Selimsuse emsamo lambeka emnyango uMphazima

EZINYANGENI eziyisi-9 ezedlule leli phephandaba libike ngempi engumshoshaphansi ephakathi kwalowo owabe eyiMeneja yoMkhandlu iZululand uMnu uSipho Bhekisizwe Nkosi kanye nomqashi wakhe iMeya uMfundisi uThulasizwe Dominic Buthelezi. Udaba lwaqala emuva kombiko owabe usihloko sithi Preliminary Report on the Allegations of Financial Misconduct Against The Manager, Mr. Sipho Bhekisizwe Nkosi nowabe uveza izinsolo ezibucayi ezabe zibhekiswe kuNkosi. Nokho lokhu kwabe kunguvuka kukapelepele ogqokweni njengoba kwabe kuvele konakele kulo Mkhandlu emuva kokuba iqembu elibusayo Inkatha Freedom Party (IFP) yathatha isinqumo sokumhoxisa njengeMeya yayombeka ePhalamende eKapa yabe isisondeza uMfu uButhelezi.
Lesi senzo seqembu asehlanga kahle kwabanye ngoba kwaba ngumzukuzuku ukuba kubekwe iMeya entsha. Ozul’azayithole babika ngomkhankaso owabe uqhutshwa ngabezibeka njengamalungu eqembu (e-IFP) nabhala incwadi eyiqondisa ebuholini beqembu elexwayisa ngoMfu uButhelezi nabe ethi uliqola. La malungu apotshozela nabezindaba ukuxhumana kwawo nobuholi be-IFP. Kwamanye amalungu abe eyingxenye yalo mkhankaso kwaba nokuvuma ukuthi ukupotshozela abezindaba hleze yikho okwenza wangaphumelela lo mnyakazo . “Yebo uma sengibheka emuva ngiyabona ukuthi sagagamela, kwase kuphuthunywa. Asibunikanga ubuholi ithuba lokuphenya. Sabe sixhamazela ngoba izinto zabe ziphuthuma sibona ukuthi siyehlulwa sabe sesijikijela kwasani.
INkatha mina sengihlalile kuyo ngifike ngiyingane. Uma usuke wabonakala noma wanukwa ukuthi uhambisana noma uchaya izindaba zeqembu emaphephandabeni usuke usugadlile, ulanhlwa nguye nje uMntwana kuqala abanye balandele”, kusho omunye owabe eyingxenye yalo mkhankaso. Omunye owayeyingxenye uyavuma ukuthi ukuxhamazela kwabo kwafana nokudlalela ezandleni zalabo ababeseka uMfu uButhelezi. “Savela njengabantu abesaba ukwembulwa izinqe ngokufika kukaThulasizwe. Savela njengabantu abavikela iNkosi uMzamo Buthelezi nokwagcina isenzo sethu sesimcindezela (iNkosi uMzamo Buthelezi). Bheka nje, uphi manje? Usengasho ukuthi uyiSekela Mengameli weqembu? Ya! Sathatha ngamawala.
Sasingenza kangcono,” kuchaza lo mholi nokhala ngokuthi abanye abaholi abaseqenjini namuhla bathule sengathi kabazi ukuthi kwakwenzekani kanti babeyingxenye kuyibo nababelulekayo. Ebuzwa ngoZul’azayithole uMfu uButhelezi ngezinsolo zokuthi uliqola waphendula wathi: “Lona ngumkhankaso wabantu abathuswa wukuthi uma ngifika ngizokwenza lokho okushiwo yiqembu, okuwukulwa nenkohlakalo ekhona kulo Mkhandlu. Uma benobufakazi balokho kabaye kobika emaphoyiseni,” kusho uShenge ngaleso sikhathi. UNkosi njengesiwombe sesibili Sekungumlando ukuthi uMfu uButhelezi wagcina ethathile nokungenzekanga ngaphandle kweziwombe.
Ukubekwa kwakhe kokuqala kwahlehliswa ngoba kwabe sekuvele izindaba zokuthi ukuvota kungahle kudungwe yiwo amalungu e-IFP ehlangene namaqembu aphikisayo. “Sezwa ukuthi kunamakhansela ethu ayegqugquzela ukuba kwenzeke izibhelu lezi ezenzeka eBaqulusini ngesikhathi lo mfana wakwaMaphisa ethelekelwa ngamaqanda. Okunye esakuzwa wukuthi iqeqebana leNational Freedom Party (NFP) ngaphandle nangaphakathi eMkhandlwini labe livivile ukuthi lifuqe lo mkhankaso. Savuma ukuba umcimbi uhlehliswe. Emlenzeni wesibili ukufi ka koMntwana mathupha singalindele kwagwema isimo esinzima. Ukufi ka kwakhe kwenza namakhansela ethu ayenomunye umqondo kwasa kuwo,” kusho lo mthombo oyikhansela eZululand. Kwabaningi udaba lukaNkosi lwaba yisiwombe sesibili njengoba esokuqala kwaba wukuhoxiswa kweNkosi uMzamo Buthelezi. Ngokusho kwalabo ababeseka uNkosi uMfu uButhelezi wabe elandelwe ukuzosusa uNkosi.
Lokhu ngokusho kwabo kwabe kuwuhlelo lweqembu. Likhuluma neBAYEDE ikhansela elimele iDA uMnu uMfanafuthi Mhlungu lathi: “Selokhu kufi ke iMeya entsha uMfu uThulasizwe Buthelezi izinto azihambi kahle. Uthe enamaviki amabili efi kile washa amashushu efuna ukumisa iMeneja uNkosi emsola ngokuba nenkohlakalo,” kusho uMhlungu ngaleso sikhathi. Ngakolwakhe uhlangothi uMfu uButhelezi kakuphikanga ukuthi uza nezinguquko ezinqala. Lokhu wakusho namhla ebekwa lapho alimisa ngesihloko ukuthi iqembu lakhe limjube ukuba azoshanela amabibi. “Akuyona imfi hlo ukuthi ngilapha nje ngizoshanela amabibi. Obeyingxenye yawo kumele amangale futhi ethuke.
Uma uNkosi noma isisebenzi thizeni sabe siyingxenye yamabibi kumele nakanjani bethuke kepha uma babe ngeyona akukho okumele kubakhathaze,” kusho iMeya. Kubukeka ukwenza kweMeya kwabe kuhambisana nemiyalelo yeqembu. Engxoxweni neBAYEDE uMntwana wakwaPhindangene nonguMengameli we-IFP akalifi hlanga iphupho lakhe ngeZululand kanye nalokho okumelwe kwenziwe yiMeya. Wathi iphupho lakhe wukuba kuthuthukiswe lesiya sifunda kunqandwe nenkohlakalo okuthiwa idla lubi. “Sekube nemibiko eminingi ngezinsolo zenkohlakalo eZululand. Lokhu akwehli kahle kimi naseqenjini lethu. Ngiyathokoza ukuthi uya lapha nje uMfu uButhelezi kunesinqumo seqembu ngokumele akwenze zisuka nje, lokho wukwenza uphenyo mayelana nalezi zinsolo. Asikwazi ukushanela amabibi kanti futhi angifi si ukuba igama lami neleqembu lilunjaniswe nenkohlakalo,” kusho uMntwana.