Now Reading
Kusolwa ipolitiki embhikishweni womphakathi
Dark Light

Kusolwa ipolitiki embhikishweni womphakathi

UMBHIKISHO oqale ngoMsombuluko e-Imbali Unit 14 eMgungundlovu sewushiye izakhamuzi zisele dengwane emveni kokuba abashayeli bamatekisi benqume ukungenelela esitelekeni bekhala ngemigwaqo engekho ezingeni nasesimweni esigculisayo. Lesi siteleka asizweli kubantu abasebenzisa izithuthi zomphakathi kuphela kepha nabashayeli bezimoto ngoba akungeneki futhi akuphumeki e-Unit 14 ngenxa yemigwaqo evalwe ngamatshe kanye namathayi avuthayo.

Osabambe njengosihlalo wenhlangano yamatekisi Imbali Unit 14, uMnu uThembelani Mbhele uthe kungaba imigodi esemgaqweni ezwakala iseqhulwini kepha sikhonondela namalambu omgwaqo angakhanyi kanye nobugebengu obudlangile emphakathini. “Esikhathini esingangenyanga uma ngingaphosisi omunye wabashayeli bethu entathakusa wabona laba bafana abadla izidakamizwa ababizwa ngamaphara bephethe igenerator. Uma bembuza ukuthi uyithathephi wangundaza babe sebemngenela ngenduku, waze washo ukuthi uyintshontshe ehlathini (igama lendawo),” kulanda uMbhele.

UGodide (abakwaMbhele) uqhube ngokuthi abashayeli babe sebelimukezela emphakathini iphara nawo owalititinya laze ladlula emhlabeni. “Isizathu esenze singenelele embhikishweni ukuthi siyabona umthetho usuhlulekile ukulima indima yawo sicela uma sibona iphara leba sibone thina ukuthi senzenjani ngalo ngeke sifukamele izigebengu endaweni yethu,” kusho uGodide.

Kulo mbhikisho kukhona nababoshiwe, uSabelo “Tuntsula” Mkhize ungomunye wababoshiwe, ephawula ngokuboshwa kwabo uthe: “Asazi yini esiyiboshelwe ngoba simele umphakathi, kumele yini thina sihambe endaweni engalungile kodwa kwezinye izindawo banemigwaqo elungile. Kuyimanje sengivela njengomuntu osenecala sengingaqashwaphi kuzovela ukuthi ngake ngaba necala.”

UMnu uLindelani Phetha ongumnini wamanye amatekisi asebenza e-Unit 14 uphawule wathi: “Singosomatekisi siyayibona imigwaqo igubhekile, ayikho esimweni esigculisayo. Uma sibuza laba bafana abasisebenzelayo bathi lesi siteleka ngesomphakathi, kodwa kusixakile ukubona umphakathi ungagcwele kodwa kugcwele abashayeli bamatekisi.”

UPhetha uqhube ngokuthi uwathathile amatekisi akhe ukuthi uma abashayeli bekhetha ukubhikisha kungagcini sekuboshwa namatekisi akhe. “Njengesakhamuzi salana e-Unit 14 mina iyangidida le nto ngoba ngake ngayibona imibhikisho yomphakathi nokuthi yenzeka kanjani, futhi ngiyazazi iziteleka zasematekisini ziba njani, lo mbhikisho awufani neze nowomphakathi.”

Ikhansela le ndawo uNkk uSindisiwe Gwala ephawula ngombhikisho uthe: “Kulo mbhikisho siyathola ukuthi kunenhlese yepolitiki ekhona eyenza kube nomsindo. Siyawubiza umphakathi njalo emva kwezinyanga ezintathu, siwucele usidlulisele izinkinga ababhekene nazo, uma umphakathi ungasidluliselanga thina siyakudlulisa kwaMaspala siyikomiti. Bese silandelele uma singaboni mphumela.”

UNkk uGwala uqhube wathi bengakabi nalo ihholo lomphakathi bebehlanganela etendeni ebebeliqasha. IHhovisi likaSomlomo sekuzophela unyaka libazise ukuthi imali alisenayo, banquma ukuthi bangayibizi imihlangano ngoba bebenqena ukudelela umphakathi bawubizele elangeni uphinde ume ngezinyawo. UNkk uGwala uqhube wathi: “Ihholo lethu seliphelile kodwa manje akukho lula ukuthi sibize umphakathi ngoba izitulo alikabi nazo, ngoba singagcina siphatheka kabi ngendlela abangakhuluma ngayo uma sibabiza bezoma ngezinyawo.”

