Iya ngokucija imikhonto ezweni ngobuhlanga
KUKHONA isithombe esingejwayelekile kupolitiki yaseNingizimu Afrika. Lesi yisithombe samaqembu kanye nabantu abahlale bengavumelani kepha namuhla abavumelana ngokuthile. Ubani owayecabanga ukuthi umculi uSteve Hofmeyr, i-African National Congress (ANC), iDemocratic Alliance (DA) kanye noMnu uLekota weCongress of the People (COPE) bangavumelana ngokuthile? Kuleli sonto lokhu kwenzekile njengoba bobathathu bevumelana ukuthi inkulumo okuthiwa yenziwe nguMengameli weBlack First Land First (BLF), uMnu u-Andile Mngxitama.
Ngokwemibiko kuthiwa uMngxitama uphimise amagama anohlwayana ngabelungu nathe kumele babulawe. Kuthiwe uthe uma kubulawe oyedwa woHlanga kumele bendlalelwe ngabelungu abahlanu. Ucashunwe ethi : “Uma nibulala omunye wethu, siyobulala abahlanu benu. Siyobulala izingane zabo, ziyobulala abafazi babo, siyobulala konke esihlangana nakho.”
Le nkulumo isolwe nhlangothi zonke bebodwa abathi lomholi akaye ezikhindini abanye bethi iqembu alisulwe ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho ngonyaka ozayo. UKhongolose ugxeke uMngxitama ngobuhlanga nedungamuzi elinhloso zalo kuwukuxova ubudlelwano. Le nhlangano ithe iSA Human Right Commission (SAHRC) ayiphenywe.
“Iqembu i-ANC ibona ukugqagqamuka kukaMngxitama nokwesabisa izakhamuzizakuleli njengomzamo wokusiphidisela emuva ezikhathini zobandlululo. Ukushaya isaga ‘sokubulala abelungu’ kukhombisa ukuthi akawazi kangakanani umlando waleli lizwe,” kusho i-ANC.
Umculi uHofmeyr nongumqondisi wenhlangamo iToekomsvolk yena akachithanga sikhathi kepha uhambe waya emaphoyiseni nayilapho emangalele uMngxitama ngamacala ehlukene. Lapha uHofmeyr ubesekwa ngumholi weCOPE uLekota. “Ngokwethu, thina sithi akaboshwe, kulicala ukuhamba ufafaza ubuhlanga. Okwesibili kufanele ayo hlumeleliswa isimilo ejele ukuze afundiswe kabusha ukuze aqonde uuthi kuphilwa kanjani emphakathini. Okwesithathu, iBLF ayisilo iqembu lezepolitiki elivunyelwa kuMthethosisekelo,” kusho uLekota.
AbeDA bona bamangalele uMngxitama kwaSAHRC nekuqinisekisile ukuthi nembala izoke iluphenye lolu daba.
Kubukeka kusesekuseni ngalolu daba ngoba uma limlahla icala uMngxitama kungaba nomthelela ngisho eqenjini lakhe njengoba inhlangano eyengamele ukhetho kanye nomthetho wokhetho inelungelo lokumisa noma lokwesula iqembu elisolwa nokungahambisani nezimiso zayo kanye noMthethosisekelo. Uma kwenzeke njalo kuyobe kungokokuqala nokungahle kudale umkhokha nomsindo ezweni. Inhlangano ebhekele ukhetho nayo ikuqinisekisile ukuthi iyaphenya.

