Now Reading
OweBlitzbokke uthi kufanele bavuke bazithathe
Dark Light

OweBlitzbokke uthi kufanele bavuke bazithathe

UMQEQESHI wama Springbok Sevens, uNeil Powell uthi ukuhluleka kwabo ukuqala kahle ukuvikela isicoco seHSBC World Rugby Series kubafake ingcindezi yokuthi kumele nakanjani bayinqobe iHamilton Sevens neSydney Sevens.

Kule mpelasonto ezikaPowell zizobuyela ensimini eNew Zealand lapho zizobe zidlala emqhudelwaneni iHamilton Sevens.

Elakuleli ngokwezikleliso lisendaweni yesihlanu ngamaphuzu angama-29, iqembu elizihola phambi i-United State of America (USA) Sevens enamaphuzu angama-38.

Ekhuluma nabezindaba uPowell uthe: “Uma usuke ungumpetha wonke umuntu osuke ezobhekana nawe usuke ehlome ephelele ngoba uyabazi ubungozi bakho. Nathi emiqhudelwaneni emine edlule okuyiDubai Series neCape Town Series, sibhekanile naleso simo,” kusho uPowell.

IBlitzbokke iseqoqweni u-C lapho iboshelwe khona neKenya Sevens, iScotland Sevens kanye neFrance Sevens. Elakuleli libukeka lizokwenza okujwayelekile ukuthi lizidlulele kalula esigabeni samaphuzu, kwazise amaqembu elinawo awayona nakancane ingozi.

IKenya ilele endaweni ye-14 ngamaphuzu amane, iScotland ilele endaweni ye-11 bese kuthi iFrance ibe sendaweni yesikhombisa angama-20.

UPowell uqhube wathi, “Yize siqale ngegiya eliphansi kodwa uma singanqoba kule mpelasonto nakwezayo e-Australia sizosibuyisa isithunzi nethemba kubadlali. Cishe abadlali abalishumi esinabo ekhempini baqale nathi umqhudelwano futhi bebekhona sinqoba isicoco. Lokho kunginika ithemba elikhulu ukuthi basengakwazi ukuzithintitha sibuyele esicongweni,” kuchaza uPowell.

See Also

Kuleli qembu kubuyiswe uChris Dry owagcina ukubonakala ngowezi-2017 ngenxa yokulimala. Lo mqeqeshi uphinde wabiza uJC Pretorius ozobe eqala ukugqoka ijezi leBlitzbokke.

Umdlalo wokuvula weBlitzbokke uzoba namuhla kusihlwa lapho izotholana khona neKenya ibe isilandela ngeFrance kusasa entathakusa. Emdlalweni wokugcina izodlala neScotland.

<b>Limi kanje iqembu:</b> uChris Dry, uPhilip Snyman, u-Impi Visse, uZain Davids, uWerner Kok, uKyle Brown, uBranco du Preez, uSelvyn Davids, uJustin Geduld, uDewald Human, uSiviwe Soyizwapi, uStedman Gans noJC Pretorius.

Scroll To Top