Now Reading
Amehlo kuLewis ogila izimanga kulezi zinsuku
Dark Light

Amehlo kuLewis ogila izimanga kulezi zinsuku

NAKULELI sonto kubhekeke ukuthi umshayeli wezimoto zomjaho zakwaMercedes wase- Britain uLewis Hamilton azidlele amahlanga kwi-United States Grand Prix ngeSonto eTexas.

Lokhu kushiwo ngoba uHamilton usewuthathe lo mjaho izikhathi zaze zazinhlanu futhi akubonakali kukhona ongase aqhudelane naye ngoba nembangi yakhe enkulu uSebastian Vettel umshiya kude le ngamaphuzu.

UHamilton ongowokudabuka eBritian unqobe ngowezi-2012, ngowezi-2014, ngowezi-2015, ngowezi-2016 waphinde wayinqoba nyakenye. Ukuyinqoba kwakhe okokuqala i- United States Grand Prix wayesashayela ngaphansi kweMclaren, ngaphambi kokuthi ajoyine iMercedes.

UHamilton uyena ohamba phambili kwisizini yalonyaka yeF1, unamaphuzu angama-331. Olele endaweni yesibili imbangi yakhe enkulu uSebastian Vettel onamaphuzu angama-264. Ngokwezimoto iMercedez iyona ehamba phambili ngamaphuzu ama-538, elele endaweni yesibili iFerrari enamaphuzu angama-460.

Eziphawulela ngomjaho wangeSonto uHamilton uthe, “Umlando wami muhle eTexas kusukela ngowezi-2012, kodwa ngeke ngizithwale ngeqoma ukuthi ngizonqoba ngeSonto. Kukodwa engikufunayo ukuthi ngingalehlisi izinga lami ukuze nginqobe lo mjaho,” kusho uHamilton.

Lo mshayeli (uHamilton) kulesizini usenqobe imijaho eyi- 9, okuyiJapanesse Grand Prix, iRussian Grand Prix, iSingapore Grand Prix, i-Italian Grand Prix, iHungarian Grand Prix, iGermany Grand Prix, iFrench Grand Prix, iSpanish Grand Prix ne-Azerbaijan Grand Prix. Uma uHamilton enqoba ngeSonto bese uVettel ephuma endaweni yesine noma ngaphezulu kobe sekusho ukuthi uyingqwele yalesizini ye-F1 okwesihlanu.

“Ngisebenze kahle kakhulu kulesizin.i NgeSonto ngizolwela ukufa nokuphila ukuthi nginqobe, bese uVettel ephuma endaweni okungenani yesihlanu bese ngiba umpetha okuyinto ebengiyifisa kuqala unyaka,” kusho uHamilton.

See Also

Emijahweni eyisi-7 edlule uHamilton unqobe eyisi-6. UToto Wolff oyisikhulu sakaMercedez uthe usalindele okuningi kuHamilton.

“UHamilton sengisebenze naye iminyaka emihlanu, unyaka nonyaka izinga lakhe liyanyuka. Noma engasanqobanga ngeSonto kodwa uyena osemathubeni amaningi okuthi abe ngumpetha. Izinto zihlezi zivuna abashayeli bethu eMelika, sifuna ukuqhubeka nalowo mgqigqo wethu omuhle,” kusho uWolff.

Imijaho esele kulo nyaka izoba mithathu. Kuzoba yiMexican Grand Prix, iBrazillian Grand Prix ne-Abu Dhabi Grand Prix.

Scroll To Top