Imithetho yesintu midala futhi miningi kuneyeBhayibheli

UMSUKA wosikompilo lwenhlonipho yabeNguni itholakala ezimisweni zoBuntu, abase-Khemethi abakubiza ngeMaat. Le mithetho icashunwe encwadini ebizwa ngokuthi yi‘Ncwadi Yabaphansi’ (Book of the Dead), okuyimithetho eyaqoshwa emandulo engakazalwa uJesu kanye noMose, kanti abaseKhemethi babeyinikezwe onkulunkulu baseZulwini. Leyo mithetho yaba ngama-42, imi kanje: Ngeke ngakwenza okubi. Ngeke ngantshontsha noma yini emhlabeni. Ngeke ngalusebenzisa udlame empilweni yami. Ngeke ngabulala esinye isidalwa sikaMvelinqangi. Ngeke ngakwenza ububi. Ngeke ngidalele omunye umuntu ubuhlungu benhliziyo nomzimba. Ngeke ngakumosha ukudla. Ngeke ngaqamba amanga. Ngeke ngangcolisa izindawo ezingcwele zomphakathi.
Ngeke ngakhuluma ububi nokungcola nenhlamba. Ngeke ngasebenzisa ubulili bami ngendlela embi. Ngeke ngakhalisa omunye umuntu. Ngeke nganzela phansi omunye umuntu ukuze azibone engeyilutho. Ngeke ngihlasele esinye isidalwa esungumuntu. Ngeke ngaba yigovu empilweni yami. Ngeke ngacekela phansi ukudla okutshaliwe. Ngeke ngavumelana namanga. Ngeke ngakhuluma kabi ngomunye umuntu. Ngeke ngadinwa ngenze izinto ngokudinwa. Ngeke ngalala noNkosikazi womunye umuntu. Ngeke ngalala nendoda yomunye unkosikazi. Ngeke ngangcolisa umzimba wami nangayiphi indlela. Ngeke ngasusa udlame nobugcwelegcwele. Ngeke ngingcolise umhlaba engiphila kuwo. Ngeke ngakhuluma ngokudinwa, kodwa ngiyozithoba njalo nje. Ngeke ngawabalekela amazwi ayiqiniso. Ngeke ngaphimisa amazwi ayisiqalekiso. Ngeke ngaqala uchuku nokulwa. Ngeke ngenze izenzo ezinochuku. Ngeke ngimbeke omunye umuntu engcupheni. Ngeke ngaxokiza ngomunye umuntu.
Ngeke ngahlala ngicikoza. Ngeke ngawajivaza amadlozi ami. Ngeke ngawamosha amanzi. Ngeke ngakwenza ububi. Ngeke ngeyise, kodwa ngiyohlonipha omdala nomncane. Ngeke ngaphatha kabi igama labaholi bami. Ngeke ngawenza umkhuba wokweba nokukhohlisa. Ngeke ngaphatha kabi iminikelo yasethempelini (esontweni). Ngeke ngibhidlize amathuna alabo asebasishiya emhlabeni. Ngeke ngihlukumeze izingane. Ngeke ngahlukumeza izilwane zasezweni. Kweminye yemicimbi uSolwazi u-Otty Nxumalo, waKwaZulu-Natal, wakhuluma amazwi angihlaba umxhwele nxa ethi ‘iBhayibheli lethu thina boHlanga yinhlonipho’. Uma ucubungula kahle le mithetho yoBuntu baseKhemethi uyothola ukuthi igama eligqamile kuyoyonke imithetho le, yigama lenhlonipho, ngoba inhlonipho isho ukuzihlonipha wena, uhloniphe abantu ophila nabo, bese uhlonipha labo asebahamba emhlabeni.
Incwadi eyingcwele, iBhayibheli, ithi ‘Hlonipha uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni’. Lapha kukhulunywa ngoyihlo, okungashiwo uyihlo wenyama owakuzalayo, kodwa kushiwo noma yimuphi umuntu wesilisa emhlabeni. Lapha kukhulunywa ngonyoko, okungashiwo nje unyoko wenyama, owakuzalayo, kodwa kushiwo isintu sonkana. abaseKhemethi nxa bekhuluma ngo-Osiris, no-Isis kanye no-Heru, babeqonde isintu sonkana. Kuyishwa nje elibi nelikhulu ukuthi ezikoleni zakithi izifundo ezinjengalezi, eziphathelene nosikompilo lethu thina boHlanga, azifundiswa. Yingakho sithathe isinyathelo sokuba sakhe inhlangano entsha sha ebizwa ngokuthi yi-iZulu Institute okuyiyo ezofundisa, hhayi intsha kuphela, ngisho nje abantu abadala, ngemvelaphi yosikompilo lwethu, nokuthi luyini usikomilo empilweni yomuntu omnyama. Ngaphansi kwale nhlangano kuzobakhona izinhlelo eziningi. Phakathi kokuningi, kuzobakhona uhlelo oluzofundisa ngqo ngosikompilo laseKhemethi, okuyilo olwagcina lusabalele umhlaba wonke. Inselelo enkulu esibhekene nayo wukuthi siphila emhlabeni lapho phakathi kwezinhlanga eziningi ezikhona emhlabeni, thina boHlanga safi hlelwa ulwazi loqobo safunzwa ulwazi mbumbulu, kwasekuthiwa asidle lolu lwazi olungamanga, ukuze sibe zimfi binga neziyingayinga. Yithina boHlanga kuphela esenziwa izigqila zeNtshonalanga. Ukuze abacindezeli basicindezele kahle nakalula, kwadingeka ukuba basenze iziyingayinga. Le nhlangano, iZulu Institute, izolwela ukubuyisa ulwazi oluwungqo lwase-Afrika. Kafushane nje, konke lokhu esikuloba kule ngosi sekuzotholakala njengezifundo, njengezincwadi kuphinde kutholakale njengamavidiyo. Nxa ngenza nje isibonelo: Umgomo ngamunye woBuntu, njengoba ibhalwe ngaphezulu, uyochazwa kabanzi ukuze um