Now Reading
Akukho ukunqamulela uma kubhaliswa izingane
Dark Light

Akukho ukunqamulela uma kubhaliswa izingane

UMTHETHO olawula ukuzalwa nokudlula emhlabeni kwezingane obizwa ngeBirths and Deaths Registration Act 51 of 1992 unemibandela eminingi edinga ukuqashelwa.

Lokhu kwagqama ecaleni likaNaki and Others v Director General: Department of Home Affairs and Another ngowezi-2018. Owayefake isicelo uNaki owayeyisakhumuzi saseNingizimu Afrika nelungu lombutho wezokuvikela lakuleli iSouth African National Defence Force.

Ngesikhathi uNaki esebenzela eDemocratic Republic of Congo wahlangana nowesifazane abagcina sebethandana naye. Lona wesifazane ungowesibili kwabafake isicelo. Bahlanganiswa ngomshado wesintu ngokulandela umthetho waseDRC, kodwa lo mshado wagcina ungabhaliswanga.

Emuva kokuba uNaki esebuyela eNingizimu Afrika, umkakhe wamlandela esebenzisa ipassport yaseDRC nevisa yezivakashi. Sebezinzile eNingizimu Afrika bathola ingane nokwenzeka ngesikhathi ivisa yomkakhe isiphelelwe isikhathi.

Ngenxa yalesi sizathu abasebenzi eMnyangweni Wezasekhaya bala baphetha ukubhalisa ingane yabo njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika bemi kwelokuthi imibandela yokubhaliswa Kokuzalwa Nokushona, yangowezi-2014 ayikuvumeli ukuba kubhaliswe ukuzalwa kwengane njengoba unina engenawo amaphepha asemthethweni amgunyaza ukuba abe seNingizimu Afrika.

Abazali bengane banikela eNkantolo eNkulu bethi isigaba 9 nesigaba 10 somthetho iBirths and Deaths Registration Act 51 of 1992 neminye imithetho yangowezi-2014 kukhona lapho ishaya khona eceleni ayihambisani noMthethosisekelo wezwe.

UMehluleli uBodlani wanquma ukuthi isigaba 9 nesigaba 10 somthetho iBirths and Deaths Registration Act akukho lapho uphambana khona noMthethosisekelo, ngakho – ke usemthethweni. Kukhona imibandela okwatholakala ukuthi iyaphambana noMthethosisekelo.

Inkantolo yasicubungulisisa lesi simo okwathi uma “isifundisisa” imiphumela emisha yaveza ukuthi umthetho uyahambisana noMthethosisekelo. Kukhona imibandela okwathi noma “isicutshungulisiswa” kwatholakala ukuthi kukhona lapho ishayisa khona futhi ayihambisani noMthethosisekelo.

Okwakumele kube ngowokuqala ukuphendula kuleli cala uMqondisi Jikelele woMnyango Wezasekhaya nowesibili uNgqongqoshe Womnyango inkantolo yabayalela ukuba bakhokhe izindleko.

Inkantolo yanquma ukuthi isigaba 9 nesigaba 10 somthetho iBirths and Registration Act yayingabavimbi obaba abangashadile ukuba babhalise ukuzalwa kwezingane zabo noma omama okuyibo abazale izingane bengekho.

See Also

Okudingakalayo ukuthi lezo zingane zizalwe ziphila, okusho ukuthi noma yimuphi kubazali ngaphandle kokubheka isimo sakhe sokushada angakwazi ukubika ngokuzalwa kwengane yakhe.

Ngokuphathelene nemibandela ukubhaliswa kwengane kwavinjwa kwangaqhubeka ngoba unina wahluleka ukuveza ubufakazi bevisa esebenzayo noma incwadi emvumela ukuba seNingizimu Afrika.

Uma sidlula kuleli cala sikhuluma ngokuthi uthini umthetho kwabahlalisane kodwa bengashadile uma sekumele kwabiwe amafa, okuyi Family law Division. Ecaleni likaBooysen v Stander lowezi-2018 kwavela ukuthi izithandani zase zihlalisane iminyaka eli-17.

Ngesikhathi sekugqabuka igoda uBooysen wathi akuhlukwane ngakho konke kwaphela nokuba ngabanikazi ngokulinganayo kwempahla, nokukhokhela izikweletu ngokulinganayo. Owesifazane kwamele abuyise nemoto eyayibhaliswe ngaphansi kwegama lakhe futhi ngokwesivumelwano sabo okwabe kungeyakhe.

Owesifazane wathola umyalelo wenkantolo owawuvimbela lokhu emi kwelokuthi babenesivumelwano seminyaka ngokuthandana kwabo futhi esihlanganisa namafa. Lokhu kwakusho ukuthi uma sekwehlukwana kumele nawo amafa ahlukaniswe.

Scroll To Top