Now Reading
Imicikilisho ngezingane zabazali bangaphandle
Dark Light

Imicikilisho ngezingane zabazali bangaphandle

UMLALELI oshaye ucingo ngoLwesibili ohlelweni lwasekuseni lwezingxoxo esiteshini somsakazo iSafm ugxeke uHulumeni wakuleli ngokuqinisa isandla kubantu bangaphandle abanezingane abazithole sebehlala eNingizimu Afrika. Lo mlaleli ubekhala ngokuthi uma eya emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya eyoshayela omazisi izingane zakhe azithole esekuleli, bamnika izitifiketi zokuzalwa ezingavezi amagama abazali bobabili. Usola uHulumeni wakuleli ngokuthi kumele ayibhekisise kahle eyobuzwe bezingane, ngoba zisuke zingazalelwanga lapho abazali bazo bedabuka khona, kodwa zizalwe kwelinye izwe okusho ukuthi kumele zibize izwe ezizalelwe kulo.

Lo mlaleli ubemi kwelokuthi iSigaba-20 soMthethosisekelo wakuleli sithi: Akekho umhlali oyoncishwa ubuzwe, kodwa naphezu kwalokho uMnyango wezaseKhaya uncisha izingane ilungelo lobuzwe baseNingizimu Afrika ngokuziphoqa ukuthi zibe nobuzwe bakwelinye izwe noma zizalelwe kuleli. NgokoMthethosisekelo yonke ingane ezalelwe kuleli yabhaliswa ngaphansi koMthetho iBirths and Deaths Registration Act inelungelo lokuba negama nobuzwe njengoba kubalula iSigaba 28 soMthethosisekelo. Kubonakala indlela uMnyango Wezasekhaya owenza ngayo izinto ihlukile kunokuqoshwe kuMthethosisekelo wezwe.

Isikhalo salo mlaleli sibuyela ekusebenzeni koMthetho i-Immigration Act’ (South African Citizenship Act 88 of 1995). Ngokomthetho olawula ukubhaliswa kwezingane ezizelwe nesezidlulile emhlabeni, umuntu ongeyena owaseNingizimu Afrika uchazwa njengalowo onezincwadi zokuba ezweni zesikhashana lapho kuhlanganisa labo abangababaleki nabasuke bekhusele okwesikhashana kodwa bevikelekile ngaphansi komthetho iRefugees Act.

Uma laba abakuleli kwenzeka bethola izingane, lokho akusho ukuthi lezo zingane sekumele zibe nomazisi bakuleli, kodwa abazali bazo kumele kuthi ngesikhathi befaka izicelo zomazisi bazo bakuveze ukuthi bona ngabakuliphi izwe okuyosho ukuthi nezingane ziyobe zingelakulelo lizwe.

Uma lezi zingane sezizelwe futhi sekwaziwa uMqondisi Jikelele woMnyango Wezasekhaya uzobe esekhipha isitifiketi sokuzalwa esingenayo inombolo kamazisi uma labo bazali kungebona abakuleli. Lokhu kusibuyisela ekuchazeni umuntu obizwa “ngomsinsi wokuzimilela” endaweni. Lona ngumuntu osuke enobuzwe ngokulandela umthetho i-Immigration Act’ njengokuchitshiyelwa kwawo ngowezi-2004. Lo Mthetho uthi lowo onamaphepha aqondile okuba umhlali wakulelo lizwe unawo wonke amalungelo anikezwa umhlali wakulelo lizwe asemithethweni yezwe nakuMthethosisekelo. Umthetho obizwa ngokuthi i-Identification Act 68 of 1997, uthi lowo muntu kumele anikwe umazisi waseNingizimu Afrika.

Njengoba sekuke kwacaciswa abantu abangabokuzalwa ezweni kukhona imithetho abavikelekile kuyo namalungelo athile abanawo abokufika abangenawo. NgokoMthetho iBirths and Deaths Registration Act, kunokuhlukana phakathi komuntu onobuzwe nomuntu ozalelwe kuleli kodwa ezalwa ngabantu bangaphandle. ISigaba 7(2) salo Mthetho sithi: ‘Uma sekunolwazi lokuthi kuzofika umuntu omusha emhlabeni, uMqondisi Jikelele kumele akhiphe isitifiketi sokuzalwa siye kubazali sibe nezinombolo zikamazisi sabazali ezizoveza ubuzwe babo, uma kungukuthi sebenobuzwe baseNingizimu Afrika, kumele siveze leyo nombolo kamazisi.

See Also

Noma ngabe izimo zangaleso sikhathi zithini kodwa ekugcineni uMnyango Wezasekhaya awukwazi ukunika izingane ezisanda kuzalwa ubuzwe ngokuthi isitifiketi sokuzalwa sibe nenombolo kamazisi wakuleli ngenxa yokuthi abazali bengane leyo kusuke kungebona abawumsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika. Izingane ezizelwe ngale ndlela zibhaliswa ngaphansi koMthetho iBirths and Deaths Registration Act 51 of 1992, kodwa uma kuziwa ngasekukhipheni umazisi waseNingizimu Afrika izinto ziyehluka.

Umbiko uNgqeshe Buthelezi enye ingxenye yawo icashunwe embhalweni kaNokuthula Ndlovu ongummeli Wamalungelo Abantu uneziqu zomthetho azizuza e-University of Fort Hare

Scroll To Top