Now Reading
IDA isihlaba iyasihlikiza isiphakamiso sokugoma okuyimpoqo ezikhungweni
Dark Light

IDA isihlaba iyasihlikiza isiphakamiso sokugoma okuyimpoqo ezikhungweni

UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme uDkt uBlade Nzimande usenxuse bonke abantu abasezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bagome ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kokhuvethe. UNzimande ubekhuluma nabezindaba ngesimo sokulungela umkhakha weMfundo Nokuqeqeshwa kwasebeqedile esikoleni kulunigiselelwa unyakakufunda wezi-2022

Lesi sithangami siza njengoba eminye imikhawulo  yesigaba sokuqala  yehlisiwe. “Ngithanda ukukhuthaza wonke umuntu osezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi agonywe. Ukugoma kuphephile futhi kusindisa impilo. Njengoba sibheka ukuxhumana ngokugcwele nokufunda kanye nokubuyela ngokugcwele ezindaweni zokuhlala, kubalulekile ukuthi abasebenzi nabafundi bathole izindawo eziphephile,” kusho uNzimande. UNzimande uthi izinhlelo zoxhaso ezifana neNFSAS neSeta kumele zibeke eqhulwini labo abangenayo imali yokufunda emanyuvesi.

Uphinde wakhumbuza abafundi ukuthi uxhaso alusona isibonelelo. “Bonke abahlomula kwaSassa abathola izibonelelo abafake izicelo kuNFSAS sebezitholile izimpendulo. Kodwa kumele senze umehluko wokuthi ukufaneleka ukuthola iNSFSAS akwanele ukuthi uthole leyo mali. Leyo mali uthola kuphela uma uke wamukelwa enyuvesi noma ekolishi,” kusho uNzimande.

Amanyuvesi athi asewulungele unyaka ozayo. ITshwane University of Technology (TUT) ithi izoqhubeka nokwamukela izicelo sekwephuzile. “Njengamanje, simatasa nohlelo lokubhalisa futhi sisathola ezinye izicelo, kodwa kusobala ukuthi iTUT inendawo encane kakhulu. KuFaculty of Science, kuFaculty of Engineering… kanye nakuFaculty of Information and Communication Technology. Isikhungo sethu sokufaka izicelo ku-inthanethi sihlala sivuliwe kuze kube zonke izifundo ziyagcwaliswa,” kusho okhulumela iTUT, uPhaphama Tshisikhawe. 

Babalelwa ezi-40 000 abafundi abaqalayo ukufaka izicelo eNyuvesi yasePitoli. Lesi sikhungo sinezikhala eziyizi-9 000 kuphela. Okhulumela inyuvesi, uRikus Delport uthi bavaliwe unyaka. “Besihlele kusenesikhathi ukuthi sizovulela abafundi abaningi isikhungo sethu. Siqale kancane kancane ukuvula ikhampasi yethu ngekota yokugcina yonyaka odlule futhi kulo nyaka, sifuna ukubuyisela abafundi abengeziwe ngendlela ephephile. Ngakho-ke, sibeka izindlela zokuqinisekisa ukuthi uhlelo lusaqhubeka nehybrid okwamanje, kodwa sethule amakilasi amaningi okubukana ubuso nobuso,” kuchaza uDelport.

INyuvesi YaseJohannesburg (UJ) ithole izicelo ezingaphezu kwezi-350 000. Isikhungo sithi sizoqhubeka nenqubomgomo yaso yokugoma eyisibopho yabasebenzi kanye nabafundi. “Njengengxenye yokusetshenziswa kwethu kuleyo nqubomgomo, uma ufuna ukungena ekhempasini, udinga ukugonywa. Esikhathini sokuqala, sivumela ukugonywa kancane, okusho ukuthi uma iPfizer yayo, kufanele okungenani ube ne-jab yokuqala, kodwa sifuna ukuba nalokhu kufunda kokuxhumana futhi kubafundi bethu,” kuchaza uMbhalisi wase-UJ uSolwazi uKinta Burger.

