Now Reading
URamaphosa uhalalisele u-Anderson ngeWimbledon
Dark Light

URamaphosa uhalalisele u-Anderson ngeWimbledon

nguSabelo Maphumulo

UHALALISELWA nxa zonke uKevin Anderson ngempumelelo yakhe kuWimbledon njengoba eseqhubeke waze wafi ka kumasemi-fi nal alo mqhudelwano womphebezo. Kulokhu uphendule amatafula engabhekwe muntu ngokumisa nse uRoger Federer okunguyena obevikela isicoco seWimbledon kanti ubebhekwe ukuthi asithathe okwesishiyagalolunye. Ngendlela lo mdlalo ka-Anderson noFederer obunzima nodonse ngayo kuze kwezwakala omunye wezihlwele ememeza ethi, “Sifuna nokuyobuka ibhola bo!” esho umdlalo weNdebe YoMhlaba phakathi kwe-England neCroatia. Kuze kwadingeka bahlukaniswe itie-breaker ka-13/11 ethathwe ngu-Anderson ngaleyo ndlela wanqoba umdlalo ngo-2/6, u-6/7, u-7/5, u-6/4, no-13/11.

Ngale mpumelelo yakhe u-Anderson uphule amarekhodi abeseqala ukulala izintuli. Elokuqala irekhodi ekade lisabatshazwa bekuyilelo lokungena kumaquarter-fi nal enza into eyagcina eminyakeni engama-24 eyedlule. Kwagcina ngoWayne Ferreira ukuthi kube nomdlali wakuleli ofi nyelela kulesi sigaba somqhudelwano. Esedlulela kumasemi-fi nal ubesephula irekhodi likaKevin Curren okunguyena mdlali wokugcina wakuleli ukufi nyelela kumasemifi nal alo mqhudelwano.

Ngendlela aliphakamisele phezulu ngayo igama leNingizimu Afrika kulo mqhudelwano u-Anderson useze wahalaliselwa nanguMengameli uCyril Ramaphosa ophawule kuTwitter wathi, “Siyamhalalisela u-Anderson ngokufi nyelela kuWimbledon semi-fi nals.” UMengameli ube eseqhubeka ehalalisela uRaven Klaasen naye ongowakuleli ongene kumen’s doubles semi-fi nal kanye noKgothaso Montjane ongowesifazane wokuqala ongowoHlanga ukungena kulo mqhudelwano. Baningi abanye osaziwayo asebephawulile ngempumelelo ka-Anderson bonke besebenzisa iTwitter. Kubona singabala uMaps Maponyane kwezethelevishini, uBreyton Paulse weRugby, uVernon Philander weCricket, u-Ernie Els wegalofu kanye neTennis South Africa.

Eziphawulela ngempumelelo yakhe u-Anderson uthe, “Ngizame ngawo wonke amandla ukunqoba lo mdlalo. Bengilokhu ngizitshela ukuthi lolu wusuku lwami.

Akukho okuzokuma phambi kwami nempumelelo,” Kusho u-Anderson injabulo ebibhalwe emehlweni kuye.

Akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba kumasemi-fi nal u-Anderson ezobhekana noJohn Isner wase-USA yena okumasemifi nal ngokuhlula uMilos Raonic. Lapha ku-Andeson no-Isner zindala zombili ngoba uma beqhathaniswa kuningana okuthi makufane endleleni abadlala ngayo.

Bobabili bangamakhabe uma kuziwa ezandleni kodwa futhi isandla abakhonze ukusisebenzisa esokudla. Bobabili bangene ezingeni labakhokhelwayo ngowezi-2007.

See Also

Lapho behluka khona yisibalwa semiqhudelwano asebeyidlalile empilweni yabo.

U-Anderson usedlale engama-294 wehlulwa kwengama-211 kanti u-Isner usedlale engama-375 wehlulwa kwengama-231. Ngokwezicoco u-Isner usenqobe ezili-13 kwezine zika-Anderson.

Uma kuyiwa ngokwesisindo nohlonze lwemidlalo ababhekane nayo ngaphambi kweyamasemifi nal u-Anderson ubukeka ebhekane nabadlali abanohlonze kakhulu uma ucabanga ukuthi kumaquarter-fi nal ubhekane noGael Montfi lls ngaphambi kokubhekana noFederer kanti u-Isner yena ubhekane no- Alexander Zverev wayeseya kuRaonic.

Scroll To Top