Izingane zabazali bangaphandle azinalo ilungelo lobuzwe
UMUNTU “ongumsinsi wokuzimilela” umuntu osuke enobuzwe ngokulandela umthetho i-Immigration Act’ (South African Citizenship Act 88 of 1995). Lo mthetho njengokuchitshiyelwa kwawo ngowezi-2004 uthi lowo onamaphepha aqondile okuba umhlali wakulelo lizwe unawo wonke amalungelo anikezwa umhlali wakulelo lizwe asemithethweni yezwe nakuMthethosisekelo. Umthetho obizwa ngokuthi i-Identification Act 68 of 1997, uthi lowo muntu kumele anikwe umazisi waseNingizimu Afrika.
Ngokomthetho elawula ukubhaliswa kwezingane ezizelwe nesezidlulile emhlabeni, umuntu ongeyena owaseNingizimu Afrika uchazwa njengalowo onezincwadi zokuba ezweni zesikhashana lapho kuhlanganisa labo abangababaleki nabasuke bekhusele okwesikhashana kodwa bevikelekile ngaphansi komthetho iRefugees Act.
Uma laba abakuleli kwenzeka bethola izingane, lokho akusho ukuthi lezo zingane sekumele zibe nomazisi bakuleli, kodwa abazali bazo kumele ukuthi ngesikhathi befaka izicelo zomazisi bazo bakuveze ukuthi bona ngabakuliphi izwe okuyosho ukuthi nezingane ziyobe zingelakulelo lizwe.
Uma lezi zingane sezizelwe futhi sekwaziwa uMqondisi Jikelele woMnyango wezasekhaya uzobe esekhipha isitifiketo sokuzalwa esingenayo inombolo kamazisi uma labo bazali kungebona abakuleli. Njengoba sekuke kwacaciswa abantu abangabokuzalwa ezweni kukhona imithetho abavikelekile kuyo namalungelo athile abanawo abokufika abangenawo.
Ngasohlangothini lwabantu abasuke sebengaphakathi ezweni kodwa abangenazo izingane abazitholele sebelapha, kubalulekile ukwazi ukuthi uthini umthetho ngokuhlaliswa kwabo noma lapho kumele basuswe endaweni abasuke behlala kuyo. Abantu abangabokufika kuleli banelungelo lokuhlaliswa okwesikhashana endaweni ethile.
NgokweSigaba 4 soMthetho iPrevention of Illegal Eviction ne-Unlawful Occupation of Land Act 19 we-1998, uthi uma umuntu esehlale endaweni isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha, inkantolo ingakwazi ukuthi imkhiphe kuleyo ndawo uma ibona lokho kufanelekile, inqobo nje uma kuzobhekwa zonke izimo. Okubalulekile ukuthi lowo osuke esuswa endaweni kubhekelelwe ukuthi yiyiphi enye indawo angakwazi ukugoba kuyo amadlangala. Uma umhlaba kungokaMasipala kumele kube yiwo owenza ezinye izinhlelo ukuze osusiwe atholelwe enye indawo.
Ecaleni likaChapelgate Properties v Unlawful Occupiers of Erf lowezi-2016 kwakuwukuthi uMasipala waseJohannesburgh unaso yini isibopho sokuzamela enye indawo abantu ababengene ngokungemthetho endaweni yenkampani iChapelgate Properties. Iningi labantu ababengene kule ndawo ngokungemthetho ababeyingxenye yamaphesenti angama-60 kwakungeboba abaseNingizimu Afrika.
Okwakufakazela lokho ukuthi nezincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli babengenazo. Umsebenzi wenkantolo waba lula ngoba yanquma ukuba basuswe. Inkantolo yabuye yanquma ukuba uMasipala utholele indawo abanye ababesusiswe okwakuvela ukuthi bayintula ngempela indawo, kodwa nalokho kwakunombandela ngoba kwakumele baveze ukuthi banazo izimvume zokuba eNingizimu Afrika.
Okunye okwabe kuwumbandela ukuthi bazifakile izicelo zokungena ezweni njengababaleki. UMehluleli uSpilg wakhipha isinqumo esithi abokufika kuleli futhi abangene ngokungemthetho abakwazi ukuthi bangashiywa ngaphandle ekunikezelweni ngezindawo zokuhlala zesikhashana. Konke lokhu ngokukaMehluleli kuncike eMnyangweni Wezasekhaya. Ekubhekeleleni abokufika kuleli abangene ngokungemthetho kuhle ukubanikeza izindlu zesikhashana kodwa lezo zindlu akumele zibe yindlela yokungena ezweni nokuzitholela izindlu zamahhala.