Yiva elingabanguleki olwamasotsha aqashiwe



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
AYISOZE yaphela inkulumompikiswano phakathi kwabaholi bamazwe omhlaba mayelana nendima elinywa yizinhlangano noma yizinkampani ezizimele kwezokuphepha kanye nezimpi zamasosha aqashiwe (mercenaries) emazweni amaningi e-Afrika. Kukhona abanemibono ethi, lezi zinkampani ziba negalelo elizwakalayo ekuqedeni izimpi zombango ngoba zikwazi ukufinyelela lapho amasotsha akhuzwa ngamazwe angeke afinyelela khona.
Baphinde bathi, ngoba zisuke zikhokheliwe ngakhoke zilindele inzuzo, azinanazi ngokuthi zithumele amasotsha azo, okuyinto engafani nalawo oHulumeni okuthatha isikhathi ukuthi kwenziwe izinqumo zokuthi ajutshwe lapho kunesidingo khona. Ngakolunye uhlangothi, yandile imibono ethi lezi zinkampani kumele zivalwe ngoba njengoba zingozibuse kunzima ukuthi amazwe akwazi ukulawula izenzo zawo. Kuphinde kukhalazwe ngokuthi akulula ukwenza ubulungiswa uma kutholakala ukuthi labo abekade bejutshwe yizo bashiye umonakalo. Noma isiphetho kule nkulumompikiswano siyothatha iminyaka, okungeke kuphikwe ukuba khona koHulumeni e-Afrika kanye nezimboni ezinkulu ezithola usizo kulezi zinkampani ngezinhloso zokuvikela lokho okubalulekile kubona.
Ukubaluleka kokuthola isisombululo sokuthi kwenziwe njani ngezinhlangano ezifana nalezi kubonakele kuleli sonto ngenkathi i-United Nations Security Council (UNSC) iza neziphakamiso zokuthi kuqiniswe imithetho nemibandela yokulawula noma ukuqeda ukudlondlobala kwalezi zinkampani, ikakhulukazi emazweni athize e-Afrika. Lo mhlangano we -UNSC ubuhanjelwe yizikhulu eziphezulu nabaholi bamazwe ayingxenye yalolu hlaka lwe UN. Ukubanjwa kwalo mhlangano kuyingxenye yezinhlelo zikaHulumeni wase- Equatorial Guinea owengamele imihlangano ye-UNSC kule nyanga uNhlolanja, njengoba leli lizwe lingelinye lamalungu esikhashana e-UNSC.
Ngokohlelo, amazwe angamalungu e-UNSC asina ededelana ngokwengamela nokuhlela izinhlelo kanye nezihloko abona kuyizo okumele zidingidwe yi-UNSC.
Bese kunesikhathi iUNSC yagcina ukuba nenkulumompikiswano ngalolu daba obesekwenza abaningi babone sengathi akuseyona into esadinga ukufakelwa izibuko. Ngaleyo ndlela, isinqumo se- Equatorial Guinea sokuthi luphinde lubekwe ezithebeni zenhlangano yamazwe kumele sisekwe.
Izwekazi lingaka nje, kusukela eDemocratic Republic of Congo (DRC), kuya koCentral African Republic (CAR), eSouth Sudan, eSomalia, kanye nakwamanye amazwe anezimpi zombango okuthi uma kubhekwa kutholakale ukuthi la masotsha azikhuzayo nawo ayagcwaneka khona. Okwenza ukuthi abaningi bangahambisani nalezi zinhlangano ngukuthi kuvame ukuba agcina esedunga isimo, axove nemizamo yokuthi kudaleke ukuthula.
Le nkulumompikiswano ingezinye zezinhlelo zikaHulumeni wase-Equatorial Guinea ngoba lingelinye lamazwe e-Afrika elacishe lazibona selibhukuqelwe umbuso ngonyaka wezi-2004. Ngalowo nyaka, uHulumeni waseNingizimu Afrika ubambisene nowaseZimbabwe bakwazi ukugwema iqhingasu lokuthi kuketulwe umbuso kaMengameli uMnu u-Obiang Nguema Mbasago e-Equatorial Guinea elalibazwe yilabo abaziwa ngokuba amasotsha azikhuzayo. Emveni kokuba labo benbanjiwe, kwavela ukuthi leliqhingasu lalibandakanya osomabhizinisi abavela emazweni ehlukene okungabalwa uMnu uTatcher wase-England. Kwakuyitulo elaliqalwe nguMnu uSevero Moto ongomunye wabaholi kwezepolitiki e-Equatorial-Guinea kodwa obhace eSpain, onezinhloso zokuba nguMengameli walelizwe. Ubufakazi baveza ukuthi nguye owathenga la masotsha, wase esizwa nguThatcher nabanye ngezimali zokuthi kutholakale izikhali, kanye nolwazi lokuthi umbuso kaMnu u-Obiang Nguema Mbasago ungabhukuluqwa kanjani.
Kusukela ngaleso sikhathi uMengameli uNguema Mbasago waba ngabanye babaholi e-Afrika abaluhlalela udaba lokucanasa kwalezi nhlangano kanye namasotsha angalawulwa ngoHulumeni. Ngamanye amazwi, ukwethula kwayo le nkulumompikiswano ezithebeni ze-UNSC, i-Equatorial Guinea isahamba ezinyathelweni yazo zangaleya minyaka ngoba uzibona yasinda emphandwini wezingonyama.
Lo mhlangano we-UNSC uphethe ngokuthi ohulumeni bazibophezelele nokulwa nalobu belelesi ikakhulukazi enkabeni ye-Afrika efaka amazwe akhelene nogwadule iSahara, lapho kuthiwa zandile izigameko ezingezinhle ezidalwa yila masotsha. Kulezi zibophezelo, amazwe ase-Afrika
agqugquzelwe ukuba asebenze ngokubambisana ekuqiniseni ezokuphepha emingceleni yawo, nokuthi andise ukucobelelana ngolwazi mayelana nezokuphepha ukuze akwazi ukulwa nokugcwaneka kwalezi zelelesi. Lezi ziphakamiso zibalulekile futhi kumele zisekwe, kodwa uma zicubungulwa kubonakala sengathi lo mhlangano ugudle iguma, ngokuthi ungabhekani ngqo nale nkinga.
Isibonelo nje ngukuthi, ambalwa amazwe ase-Afrika anezinhlangano ezenza lo msebenzi, isikhathi esiningi ngamazwe aseNyakatho ayimthombo yalezi nkampani. Ngakho-ke, kunokuba kuthiwe amazwe ase-Afrika awabambisane ukuze avikele imingcele yawo, kumele kubhekanwe namazwe aseNyakatho lapho lezi zinkampani zivele zizinze khona.
UMnu Senzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika.