Ukuboshwa kweSekelameya kuqinisa izinsolo kubaholi



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
UDABA lokusocongwa kwabaholi bezepolitiki eMgungundlovu namaphethelo luthathe elinye igxathu ngoMgqibelo ntambama. Lokhu kwenzeke ngokuthi kuboshwe uNkk uFucwana Zungu oyiSekela leMeya kuMasipala wesifunda uMgungundlovu. Kubikwa ukuthi uNkk uZungu uboshwe esidlangalaleni esezitolo ehamba nomyeni wakhe uMnu Thulani Zungu. Ngenkathi eboshwa kuvele ukuthi bebengekho onogada bakhe. UMnu Zungu uthe: “Ngenkathi eboshwa uFucwana abashongo lutho mayelana namacala okubulala, kodwa kuvele ukuthi uboshelwa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo.”
Nokho yize umyeni weSekela leMeya eyiphika eyokuyamanisa ukuboshwa kwalo namacala okubulala kodwa kukhona osekuvele kulihlobanisa nokubulala. Kuyinto eyaziwayo ukuthi uNkk uZungu ungubabekazi kaNkosinathi Gambu, abe ngumama kaGift Zungu, bobabili abasaboshiwe ngokusolakala ngokuba nesandla ekubulaweni kukaMsawenkosi ‘Maqatha’ Mchunu owabulawela emzini wakhe kwaPata ngenyanga kaNhlaba onyakeni ophezulu.
Udaba lokubulawa kukaMaqatha bekulokhu kunokusola ukuthi luxhumene nemibango yepolitiki eqhubeka lapha esifundazweni kodwa singekho isiqiniseko. Ukuboshwa kweSekela leMeya sekuyaziqinisa lezi zinsolo. Lokhu kuqinisekiswa nangukuthi ngoMfumfu abakwasidlodlo bagasela bapequlula emzini kaFucwana kwaPata okuqinisa izinsolo zokuyamaniseka kwakhe namacala. Imithombo yeBAYEDE idalule ukuthi iningi lisola uFucwana ngokuthi ubesebenzisa amandla akhe epolitiki. Lokhu kulandela isigameko sikamama thizeni ongathandanga ukuzichaza, ebike ukuthi umuzi ohlala uNkosinathi ongumshana kaFucwana osavalelwe ejele kwakufanele kube ngowakhe. Le mizi bayakhelwa uHulumeni ngoba bebhidlikelwe yizindlu ngenxa yezikhukhula.
Izihlobo kanye nomphakathi esifundazweni sonke iKwaZulu- Natal baba nethemba lokuxazululeka kwamacala okubulawa kwabaholi emva kwenkulumo kaMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa. Enkulumweni uMengameli ayethula kudutshulwe owayeyisishoshovu sikaKhongolose uMnu uMaqatha Mchunu wethembisa ukujuba ithimba elizophenya amacala okubulala okusolakala ukuthi ahlobene nezepolitiki KwaZulu-Natal. Aziphelanga izinyanga ezine emva kwale nkulumo kwaboshwa uGambu kanye nabanye abahlanu njengoba sekungena neSekela leMeya nje. Yize kubuye kwabulawa elinye ikhansela endaweni yaseMlaza okunguMnu uSbu Maphumulo nokho zithe ukwehla izigameko zokubulawa kwabaholi esifundazweni emva kwezethembiso zikaMengameli. Ukuqhubeka nokuboshwa kwabasolwa kunikeza ithemba lokutholakala kwezixazululo.
Bekungesibona osopolitiki bakaKhongolose kuphela ebebebulawa kepha neNkatha ishayekile. UMnu uZakhele Mazibuko owayengunobhala wesifunda Uthukela wadutshulwa wabulawa ngoMandulo kophezulu. UMazibuko ubengusopolitiki wesibili weqembu iNkatha ukubulawa kulo nyaka.
Uma sibuyela odabeni lokubulawa kukaMaqatha, iqiniso elingebalekelwe elokuthi kube noqhekeko enhlanganweni uKhongolose ngenkathi kuzokhethwa ubuholi beqembu ngoZibandlela nyakenye, lapho abanye babehamba noDkt uNkosazana MaDlamini Zuma abanye behamba nowanqoba uMnu uCyril Ramaphosa, kanti-ke uMaqatha ubengakufihli ukuthi weseka uMnu uRamaphosa. Kanjalo noGambu osolwa ngelokubulala uMaqatha akakufihli ukuthi wayeseka uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma.
Ithimba elajutshwa nguRamaphosa ngoNhlangulana lusaphenya amacala amaningi okusolakala ukuthi alumbene nombango wezepolitiki esifundazweni saKwaZulu-Natal. Ezinyangeni ezintathu ezedlule uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu uBheki Cele waveza ukuthi ithimba elijutshelwe ukubhekana nala macala seliveze ukuthi sekuboshwe abantu abangama-28, kanti abangama-22 banqatshelwa ibheyili.
UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natal uMnu Willies Mchunu wadalula umbiko weKhomishini kaMoerane eSishayamthetho owaveza ukuthi kumele kwenziwe uphenyo ngokushesha ngayo yonke inkohlakalo yosopolitiki, amalungu omphakathi kanye nosomabhizinisi. UNdunankulu wanxusa amalungu omphakathi ukuthi kusetshenziswane ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kokubulawa kwabantu. Embikweni kwavela ukuthi ukubulawa kosopolitiki kudalwa abantu abafuna ukuba ngogombela kwesabo nokuba nezwi kumathenda.
Phakathi kwezincomo ezakhishwa iKhomishini kwavela ukuthi amaqembu epolitiki akube yiwo alawula amalungu awo, athole ukufundiseka ngokushesha ngepolitiki enokuthula. Kumele kwazeke ukuthi kupolitiki kuyancintiswana, uma kukhona otholakale ebhebhethekisa udlame, inhlangano imthathele izinyathelo, uma kungukuthi babulele baqondane nengalo yomthetho.
Okunye okwavela kwaba ukuthi umuntu owenza umsebenzi kaHulumeni akube umuntu onesicucu salowo msebenzi, uma etholakala engawufundele asuswe kuwo. Kwavela nokuthi uma sekuphenywa ngamacala okubulala oyilungu lomphakathi noma usomabhizinisi ongazimisele ukusebenzisana nengalo yomthetho kumele ashushiswe.