Now Reading
Ubuhle buzobe buseNyokeni kule mpelasonto
Dark Light

Ubuhle buzobe buseNyokeni kule mpelasonto

Njengokujutshwa ngoNgangezwe Lakhe, amaNazaretha azobe eseHlalankosi kumhlophe amathafa

 

KULABO inkambo yabo izobe ibheke esifundeni iZululand kule mpelasonto bayobe bengahambi bodwa njengoba izinkumbi zamalungu ebandla iNazareth Babtist Church elidume ngokuthi ngelakwaShembe zizobe zilibhekise amabombo koMkhulu, eNyokeni kwaNongoma. Lokhu kuhambela kwamalungu aleli bandla akukhona okokuqala kepha kuqale ukwenzeka eminyakeni emine eyedlule ngesikhathi umholi walo emzini waseBuhleni, uNyazilwezulu lutheleka eNyokeni.

Lapha lusuke luphelekezelwa ngabefundisi, abashumayeli kanye namalungu aleli bandla, amancane namadala ngempelasonto engagcini ngokuba yinkonzo kepha ibuye ivuse emidala imilando. Ngesikhathi amaNazaretha ehambele okokuqala ngowezi-2013 Ongangezwe Lakhe wawajuba ukuthi kusuka ngonyaka olandelayo yiwona minyaka yonke asezo“shanela” ngaphambi kokuba kube noMkhosi Woselwa okungumkhosi wesizwe. Khona lapho saveza lokho okuyisifiso saso, okuwukuhlanganyela nazo zonke izindlu zikaMbombela, uMphrofethi u-Isaiah Shembe. Sikhuluma ngawo lowo nyaka, ISILO sathi ngaleli bandla: “Ukuxhumana kwaleli bandla akuqhamukanga ngenxa yamakomiti noma abantu abathize kepha kwaba ngenxa yombono uMqaliwendlela aba nawo. Umlando uyakuveza ukuxhumana phakathi koBukhosi kanye nabaphrofethi. Uyakuveza futhi ukuthi abaphrofethi laba babengabesizwe esithize. Lokhu kumqoka ngoba sesike sizwe noma sifunde ukukhuluma okukhomba ukuthi leli bandla seliyandinda nje emoyeni, kasekho ophumela obala othi leli bandla uMqaliwendlela walethula njengelesizwe samaZulu. Lokhu kagcinanga ngokuveza ngendlela okwakuqoshwa ngayo amahubo alo, kepha ngisho nemvunulo imbala yayikhomba ukuthi leli ngelikaZulu,” kubeka iMbube.

Leli bandla lingelinye langemaningi e-Afrika eseliqede iminyaka engaphezu kwekhulu. Yize kuke kwakhona ukukhuluma kokuthi ukuhambela komuzi waseBuhleni eNyokeni kungase kuthunaze iSihlalo njengoba imizi kaMbombela igijimisana ezinkantolo, ISILO ezinkulumnweni zaso sawuphikisa lo mbono. Kunalokho amasango avulekile kuyo yonke imizi kaMbombela. Sikhuluma namalungu aleli bandla eGoli ngoNhlolanja nonyaka sathi: “Esikhathini lapho abantu beguqulwa yizinkolo zabo zibenze bazibone bengabanye abantu, amaNazaretha wona kawazinyezanga njengoba engazinyezi nanamuhla. Ubufakazi balokho yisinqumo soNyazi sokuhamba endleleni noma ngithi ukubuyisela inqola endleleni lapho eyaqala yahamba ngayo. Kwabangazi le nqola eyaqalwa nguMqaliwendlela isitobhi sayo sokuqala kwaba seNdlunkulu kaZulu. Lokhu angikusho ngoba ngiyiNhloko YeNdlu KaZulu kepha kukhona ngisho ezihlabelelweni zenu maNazaretha.

See Also

“Yikho ngike ngimangale uma abantu abathi bangamaNazaretha bebuza ukuthi kungani uNyazi luya eNyokeni noma lisondelana neSihlalo. Osho njalo kuhle afundiswe ngomlando waleli bandla. Singalenzi iphutha lokucabanga ukuthi abangazi basebancane ngeminyaka ngoba ukungaqondi lokhu kubatshazwa nasemadodeni nakomama abadala abakuleli bandla. Kungumsebenzi wethu thina esiqondayo ukuba sikhanyisele abangaqondi ngalo mlando oziphindayo owenzeka ngesenu isikhathi lapho abolibo lweZingonyama zikaZulu nolukaMbombela besondelana.” kuphawula Ongangezwe Lakhe.

Ngokohlelo olulandelwayo nxa amaNazaretha ekoMkhulu, ngeSabatha kuba nezinkozo nayilapho oNgangezwe Lakhe kanye neNdlunkulu beba yingxenye yeyodwa, yasemini. Kuthi ngakusasa ngeSonto bese kuba khona eyokuvala nalapho iNdlunkulu neSILO baba yingxenye yayo. ISigodlo iNyokeni nesakhelene nesasOsuthu sinomlando omkhulu njengoba iningi lemikhosi yesizwe efana nowoMhlanga kanye nowoSelwa ibanjelwa kuso.

Scroll To Top