Now Reading
UMntwana uyisebenzele i-IFP ayimphumuze manje
Dark Light

UMntwana uyisebenzele i-IFP ayimphumuze manje

KUFIKISELA ngamahloni okwehlela iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) elike laba yiqembu elikhulu eNingizimu Afrika laphatha naKwaZulu-Natal amahlandla amabili ngesikhathi sikaDkt uFrank Mdlalose noDkt uLionel Mtshali (osewaya kwelamathongo) nabanye abaholi ababevelele ngaleyo minyaka.

Kule minyaka edlulile, leli qembu belikleliswe phezulu kumaqembu aphikisayo kodwa idumela lalo liya ngokuya lishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga.

Akuthusanga ukubona iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) lidla isifundazwe iKwaZulu-Natal ngonyaka wezi- 2004, okwalandelwa ukuhlubuka kwamanye amalungu aqavile eNkatha.

Leli qembu liqhubekile nokulengela eweni isikhathi eside, kukhona nenkombankombane ngokumele angene ezicathulweni zikaDkt uMangosuthu Buthelezi. Okuthusile kube wukumemezela kwaleli qembu ukuthi uDkt Buthelezi usazoqhubeka abe ngumholi nobuso baleli qembu okhethweni oluzayo.

Kubonakala kuwukungahleleki kuleli qembu ukuthi lisengafuna ukuthwesa umthwalo uMntwana wakwaPhindangene ekubeni ngokukhula eseneminyaka emingaka.

Ngokwengcindezi eza nokuba ngusopolitiki bese kumele uMntwana athathe umhlalaphansi noma ngabe kuthiwa yena ubengahambisani nalokho. Mina ngiyakholelwa ekutheni iqembu linemigomo ethile ebekiwe ebhekelela isimo salolu hlobo kulabo abasuke bengamalungu eqembu. Kanti uMntwana uyokuthola nini ukuphumula?

Mhlawumbe akudokwe eligayelwe mina okwenzeka kuloya muzi weNkatha.Nokho angikwazi ukuthula kunesimo esinjena esingaholela ekuthunazekeni kwesithunzi soMntwana, okungafihliwe ukuthi wabamba iqhaza elikhulu ekuletheni uzinzo kwezepolitiki esiFundazweni iKwaZulu-Natal.

UShenge bese kuyisikhathi sokuthi akhululwe ayophumula. Uma kungukuthi iqembu belisamdinga, ubengasebenza ukunika izeluleko uma kunesidingo, hhayi ukumethwesa leli joka. Abasebuholini kuyo iNkatha kumele balubuyekeze lolu daba loMntwana. Uma iNkatha isamile ekutheni iyiqembu elilwela intando yeningi, akufanele ngabe ibanjwa yingebhe uma kufanele uMntwana ehlele ngezansi.

See Also

Baningi abaholi eNkatheni abangalivusa iqembu libuyele kwelaliyikho ngeminyaka eyedlule.

Singabala uMnu uBlessed Gwala, uMnu uNarend Singh okungabaholi asebenesikhathi eside beyibambile eqenjini. Lokhu kungahumusheka ngokuthi uma kungaphuma uMntwana ebuholini kuyofana nensumansumane indaba yokuthi kwake kwaba khona i-IFP.

Kuyaye kuthiwe eyomndeni kayingenwa. Nami angiyingeni kodwa ngibone sikhona isidingo sokuveza ilaka lami ngalolu daba lukaMntwana olubukeka lushawa indiva ngaso sonke isikhathi uma sekumele aphumule.

Kuyimanje kucwebe iziziba mayelana nemikhankaso yeNkatha ukulungiselela ukhetho oluzayo lukazwelonke. Lokho kukodwa kuyizinkomba zokuthi leli qembu selilahlekelwe umgqigqo ebelihamba ngawo eminyakeni eyedlule. Lokhu kusho ingozi eqenjini ngokhetho oluzayo.

Scroll To Top