Umthelela wezinkundla zokuxhumana emsebenzini


ESIKHATHINI esiphila kuso izinkundla zokuxhumana sezakwenza kwaba lula ukudlulisa umyalezo nokuxhumana okungagcini nje ezingeni lomphakathi kuphela kodwa nezinkampani sezithembele kakhulu ebuchwephesheni besimanje kwezokuxhumana.
Engqungqutheleni esanda kubanjwa ebinkulu kakhulu ngokubaluleka kwezinkundla zokuxhumana nokuqonda ukusebenza kwazo ummeli uSamiksha Singh ukhulume kabanzi ngezinkundla zokuxhumana. Okunye akubalulile ukuthi lokho okubhalwa umuntu ezinkundleni zokuxhumana ngozakwabo, umphathi wakhe noma indawo asebenzela kuyo kumele aqonde ukuthi kuzogcina kufinyelele emphakathini. Waveza ukuthi ukuphawula okufakwe ezinkundleni zokuxhumana kungaba nomthelela enkampanini nakubantu emsebenzini.
Ngokusho kwakhe abantu kumele bakuqonde ukuthi neinthanethi inayo inqubo yayo esetshenziswayo. Isibonelo nje uma umuntu esebhalile kwaba khona amhlambalazayo ezinkundleni zokuxhumana kuba nzima ukuthi lowo monakalo ulungiseke. Umuntu ongena ezinkundleni zokuxhumana abhale okuthile kumele akwazi kahle kamhlophe ukuthi umthelela walokho kungaba yini. Abasebenzi esikhathini esiningi baba ngamanxusa ezinkampani abazisebenzelayo ngakho into abayibhala ezinkundleni zokuxhumana ingaba nomthelela enkampanini nasemsebenzini ewenzayo. Uma abasebenzi bengafundisiwe ngomthelela izinkundla zokuxhumana ezingaba nawo empilweni nasemsebenzini wabo, kuba nzima ukuthi bangaqonda ingabachaphazela kanjani.
Ecaleni likaRobertson and Value Logistics ngowezi-2016 owayefake icala uNks uLynn Robertson wafaka enkundleni yokuxhumana ukuthi wayesediliziwe emsebenzini noma ukudilizwa kwakhe kwakungakaphothulwa. Ngesikhathi abaqashi bakhe okwabe kuyiValue Logistic, sebekubonile ayekubhale enkundleni yokuxhumana wabizelwa esithangamini sokuqondiswa ubugwegwe nalapho wafike waxoshwa khona. UNks uRobertson wathatha udaba lokuxoshwa kwakhe waludlulisela eMkhandlwini iNational Bargaining Council lapho aveza khona ukuthi akayena umuntu oqonda ubuchwepheshe besimanje.
UKhomishana owayehlalele icala wathi lokho akubhala kuFacebook kwakuzwakala njengento emhlukumezile emphefumulweni kunokuhlasela abaqashi bakhe wathi ukuxoshwa kwakhe kwabe kungenabulungiswa. UKhomishana wakhipha umyalelo wokuthi uNks uRobertson abuyiselwe emsebenzini ngokwemibandela efanayo ayesebenza ngaphansi kwayo futhi akhokhelwe nawo wonke umholo wakhe.
Lesi sinqumo saba isifundo nakwabanye abaqashi sokuthi uma bezothathela izinyathelo abasebenzi babo ngenxa yokubhala okuthile ezinkundleni zokuxhumana, kumele kube ukuthi abasebenzi bakuqonda kahle ukusebenza kwezinkundla zokuxhumana nemithetho ehambisana nakho. Izinkampani ezingenayo inqubomgomo ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana kumele zibe nayo ukuze zizivikele. Uma inkampani ingenayo inqubomgomo kulula ukuthi umsebenzi aphume phambili noma azi kahle ukuthi abekwenza kuphambene nomthetho. Abasebenzi abasha nabadala ezinkampanini kumele banikwe izifundo ngokusebenzisa izinkundla zokuxhuma, lokho kusiza inkampani nabo abasebenzi uma sekukhona ophembene nomthetho.