Now Reading
Asiphelelanga, u-2018 uqobe uvungula kubaholi
Dark Light

Asiphelelanga, u-2018 uqobe uvungula kubaholi

INGOMA ethi, “Asiphelenga kushoda u …” iyiqiniso elimsulwa uma kukhulunywa ngeNingizimu Afrika nomhlaba wonke lapho kusakazeke khona abantu abangama-Afrika. Unyaka u-2018 ube ngomubi ngokuthatha abantu ababambe iqhaza lokulwela inkululeko kuleli lizwe bengaphakathi noma bengaphandle kwezwe.

Ngaphakathi eNingizimu Afrika izwe nomhlaba wonke bazwele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMama uNomzamo Winnie Mandela owayegane uDkt uNelson Mandela naye ongasekho emhlabeni ngoMbasa wowezi-2018. Umzabalazo kaMama uWinnie Mandela uyaziwa. Ubengadingi ukuthi akhoseliswe ngaphansi kwephiko lomyeni wakhe ukuze ame njengomuntu owazabalazela inkululeko yomuntu omnyama kuleli. Ukudlula kwakhe mhlabeni kwancisha elakuleli isigagayi esiphume singena emajele obandlululo futhi singesabi ukutshela abasemandleni lokho okusemqondweni waso.

OkaMadikizela udlule emhlabeni ngesikhathi iqembu lakhe nezwe bemdinga kakhulu. Ubeyikhubalo lokuhlanganisa imihlathi eyalanayo kwazise ubamukelwa yizona zonke izinhlangothi. Noma-ke kukhona labo ababengahambisani nendlela yakhe yokulungisa izinto bemthatha njengomuntu onamawala kodwa iqiniso lithi ngisho ubungamnyakazisa phakathi kwamabili ubenguKhongolose ongaxutshwe nalutho. UMengameli uRamaphosa ubemdinga njengodondolo ebeliyomwezela ngaphesheya njengoba umfula owukhetho lowezi-2019 ubukeka ungenisa nezigodo.

Ngayo inyanga kaMbasa izwe laseNingizimu Afrika nomhlaba baphinde bagubuzelwa yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kukaDkt uZola Skweyiya obe yinxusa lakuleli emazweni aphesheya kanti futhi unomlando wokuba ngowokuqala ukuqhamuka nohlelo lwesibonelelo sikaHulumeni esaphethe uMnyango Wezokuthuthukiswa koMphakathi. UDkt uSkweyiya ungomunye wabaholi abayilwele kakhulu inkululeko yakuleli. Uhambe ngesikhathi iNingizimu Afrika inenselelo yabaholi abaqotho emazingeni ahlukene empilo yomphakathi. Iqembu i-African National Congress ife olwembiza ngokudlula emhlabeni komholi onohlonze njengoDkt uZola Skweyiya.

Okwagqama ezinkulumweni ezenziwa ngosuku lokubekwa kwakhe wukubeka kwakhe phambili abantu abeswele. Yikho okwamenza okaSkweyiya washabashekela ukuthi abampofu bathole izibonelelo zikaHulumeni. Enye yezinselelo uMengameli uRamaphosa abhekene nayo ngyokubuyisa ukwethenjwa kukaKhongolose njengethemba nomvikeli wabampofu. Ubeyokwenza kangcono lokho ephaswe ngamadoda aqotho njengoDkt uZola Skweyiya.

Uma inyanga uMbasa yaba yimbi ngokuthatha abaholi abanohlonze kuleli, inyanga uNcwaba yaba yimbi ngokwedlulele. UNcwaba uthathe iqhawe ebelingenazibongo uMama uZondeni Veronica Sobukwe. Kwavungama izwe lonke ngokuhamba kwakhe. Leli kwakuyibhubesi elimbethe isikhumba semvu. Kwakungesibindi sasesabeka. Kukho konke ukuhlukunyezwa okwaqondiswa kumyeni wakhe uSolwazi uMangaliso Sobukwe, intokazi kaMathe yayilokhu ibeke eceleni ngesineke, ilekelela, isiza, izabalaza. Ilambu lePan Africanist Congress nokuthi alicishanga endleleni kungenxa yayo intokazi yakwaMathe. Ngokungacishi kwelambu, udaba lokubuyiswa komhlaba belulokhu lusezithebeni njengoba isiqala ilokoza inhlansi yokuphthulwa kwalo.

See Also

Abanye abaholi abasishiye kulo nyaka wuMnu u-Eric “Stalin” Mtshali ibutho lokuqala loMkhonto Wesizwe, noMama u-Edna Molewa ophathe isikhathi eside uMnyango Wezemvelo noMnu uMendi Msimang obephethe amanxusa akuleli jikelele olandele ezithendeni zikaMama uMolewa.

Akungatshazwa ukuthi isizwe noHulumeni balahlekelwe kakhulu ngokuhamba kwalaba baholi. Bebemele lokho uKhongolose asungulelwa khona ukuguqula impilo yabacindezelwe kuleli. Bahambe ngesikhathi izwe libudinga ubuholi babo obuqotho nobungahlonizi uma kubukeka sengathi inqola isiyophonseka esiweni.

Isisho sesiZulu sithi, “Akulahlwa mbeleko ngakufelwa.” Noma kubukeka kungahambanga kahle kowezi-2018 nokho kuyahlangana kancane emabhizinisini kaHulumeni. Umsebenzi wokubekwa kwamabhodi amasha nabantu abazohola izinhlaka ezimise umbuso kubukeka kuza kahle. Yebo ingoma ithi asiphelenga kodwa iqiniso lithi kuyethembisa. Nabatshali zimali babukeka beya ngokumethemba uHulumeni kaMatamela.

Scroll To Top