ICorruption Watch ifuna uphenyo koWezasekhaya


INHLANGANO elwa nenkohlakalo ezinhlakeni zikaHulumeni iCorruption Watch isibhalele iKomidi loMnyango Wezasekhaya ePhalamende ngekubize ngenkohlakalo edla lubi esikhungweni esibhalisa abantu bokufika kuleli iDesmond Tutu Refugee Reception Centre, eMarabastad ePitoli.
Isimo sokusebenza kulesi sikhungo kuthiwa sibi ngendlela yokuthi ngisho namalungu eKomidi loMnyango Wezasekhaya aseke akhuluma ngaso. Encwadini ebhalwe iCorruption Watch iyibhekise eKomidini , iveza ukuthi isizame izikhathi eziningi kule minyaka edlule ukusebenzisana noMnyango Wezasekhaya ukuze kuxazululwe izinkinga eziholela ezenzweni zenkohlakalo kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Kule ncwadi iCorruption Watch ithi kusuka ngowezi-2015 izamile ukuzwakalisa uvo lwayo ngalesi simo emuva kokuthola imibiko kubantu ngokungahambi kahle kwezinto. Embikweni wayo obizwa ngokuthi iProject Lokisa: Asylum at a Price, iCorruption Watch ibalula okuningi okuyinkohlakalo eMnyangweni Wezasekhaya nokwavela ophenyweni lwayo kanjalo nemibiko elinganiselwa ema-314 eyenziwa ngesikhathi kukhulunywa nabokufika abaveza ukuthi bayagwaziswa, basatshiswe yizikhulu zikaHulumeni Isitatimende seCorruption Watch sithi imibiko abayitholile kubantu bokufika kuleli ibanikeze wonke amandla okuqala uphenyo oluholele ekutheni kuvulelwe amacala obugebengu esiteshini samaphoyisa iJohannesburg Central Police Station abasebenzi ababili boMnyango Wezasekhaya kanye notolika osebenzela inkampani yotolika iZRGB Translation and Interpretation Services.
Le nhlangano isidlulisele lonke lolu lwazi koKlebe kodwa izwakalise ukukhathazeka ngokuhamba ngonyawo lonwabu ekuqalweni kophenyo nokukhombisa ukuhudula izinyawo kwaboMnyango Wezasekhaya ekubambisaneni . nabo.
Okunye abathi kuyabakhathaza ukuvikelwa kwabokufika nabafuna ukuzokhoseliswa ezweni ababika le nkohlakalo kwabomthetho ngokuthi ukuphepha kwabo akuqinisekisiwe yingakho benovalo lokuphumela obala baveze obunye ubufakazi okwenza kuhambe kancane uphenyo.
“Inkohlakalo ayenzeki kuphela emahhovisini asePitoli nakulawo anabasebenzi abancane ngokwesibalo aseCape Town.”
ICrime Watch isidlulise amacala ayisithupha enkohlakalo koKlebe eKapa amayelana nenkohlakalo kuleya ndawo.
Naphezu kwemizamo eminingi kushaywa izingcingo ukuze lokhu kuthathelwe phezulu, uMnyango Wezasekhaya ubonakala wehlulekile ukubambisana neCorruption Watch nabantu jikelele ekuthatheni isinyathelo sokubhekana nenkohlakalo ebhekiswe kwabokufika nabakhosele ezweni .
“Lokhu kungabambisani nathi koMnyango Wezasekhaya ekulweni nenkohlakalo kuveza indlela izinto ezazenzeka ngayo kulo Mnyango nangesikhathi usaphethwe okokuqala uMnu uMalusi Gigaba osephinde washaya ibuya futhi,” kubeka uNkk uLeanne Govindsamy oyiNhloko yabaphenyi kuCorruption Watch.
UNkk uGovindsamy uthi baphoxekile yindlela uMnyango Wezasekhaya ohluleke ngayo ukuphendula kulokho abakuvezile okuthinta inkohlakalo, waveza ukuthi okubuhlungu ukuthi abantu abathwala usizi ekugcineni ngenxa yalokhu ngabasemazingeni aphansi.
Uthi esikhundleni sokuba kuphuthunyiswe izicelo zabangena ezweni futhi kulandelwe nohlelo oluqondile olungachemile, abokufika bazithola sekuyibo izisulu zenkohlakalo.
Uthi iNingizimu Afrika inesibopho kuleli nasemhlabeni sokwenza isiqiniseko sokuthi abokufika bayavikelwa, kodwa leso sibophezelo sidicilelwa phansi aboMnyango Wezasekhaya. ICorruption Watch iphinde yabalula izethulo zayo zakamuva mayelana noMthethosivivinywa iDraft Refugees Regulations 2018 neDraft Immigration Amendment Bill.
Siphetha isitatimende sale nhlangano sinxuse iKomidi LoMnyango Wezasekhaya ukuthi lusukumele konke okwenzeka kulo mnyango ikakhulukazi esikhungweni iMarabastad.
ICorruption Watch iphinde yanxusa leli komidi ukuba lisebenzisane neKomidi LoMnyango Wezamaphoyisa NeloMnyango Wezobulungiswa ukuze kwenziwe uphenyo nemiphumela yalo yazeke.
Ikomidi loMnyango Wezasekhaya liphinde lazwakalisa ukungeneliseki ngendlela okusebenza ngayo amaphoyisa ombutho iSouth African Police Service (SAPS) namaphoyisa kaMasipala waseTshwane Metro ekuqiniseni ezokuphepha esikhungweni iDesmond Tutu Refugee Reception.
Muva nje leli Komidi livakashele lesi sikhungo nalapho liveze khona ukungagculiseki kwalo ngezinselelo ezibhekene nezokuphepha. Ezibe mnandi ngokuqhubeka kwesikhathi kube ukuthola umbiko ovela emaphoyiseni eSAPS nakaMasipala waseTshwane athe akulona iqiniso ukuthi ahudula izinyawo.
“Ikomidi likwamukele ukuthi kukhona ukungabambisani nangendlela okwenziwa ngayo imibiko labe selijuba bonke abathintekayo ukuba bahlangane bakhe uhlaka abazoludlulisela ekomidini basho ukuthi bafuna ukuluxazulula kanjani lolu daba kanjalo nezinselelo ezikhona,” kusho uSihlalo Wekomidi uMnu uHlomane Chauke.
Ukubeke kwacaca ukuthi izinhlelo zabo zisobala, abakudingayo ukuthi bonke abathintekayo kumele bazimisele ukubhekana nezinselelo nokuthi babhekana kanjani nazo. UChauke uthe ezinye izinhlelo okumele zingasali ngaphandle kumele kube ukufakwa kobuchwepheshe bezokuphepha njengamakhamera azobheka konke okwenzeka emahhovisi ukuze abezokuphepha bakwazi ukuphendula ngokushesha uma kukhona okwenzakalayo.
Ngaphezu kwalokho uMnyango usunxuswe ukuba uxhumane neKhomishini Yamalungelo Abantu, iSouth African Human Rights Commission ukuze kwenziwe izinhlelo zokufundisa amaphoyisa eSAPS nakaMasipala waseTshwane akwazi ukulawula ezokuphepha lapho kubhaliswa khona abantu bokufika kuleli.
IKomidi libuye lanxusa ukuthi zonke izinhlelo zidluliselwe kulo futhi zisayinwe abaholi bezepolitiki ukuze kuthi uma kwenzeka amaphutha kube khona okuzobhekana nabo baphendule ngalokho.