbuzo wokuthi udaba lungasuswa enkantolo yendawo liye enkantolo yesifunda noma lisuswe enkantolo yesifunda liyiswe kweyendawo yinto ebidingidwa kakhulu esikhathini esedlule, ikakhulukazi emuva kokuba inkantolo yesifunda inikwe amandla okuthetha amacala athinta nenhlalakahle yabantu ngokulandela umthetho iJurisdiction of the Regional Courts Amendment Act 31 of 2008.

Kunemibono emibili ehlukene eqhamukayo kulolu daba. Owokuqala kuba ngukuthi iSigaba 35 soMthetho singasebenza ngezindlela ezehlukene okungasho ukuthi icala lingasuswa enkantolo yesifunda liyiswe kwenye inkantolo kanjalo futhi lisuswe kwenye liye kweyesifunda. Omunye umbono uthi iSigaba 35 singasebenza ngokuthi icala lisuswe enkantolo yesifunda liyiswe kwenye inkantolo yesifunda noma lisuswe enkantolo yendawo liyiswe kwenye inkantolo yendawo.

Le mibono ichazwa kahle ngokubheka iSigaba 29 (1) neSigaba 29 (1A) esicacisa ukuthi uNgqongqoshe unamandla okuklama ngokwesisindo secala ukuthi lingathethwa enkantolo yendawo noma yesifunda. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokubheka inzuzo engenziwa yizinkantolo ngokwezigaba zazo njengoba noNgqongqoshe esanquma ngokwemali nemiklamo yezinkantolo njengokuthi izinkantolo zezindawo zenze inzuzo eyizi-R200 000, kuthi ezezifunda inzuzo yazo ibe phakathi kwezi-R20 000 nezi-R400 000 ngokulandela iGG37477/27-3-2014. Uma siqhubeka nalo mbhalo kuzocaca ukuthi umklamo obekwe nguNgqongqoshe ngokwemali awunamthelela otheni ngokwenzuzo yezinkantolo. Ngenxa yalokhu kugcina sekuba yisinqumo esingathathwa nje sokuthi icala lithethwe enkantolo yasekhaya noma yesifunda.

Ecaleni likaMatlhasa v Makda and Another (GJ) elabikwa ngowezi-2015 ummangali wabeka icala ummangalelwa enkantolo yesifunda efuna ukukhokhelwa amademeshe. Izinhlangothi zombili zavuma ukususa icala enkantolo yesifunda zaliyisa

enkantolo iVereeniging District. Lesi sicelo sakhishwa yinkantolo yesifunda kwase kuthi namafeyela ecala adluliselwa enkantolo okwabe sekuzoqulwa kuyo icala. Ngamanye amazwi imantshi enkantolo yesifunda yayikholelwa wukuthi kwakungekho okuyiphutha ngokuthatha icala ilise enkantolo yesifundazwe.

Ngesikhathi icala selisenkantolo yesifunda, imantshi yanqaba ukukhipha usuku lokuqulwa kwecala ngoba ithi kwakungekho okusukela emthethweni ukuthi icala lisuswe enkantolo yesifundazwe liye kweyesifunda. Wathola ukuthi njengoba icala lase liqaliwe ukusetshenzwa enkantolo yesifundazwe, ngakho icala lalingeke lisadluliselwa enkantolo yesifunda.

See Also

Owayefake icala enkantolo wafaka isicelo eNkantolo Enkulu sokubuyekeza isinqumo semantshi sokunqaba ukukhipha usuku lokuqulwa kwecala. INkantolo Enkulu yathola ukuthi lokho okushiwo imantshi ngokuthi emthethweni wakuleli akukho lapho kuvumeleka khona ukuthi icala lisuswe enkantolo yesifundazwe liyiswe kweyesifunda kwakungekho emthethweni futhi kungelona iqiniso.

INkantolo Enkulu yathola ukuthi uMthetho uchaza inkantolo njengenkantolo yemantshi okungaba eyesifunda noma eyesifundazwe. INkantolo Enkulu yathola ukuthi inkantolo yesifundazwe yayingenzi iphutha ngokudlulisela enkantolo yesifunda ngokuvumelana kwezinhlangothi zombili. Sachithwa isinqumo semantshi sokunqaba ukubeka usuku lokuqulwa kwecala, nommangali wavunyelwa ukuba aqhubeke necala enkantolo yesifunda.

Okugcina kuyisifundo kuleli cala ukuthi inkantolo yesifundazwe ingakwazi ukudlulisela icala enkantolo yesifunda uma kunokuvumelana ezinhlangothini ezithintekayo noma uma olunye uhlangothi lufake isicelo ngokulandela iSigaba 35 soMthetho. Uma icala selidlulisiwe inkantolo yesifunda inesibopho sokuliqula.

Scroll To Top