IQatar ivuka beyinyathela omkhaya bayo baseMiddle East



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
KWAKUPHAKATHI nenyanga kaNhlangulana kowezi-2017 kwelase-Saudi Arabia lapho khona i-United Arab Emirates, Bahrain, Egypt, kanye nayo i-Saudi Arabia bavumelana ngokumisa ukuhwebelana nelase-Qatar.
Lawa mazwe athi asebona isitha kumkhaya wawo i-Qatar njengoba lelizwe seliziphatha ngokwehlukile kuwo. Nabahlobo balawa mazwe okubaleka kubo izwe lase-Maldives, Mauritania, Senegal, Djibouti, Comoros, Jordan, uHulumeni wase-Libya ozinze e-Tobruk, kanye nowase Yemen oholwa isizwe sama- Hadi bazwakalisa ukuhambisana nesinqumo salawa mazwe bathi nabo bayakunqamula ubudlelwano naleli lase-Qatar.
Avumelana ngo ‘elethu’ ekuvimbeleni konke okudlula emikhathini yawo, emhlabeni kanye nasolwandle lwawo oluya kulelizwe. Kwathi ziyi- 13 kuNtulikazi kowezi-2017, ngomlomo kaNgqongqoshe woMnyango Wezangaphandle u-Ibrahim Abdulaziz Al-Assaf elase-Saudi Arabia lahlinzekela ngohlu lwezikhalo nemiyalelo migomo enkosini-Tamim bin Hamad Al Thani e-Qatar.
Okwakuhamba phambili kulezi zikhalo miyalelo kwakungukuthi; abuphele ubudlelwano balelizwe nelase- Iran; awavalwe amahhovisi abaphehli bodweshu kulelizwe okubaleka kubo i-Muslim Brotherhood, ISIL, al-Qaeda, Fateh al-Sham kanye ne Hezbollah yaseLebanon.
Luphinde lubale nokuthi; asivalwe isiteshi sezindaba i-Al Jazeera kanye namadlela ndawonye aso; akuphele ukuxhasa amavukelambuso e-Saudi Arabia, Egypt, Buhrain nase-UAE.
Zaziyishumi izinsuku elalinikwe zona lelizwe ukuthi livume ukulandela lezikhalo miyalelo, kodwa lathi zingamane zilime ziyetsheni. Unswinyo lwalawa mazwe laholela ekutheni sifi ke ezigidini ezingaphezu kwama-700 ezilahlekayo e-Qatar minyaka yonke selokhu laphendukelana nomkhaya balo lelizwe.
Inkampani yezindiza kahulumeni i-Qatar Airways ngophezulu yabika ukuthi zingama-69 izigidi eziyilahlekele ngenxa yalo mdonsiswano.
Ukuzenza obhongoza kwe-Saudi Arabia nokugxambukela kwe-USA kwelaseMiddle East sekulenze laba buthaka lolu nswinyo njengoba i-Iran kanye neTurkey sebethe hlangana mihlathi eyazanayo nelase-Qatar. UMengameli waseTurkey uRecep Tayyip Erdogan ohlaselwe unswinyo lwase-USA uvakashele lelizwe kuLwezi kophezulu ezoqinisa amaxhama obuhlobo nokuhwebelana phakathi kwalawa mazwe omabili. Ephendula abezindaba mayelana nalolu hambo wathi “I-Qatar ime nathi kunzima amaphekula esisabisa ngonswinyomnotho efuna ukusilawula senze intando yawo.”
Kanjalo noMengameli we- Iran u-Hassan Rouhani watusa lelizwe ngokungavumi ukudlala ontabakayikhonjwa abafuna ukuyikhethela abangani. Muva nje ikomkhulu le-Qatar i-Doha lithembisa ukutshala ngaphezu kwezigidigidi ezi-15 eTurkey. Ngokwababali lokhu kukhomba ukusimama umnotho nokwanda kwabahlobo kwelase-Qatar.