ISharks izimisele ukuyisobozela izwa iLions eKings Park


KULINDELEKE ukuthi kuguge utshani phakathi kwezimbangi ezimbili emqhudelwani iCurrie Cup, lapho kuzotholana khona iXerox Golden Lions XV namaSharks.
Lo mdlalo uzoba kusasa ngoMgqibelo eJohnsson Kings Park Stadium, eThekwini, uzoqala ngele-17:15 ntambama.
Ezinye zezinto ezizokwenza ukuthi lo mdlalo ube ngoshubile ukuthi amaSharks akaze ehlulwe kule sizini emva kwemidlalo emithathu, kanti amaLions ngeke avume ukuthi ahlulwe kabili kulandelana njengoba ehluliwe ngesonto eledlule.
Nangemiphumela yala maqembu ikuveza ngokusobala ukuthi alikho elihlezi lizidlulela kanzima kwelinye, kuhlezi kuba umdlalo oshubile kuwona womabili amaqembu.
La maqembu asatholane kabili muva nje emidlalweni yeSuper Rugby, emdlalweni wokuqala amaLions anqoba ngamaphuzu angama-26 kwali-10 kwathi emdlalweni wesibili amaSharks anqoba ngamaphuzu angama-31 kwangama-24.
AmaSharks asendaweni yesine kuligi asedlale imidlalo emithathu ayinqoba yomithathu anamaphuzu ali-15, amaLions wona asendaweni yesibili asedlale imidlalo emine ahlulwe kowodwa anqoba kwemithathu anamaphuzu ali-16.
Iqembu okuyilo elizihola phambili iVodacom Blue Bulls emidlalweni emihlanu asanqobe kwemithathu ahlulwa kwemibili anamaphuzu ali-17.
UCorne Fourie oyihooker yamaLions uthe indlela aqale ngayo amaSharks isizini akhombisa izinhloso ezithize kodwa lokho ngeke kube yinto abayibeka ekhanda.
“Umdlalo esiya kuwona ungonzima kakhulu, kwazise sizobe sidlala neqembu elisekwayo balidlala ekhaya futhi elisefomini. Kodwa emakhanda ethu kukodwa esikubekile ukuthi sime endleleni yawo amaSharks angagayelwa mphako. Siyiqembu okusibusayo njengamanje ukuthi sinqobe lo mdlalo,” kusho uFourie.
AmaLions ngesonto eledlule abhaxabulwe kabuhlungu iDHL Western Province ngamaphuzu angama-65 kwangama-38.
UFourie uqhube wathi indlela amaBhokobhoko adlale kahle ngakhona ebhaxabula iNew Zealand eWellington, kukhona abakufundile okungabenza bebhaxabule amaSharks.
“Indlela amaBhokobhoko adlale kahle kakhulu nathi kukhona esikuncelile kuwona. Kulo mdlalo sifuna ukuthi sihlasele zisuka nhlangothi zonke. Namanje uma ngibuka imiphumela yethu neDHL Western Province ngicweba izinyembezi ngoba okwesibili ngisenkundleni sihlulwa ngamaphuzu amaningi kangaka, okokuqala sahlulwa iHurricanes ngamaphuzu angama-50 kwali-17,” kuchaza uFourie.
Maphakathi nesonto amaSharks acijwa uMitchel Johnson amemezele umdlali wabo omusha uRuben Van Hardeen emsayinise iminyaka emithathu.
Isiyonke imidlalo yeCurrie Cup kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Namuhla ngoLwesihlanu
iToyota Free State XV neCollege Pumas (eToyota Stadium ngelesihlanu ntambama)
Kusasa
iSharks neXerox Golden Lions XV (eJonhsson Kings Park Stadium ngele-17:15 ntambama)
iDHL Western Province neTafel Lager Griquas (EDHL Newlands Stadium, ligamenxe elisikhombisa kusihlwa).