ISouth African Union of Students (SAUS) ithi inethemba lokuthi imihlahlandlela ngenqubomgomo yokugoma eyimpoqo izoletha ukucaca kanye nokukhululeka mayelana nokugoma ezikhungweni zemfundo ephakeme. NgoLwesibili uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme uBlade Nzimande umemezele ukuthi sekuhlanganiswe ithimba longoti ukuze linikeze imihlahlandlela ngemigomo eyimpoqo emanyuvesi. Amanye amanyuvesi asevele ewusebenzisile lo mgomo kanti amanye awumise aze athole umyalelo woMnyango.

I-SAUS iyaphikisana nokuthi abafundi baphoqwe ukuthi bagome ukuze bakwazi ukungena emanyuvesi. Okhulumela inyunyana u-Asive Dlanjwa uthi, “Mayelana noHulumeni kazwelonke, akukho okukhombisa ukuthi akukho myalelo obekiwe, ongamalungelo kahulumeni kazwelonke. Uma ngempela imihlahlandlela ezoshicilelwa wumnyango ihambisana nezinqubo eziqhubekayo, sinethemba futhi sinombono wokuthi izikhungo eziqhubekile zaphoqa abafundi ukuthi bawugomele. Kuyoba khona ukukhululeka kulokho futhi nalabo abangakakwenzi kakade ngeke basebenzise igunya elingaphandle komgomo kazwelonke wamanje maqondana namagunya.”

IDA iphikisa uhlelo lokugoma ngempoqo

See Also

IDemocratic Alliance (DA) ithi isithathe isinqumo sokuphikisa noma iyiphi inqubomgomo ephoqelekile yokugonyelwa ukhuvethe okungenzeka yenziwe nguhulumeni. Udaba lokugoma okuyimpoqo seludale izinkulumompikiswano eziningi emphakathini kusukela kwaqubuka lolu bhubhane. Iqembu lithi yize likweseka kakhulu ukugomela lolu bhubhane, ubufakazi bamanje bukhombisa ukuthi imigomo ayisebenzi kahle ekuvimbeleni ukusulelana. Ithi isibalo sezifo sisasenzeka kubantu abagonywe kakhulu.

INhloko Yengqubomgomo yeDA, uGwen Ngwenya, uthi okwamanje ayikho ingcindezi enkulu ezibhedlela ngenxa yokhuvethe. “Namuhla iDA ngemuva kokuxoxisana isikhathi eside nongoti bezempilo yomphakathi isithathe isinqumo sokugomela ukhuvethe  okuyimpoqo. Isikhundla sethu ukuthi seseka kakhulu futhi sizoqhubeka nokumela ukugonyelwa kokhuvethe  okuvikela ezifweni ezimbi kakhulu nokufa ngenxa yokhuvethe. “Kodwa-ke, asihambisani nokugonywa okuyimpoqo. Ubungozi benhlalo okufanele buhlolwe ukuthi imuphi umuthi wokugomela oyimpoqo ozama ukuwunciphisa kuwukucindezela okukhulu ezibhedlela ngenxa yokhuvethe. Nokho ayikho ingcindezi enkulu ezibhedlela ngenxa yokhuvethe njengamanje,” kusho uNgwenya. UNgwenya wengeza ngokuthi ongoti bezifo eziwumshayabhuqe balinganisela ukuthi ngaphezu kuka-70% wabantu baseNingizimu Afrika banezinga elithile lokugonywa noma ukugonywa ngaphambilini. IHuman Sciences Research Council (HSRC) ithe ukugoma okuyimpoqo kungenzeka uma iziphathimandla zihleleke kahle.

Akugonywe bonke abantu abakhulile

UNgqongqoshe Wezempilo uJoe Phaahla usanda kuthi unethemba lokuthi isinqumo sokugoma okuyimpoqo sizothathwa ngaphambi kokuphela kukaMasingana kodwa leso sinqumo sesidlulwe yisikhathi, njengoba izibalo zabagomile zisalokhu ziphansi. Uthe okubalulekile kuHulumeni kusewukugoma bonke abantu abadala, okungenani kufike ema-70%. UDkt uPhaahla uthe uyavumelana nongoti ukuthi ukhuvethe selubheke ekubeni yisifo esiwumqedazwe (endemic), wengeza ngokuthi iNingizimu Afrika isikulungele lokhu.

Scroll To Top