Yihuzu noma ngumalamulela?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
SEKUPHELA amasonto amabili abantu baseNingizimu Afrika bekhexa umlomo ngobufakazi obethulwa kuKhomishini yokuphenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso. Le Khomishini eholwa nguMehlulei uZondo iqale sengathi ibheka umndeni wakwaGupta kanye nalowo owayenguMengameli, uMnu uZuma. Uphele unyaka owedlule kwabathize kunokuvumelana ukuthi nembala abakwaGupta bazalelwe yinja endlini. Nokho izinto zibe seziba ngokunye uma kuqala lo nyaka. Kuqala kwenzeka okungajwayelekile ngosuku lokuqala lokuhlala kweKhomishini kulo nyaka, lapho abameli beKhomishini becele ukwenza isethulo bechaza okuthile. Ekuchazeni kwabo baveze ukuthi izizathu ezithile kubandakanya nezokuphepha zenze bathatha isinqumo sokuba bethule kule Khomishini ufakazi nobufakazi obebungalindelekile nongethulwanga ngokwenqubo.
Lokhu bathe kungenxa yesisindo sesethulo sakhe nabathe sizophatha amagama abantu abaningi abasezikhundleni. Khona lapho baveze okunye obekungalindelekile, kokuthi ufakazi ndini lona uhamba ejeqeza yikho esenikwe nabaqaphi. Lesi sethulo sinkemise bonke abebekhona ikakhulukazi abezindaba nokube sekuba nesasasa ekutheni ngabe ngubani lo fakazi uza nabuphi. Okusobala wukuthi uma eqashwe ngumbuso okusho ukuthi kube khona, njengenqubo ucwaningo olunzulu noluholele ekuthini alalelwe.
Kuthe nje uma kuphela isethulo nesamukelwe nguSihlalo lwasuka uthuli. Izwe lethulelwe uMnu u-Angelo Agrizzi owayeyiChief Operation Officer (COO) enkampanini iBosasa. Izethulo zale nsizwa ziveze amagama abantu abakhulu kusuka koNgqongqoshe, izisebenzi zikaHulumeni kanye nabaphenyi. Obekwenza okunye abekukhuluma abantu bakukholwe wukuthi ubelimisa mpo elokuthi ubengathumeli kepha ubezigayela yena njengoba bekukhona lapho abeveza ukuthi nguye siqu obecolisa abuye asondeze izithebe kulabo asebekhonjiwe okungabahlonishwa nezikhulu.
Yize kungekho bufakazi bokuthi ubeqonde lokho kepha ubufakazi bakhe bubulale yonke imizamo kaMengameli uRamaphosa yokuzichoba izintwala zenkohlakalo ebede esolwa ngazo. Ubufakazi buka- Agrizzi busengakhishelwa inselelo kepha kusithunaze kakhulu isithunzi sabanye abaholi be- ANC.
Ihuzu noma ingelosi
Esitatimendeni sakhe esifungelwe lo mlisa akananazi ukuthi akwenzayo naye kungahle kumgaxelise. Luvele lukhona uphenyo olwaphothulwa ngowezi-2009 nolweziwa ngabeSpecial Investigating Unit (SIU) nolusho khona ukuthi inkohlakalo yabe idla lubi enkampanini iBosasa. Le nkohlakalo yabe ithinta ukwenzelela kumathenda nokuyinto u-Agrizzi ayifakazele. Umbuzo uthi ngabe lokhu akwenzayo kunezinhloso ezinhle noma qha, kungenzeka yini ukuthi uzicubuzela amagabade ukuze kuthi uma sekufika isikhathi sokuthi kushushiswe bonke ababeyingxenye yombiko weSIU kube khona lapho ethanjiselwa khona. Yena luqobo ebufakazini obufungelwe uveze ukuthi babhidliza imiqulu eyizi-40 000 neyabe inobufakazi benkohlakalo yenkampani kanye nezikhulu zayo. Khona lapho ziyanda izinkulumo ezithi kungenzeka uma eseqede lokhu akwenzayo kokwethula ubufakazi bese enza isivumelwano neNPA ukuze abe ngufakazi wombuso. Okunye okuvelayo wukuthi ungumuntu owahamba enganeme enkampanini ngoba wabe enezinhloso zokuphatha le nkampani athathe isikhundla sikaMnu uWatson nashiya angalazi ngaye njengoba embeka njengobhongoza wenkohlakalo.
Akukho ukungabaza ekutheni bazoba khona abanesifiso sokumpheka ngemibuzo kusuka kuyo iBosasa le ayinekela izwe kuya nakubantu abakhombe njengezimpaka ezabe zondliwa yiBosasa ngenhloso yokubenza babe ngakuyo (inkampani) uma sekukhishwa imisebenzi. U-Agrizzi akekho msulwa, naye uyakuvuma lokho kepha umbuzo uthi ngabe lokhu akuvezayo ukuveza ngoba ehlose ukulekelela elakuleli ekuphumeni obhukwini lwenkohlakalo noma uvika akubonayo ukuthi kuyeza kuzoshisa ihlathi yena nalabo namuhla athi bakhohlakele abacashe kulo, basale bequlusile?