Ikhansela liveze ukuthi ngesikhathi kwakhiwa ihholo kuke kwaba nomsindo oqhamukayo ngokuthi kunabantu bohlangothi oluthize abangaqashwanga endaweni, kwaze kwangenelela uSodolobha uMnu uThemba Njilo, nokuphethe ngokuthi kwengezwe ngababtu bali-10 abaqashwayo, uNks uGwala uthe: “Okusithusayo ukuthi lolo hlangothi yilona olubukeka luhamba phambili kulo mbhikisho wamatekisi, kuyavela ukuthi besiyingxenye yokuhlelelwa kwawo kuze kufike ekufakweni kwamaphepha kubhebhethekiswe udweshu.”

Uveze ukuthi bazimisele ukusebenza ngokubambisana nabashayeli bamatekisi, kanye nomphakathi. UNks uGwala uqhube ngokuthi uSodolobha ukwazile ukubatholela abasebenzi abazolungisa lolu daba lwemigwaqo, “Bafikile babona ukuthi kunenkinga, bebengaqali nokho ukufika bake bafika bezolungisa kwenye indawo bafaka usimende esabona kunobungozi ngoba wawungalimaza imoto ngoba wawusendaweni engumhosha, imoto uma iponseka lapho iyolimala iphinde ilimale. Basuthembise ukuthi emumva kwamasonto amabili bazobe sebeqedile ukulungisa imigodi egcwele umgwaqo.”

See Also

Uqhube ngokuthi iyinkinga le mibhikisho ngoba ngesikhathi bebhikisha phambi kweHhovisi lekhansela bemisa ukuqhubeka kwehholo, ngesikhathi bebasele izigodo baqhumisa amapayipi amanzi angaphansi okwaholela ekutheni kuze kugubheke imigodi.

Umphakathi uhlukene phakathi ngombhikisho, uNkk uSizakele Ngcobo ephawula ngombhikisho uthe: “Benza kahle bavale le migwaqo, ngoba asazi yini esetshenzwa yikhansela ukuthi sekungaze kubhoboke umgwaqo ube nje ngisho nangaphambi kweHhovisi lakhe.” Kanti uMnu uThemba Ndlovu unombono owehlukile, uGatsheni uthe: “Kumele izakhamuzi zilimele iqiniso lokuthi isimo somnotho asisihle ezweni lethu, kumele sibonge ukuthi sinawo kwalowo mgwaqo.”

Isikhulu sophiko iRoad and Transportation kuMaspala uMsunduzi uMnu uWiseman Thabethe ephawula ngalolu daba akakubalekelanga ukuthi babhekene nemigodi eminingi egcwele idolobha kanye nasemalokishini. Uveze ukuthi banezinhlelo asebezilungisile bewuMaspala ekutheni kulungiswe udaba lwemigodi edolobheni. “Njengophiko siyazi ukuthi kugcwele imigodi emgwaqweni, sinamaqoqo amane ajutshelwe ukubhekana nezimbobo, kodwa ngenxa yokushoda kwezimoto kanye nabashayeli. Sinqume ukuthi sithole inkampani ezolungisa imigwaqo iminyaka emithathu, isayindwe ngoLwesithathu bazoqala ukubonakala kahle kusabelomali esizayo ngoba isimo sisantengantenga kwezezimali,” kusho uMnu uThabethe.

Uqhube ngokuthi le nkampani bekumele igxile kakhulu edolobheni kodwa ngokuthola ukuthi naseceleni kwedolobha kunezikhalo esezidala nemibhikisho kungcono bagxile nasezindaweni ezingaphandle. “Sesisezinhlelweni zokuthola ububanzi bezindawo ezidinga ukulungiswa, ngoba lo mshini abazofika nawo ukwazi ukwenza ama-100m2 ngelanga, iyothi iphela le minyaka emithathu kuyobe sekucacile,” kusho uThabethe.

Scroll To Top