Now Reading
Uvule iSishayamthetho exhuga uTrump
Dark Light

Uvule iSishayamthetho exhuga uTrump

ISIZULU sithi nelengqwele liyopha. La magama abe liqiniso kuMengameli wase- United States of America (USA), uMnu uTrump. Lo mholi osezenzele igama ngokuba nolimi olubukhali ezimbangini zakhe kupolitiki ngisho nabezindaba imbala ungqimuzeke phansi engalindele njengoba egcine enze lokho okufunwa yizimbangi zakhe. Indaba iqale ngesikhathi edudulana noSomlomo weSishayamthetho uNkk uNancy Pelosi.

Emuva kokufunga ukuthi ngeke agobe uphondo odabeni oluthinta isabelomali sodonga oluzoba ngumngcele, uTrump ugcine esehlele ngezansi. Ukungaboni ngaso linye kuqale ngonyaka owedlule ngesikhathi uTrump elibeka livundla kabili elokuthi ufuna kube nesivumelwano sokuthi kusabelomali nonyaka kuzobekwa eceleni imali eyizigidigidi ezi-$5.7 nokuyimali ezoxhasa ukwakhiwa kodonga emngceleni we-USA kanye neMexico. Kulokhu uTrump ubesekwa yiqembu akulo iRepublican.

Sekungumlando ukuthi lokhu kumenze waba nemihuzuko wabuye wabukeka ebuthaka njengoba uNkk uPelosi nosenesipiliyoni sokusebenza eSishayamthetho emchilizele eceleni uTrump kulolu daba. Lona kube ngumzuliswano wokuqala obe lukhuni kuTrump neqembu lakhe amaRepublican.

Okwenze kwabophana izaqha kube wukuthi lokhu kwenzeka ngesikhathi imiphumela yokhetho obelungoLwezi yenze amaDemocrats kwayiwo anezithunywa eziningi eSishayamthetho nokuwanika amandla okuphikisa ngevoti.

Ukutshengisa amandla amasha anawo amaDemocrats ngomlomo kaSomlomo eluleke ukuba uMengameli ahoxise inkulumo yakhe ayibhekise esizweni ngenxa yokuthi ukungaboni ngaso linye kwenze kwaze kwaphazamiseka nokusebenza kukaHulumeni. Ukungasebenzi kukaHulumeni izinsuku ezingama-35 kwenze izisebenzi ezibalelwa ezi-800 000 zingakhokhelwa amasonto amabili. Konke lokhu kwenze abezimali bakhononda ngokuthi uma abantu bengakhokhelwa okusho ukuthi kabathengi nokusho ukuthi umnotho uyakhinyabezeka.

Ephawula ngalesi simo uMnu uJohn Williams oyisethenjwa kwezezimali kuleliya lizwe uthe, ‘akungabazisi ukuthi ezinye zezinto ezidodobalisa umnotho wukungasebenzi kukaHulumeni’.

Kwavela nesingathekiso sokuthi ukungasebenzi kwabantu ababalelwa ezi-380 000 kungahle kwehlise umnotho ngo-0.08 wamaphoyinti. AbakwaS&P Global Ratings bathe umnotho ushayeke kakhulu nobekuyinto ebingalindelekile. Bathe i-USA ilahlekelwe yizigidigidi eziyisi-$6 nokuyimali enkulu kunaleyo eyizigidigidi ezi-$5.7 zokwakha udonga. Namabhange nawo akhala ngokuthi lesi simo sidala ukuba abe nongabazane ekubolekiseni ngemali ngoba akwazeki ukuthi iyobuya nenzuzo yini uma isimo somnotho siba simbi. Isimo bese sisibi kakhulu ngoba nezisebenzi zikaHulumeni bese ziphoqeleka ukuthi ziyoshaya ujenge ukuze zithole iyambazi. Ngenxa yalesi simo nezinombolo zokwesekwa kukaTrump bese zehla kwazise ngisho nalabo abamesekayo bese kukhona ukungeneliswa yindlela alusingethe ngalo lolu daba.

Ucwaningo lwe-Associated Press luveze ukuthi ukwesekwa kwakhe bese kungama-34% kusuka kuma-42% ngenyanga eyedlule. Izisebenzi ebezithinteka ekungaholini bekukhona kuzo ngisho neziqaphe izindlu zombuso okuyiWhite House nobekuphoqa ukuba abezokuphepha babe mehlo mabili.

See Also

Ngokubona lesi simo uTrump uphoqeleke ukuba ehlele ngezansi avume ukuba kuvulwe uHulumeni, anike nethuba ukuba kube nokubonisana phakathi kwabamele amaDemocrats kanye namaRepblican nathe umqamula juqu kuyoba umhla zili-15 kuNhlolanja.

Ukuvulwa kweNdlu

Okwenzeke kuleli sonto ngesikhathi uTrump evula iSishayamthetho kusuka enkulumweni yakhe kuveze ukuthi uyakuqonda ukuthi eWashington (eSishayamthetho) akufani naseWhite House lapho ekhonya khona. Kunalokho eWashington izandla ziyagezana, kufuneka isisoka. Akukho ukungabaza ukuthi uzowufuna umzuliswano wesibili kepha okwamanje osahamba phambili nguSomlomo uPelosi.

Scroll To Top