Now Reading
Imimoya idungekile ngobukhosana kwaNodunga
Dark Light

Imimoya idungekile ngobukhosana kwaNodunga

UMDONSISWANO weminyaka ngokumele athathe isihlalo soBukhosi esizweni sakwaNodunga eNumber 1, eMvoti kusuka kwadlula emhlabeni iNkosi uQedisono Goodwill Zulu ngowezi-2016 usungene kwelinye izinga njengoba oNdlunkulu nomndeni sebethathe isinqumo sokubiza isizwe mhla zili-17 kuNtulikazi bezosethulela iNkosi.

Umndeni uthi kwakuyizifiso zeNkosi uQedisono Zulu ukuthi uBukhosi buthathwe indodana yayo uMntwana uNkanyiso, owaze wakugcizelela nalokho encwadini ayibhala ngezinsuku zakhe zokugcina esibhedlela iKing Dinizulu kuMnu uBongumusa Zulu owayesondelene kakhulu naye.

IBAYEDE inayo ikhophi yencwadi yeNkosi lapho ibalisa ngenye yamadodana ayo ibeka nezizathu zokuthi kungani ifuna iSihlalo sithathwe uMntwana uNkanyiso ichitha uMntwana uMlungisi.

Obambe isihlalo njengamanje uMphamandla Zulu owabekwa ngowezi-2006 emuva kokuba iNkosi yalahlwa icala lokubulala ngowezi-2004 eyaligweba iminyaka eli-18, kodwa yadedelwa ngoshwele ngowezi-2010 ngenxa yokuziphatha kahle ejele.

INkosi uZulu izamile ukubuyela esikhundleni ngowezi-2012 emuva kokudedelwa ngesikhathi sekuphela isikhathi seBambabukhosi lokho ikwenza ngokuhlanganyela noMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu nomndeni.

Nalo iBambabukhosi labhala incwadi livuma ukuba umfowabo abuyiselwe eSihlalweni emuva kokukhululwa ejele, kepha kwagcina ngokuthi kungabi khona izinyathelo ezithathwayo neNkosi yahlatshwa ukugula okwagcina ngokuthi kuyenele ngowezi-2016 ngaphambi kokuthi udaba lwayo luphothulwe njengeziphakamiso zomndeni ngokubambisana noMnyango nalo iBambabukhosi. Kukhona nencwadi eyabhalwa iBambabukhosi ngowezi-2014 liyibhekise kophethe uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu- Natal uNkk uNomusa MaDube Ncube sinxusa ukuba umfowabo abuyiselwe eSihlalweni. Kule ncwadi iBambabukhosi lithi:

“Umfowethu uQedisono Goodwill Zulu salala naye esiswini sinye sabuye sashiyelana ibele. Kwenzeka ukuthi ngonyaka wezi- 2001 ehlelwe isehlo sokulandelwa izitha, lokho okwenza ukuthi angabe esakwazi nokulala ekhaya. Izitha zamlandela zaze zashisa nomuzi wakithi. Ukuzama kwakhe ukuzivikela kwenza wagcina ephambane nomthetho kwamfaka esilingweni sokuthi agcine ebulale isitha sakhe esasiwungqondongqondo ekuzingelweni kwakhe, waboshwa wagwetshwa. Ukuziphatha kwakhe kahle ejele nokukhombisa ukuzisola ngesenzo sakhe kwenza washeshe wadedelwa. Mina nobaba abangasekho siyojabula kakhulu uma uMnyango ungasizwela kulesi sicelo sethu.”

Amalungu omndeni nababesondelene neNkosi uQedisono bathi kuyabaxaka uma iBambabukhosi selingasafuni ukudedela iSihlalo siye kwabafanele ngoba nesikhathi sokubamba kwaso kudala saphela futhi nodaba selwaze lwadingidwa nawuMkhandlu weSILO emhlanganweni owabe usesigodlweni kwaLinduzulu zingama-27 kuLwezi nalapho uMntwana uThulani owayenguSihlalo womhlangano wathi ngasohlangothini lwabo udaba sebeluphothulile sebelinde ukuthi uMntwana uNkanyiso azosayina. Kulowo mhlangano uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu wawumelwe uMnu uNathi Mpungose owakufakazela ukuthi uMntwana uNkanyiso nguyena okumele abekwe emuva kokuveza bonke ubufakazi.

Emuva kwamasonto uMnyango ungaphumeli obala ngokusayinisa uMntwana uNkanyiso ukuze athathe iSihlalo kube nokudideka emndenini nezinsolo zokuthi uMnyango uthatha izinhlangothi. UMntwana uNkanyiso uthi uzame izikhathi eziningi ukuxhumana noMpungose ebuza ukuthi udaba seluhambe lwafikaphi ngoba ebona isikhathi sihamba, kodwa uMpungose abike imbiba abike ibuzi. IBAYEDE inayo imiqhafazo ephakathi kwabo lapho uMntwana uNkanyiso ecela ukuba amchazele ngokuthi kubambephi ngaseMnyangweni.

See Also

Ephawula uMntwana uNkanyiso uthe lolu daba selwehlukanise isizwe phakathi ngoba sifuna ukwazi ukuthi ubani iNkosi futhi nezinduna ziyalwazi. “abanye abaNtwana nomndeni sebaze badikila ngenxa yokuthalalisa koMnyango. Okuningi esizweni akukho, ayikho inkantolo yeNkosi, ihholo lomphakathi alikho ngisho nezinye izigodi azivuseleliwe,” kubeka uMntwana uNkanyiso.

Ubuye wakhala kakhulu nangoSihlalo womndeni uMntwana uThabani Zulu ngakubize ngokuxova umndeni njengoba kunguye onokuxhumana okukhulu neBambabukhosi. Uqhuba uthi ngendlela lo mbango oshube ngayo uthi waze wahlaselwa ngamadoda ayelinganiselwa kwawayisishiyagalolunye zingama-24 kuMandulo ngowezi-2017 eThethe eLokishini. “Ngatshelwa ukuthi kunamadoda ayengifuna, nalapho ngasizwa ukuthi ngifonelwe ngababengixwayisa ngokuthi ngingabe ngiseza. Ngathi uma ngifika endlini yami ngathola kupeqululwe yonke into kucaca ukuthi kukhona imininingwane ibifunwa emayelana neSihlalo soBukhosi. Udaba ngalubika ngisho nasemaphoyiseni.”

UMnu uBongumusa Zulu uthi noma engeyena owaseBukhosini kodwa wayesondelene kakhulu neNkosi uQedisono ngoba wayeyibhacise endaweni yakhe eThembeni eGroutville ngesikhathi inezinkinga futhi unobufakazi bokuthi yakhomba uNkanyiso njengozothatha isihlalo uma isidlulile.

UNdlunkulu uGugu Mkhize ongudadewabo weNkosi uQedisono encwadini efungelwe ayisayinile uthi: “Emuva kokubona isikhathi sihamba nokuthi sibona sengathi uBukhosi buthanda ukuphuma endlini efanele ukuphatha sibe sesibhunga saqoka ukuthi uMntwana uNkanyiso Zulu kube nguye othatha izintambo zoBukhosi bakwaNodunga Number 1. Lokhu kuyisicelo sethu singuNdlunkulu ukuba iminyango efanele isilekelele ukuba uMntwana abekwe esikhundleni ngendlela enesizotha nobulungiswa.”

Scroll To Top