Now Reading
Ikomidi lezempilo nezincomo KwaZulu-Natal
Dark Light

Ikomidi lezempilo nezincomo KwaZulu-Natal

USIHLALO osabambile Wekomidi Lezempilo kuZwelonke uMnu uFish Mahlalela uthi wanelisekile ngohambo lwabo lwangeledlule esifundazweni iKwaZulu-Natal oluphethe ngomhlangano noMphathiswa Wezempilo esifundazweni uDkt uSibongiseni Dhlomo. Ngaphandle kokuhambela izikhungo zezempilo, ikomidi libuye lavakashela nezizinda zeNational Health Insurance (NHI) esifundazweni. “Sihambele iKwaZulu-Natal ngesikhathi sesiqediwe isigaba sokuqala seNational Health Insurance, sekuqalwa isigaba esisha esiyingxenye yesibili. Esigxile kakhulu kukho kube uhlelo lwezempilo esigabeni sokuqala ngoba sikholwa ukuthi yilona olusemqoka kakhulu futhi oluwumgogodla weNational Health Insurance,” kusho uMahlalela. Wengeze ngokuthi sekube nezikhalo eziningi ngohlelo lwezempilo oluvezwa kakhulu kwabezindaba.

Kulokho uthe inkomidi kukhona izinto eselizenzile ukulandelela lokho kuphawula nokubheka ukuthi izinhlaka ezibhekele ezempilo zisebenza ngendlela.NgoNhlangulana leli komidi lamema abeHhovisi elibizwa ngeHealth Standards Compliance (OHSC) ngenhloso yokuba nabo babeke imibono yabo. Abe- OHSC babeka izethulo zabo nabakutholile ngesikhathi benza ucwaningo onyakeni wezi- 2016/17 ku-Annual Inspection Report okuwumbiko okhuluma ngesimo sezempilo ezikhungweni zikaHulumeni ezweni. Umbiko waveza ukuthi kukhona okuhle okwenzakalayo kwezempilo kwezinye izindawo, kanti kwezinye izindawo kwatholakala ukuthi izinga lezempilo liphansi kakhulu. Ngesikhathi ikomidi liphuma lingena ezbhedlela nasemakliniki likuqaphelile ukuthi okwenza izinga lezokwelapha lib phansi kakhulu indlela abantu abasebenza ngayo kusuka kubahlengikazi nabasebenza emahhovisi.

UMhlalela uthe ngesikhathi bexhumana nabasebenzibathole ukuthi kukhona amakliniki nezibhedlela ezingenabo onesi nosokhemisi. “Ingalasizinda iseyinkinga eMgungundlovu, ngesikhathi sifika sasilindele lukhulu kodwa sabona okwehlukile ikakhulukazi emitholampilo, lesi yisimo esikhathazayo, futhi namakliniki awekho ezingeni esililidele, sikhathazekile kakhulu ngengqalasizinda, kusho uMahlalela. UHulumeni unenqubomgomo yokuthi eminye imisebenzi inikezwe izinkampani zangaphandle, kodwa ngesikhathi ikomidi lezempilo liphumile lithole ukuthi imisebenzi enjengokuwashwa kwezingubo zesibhedlela, ukuhlanza nokugada yonke le misebenzi inikwe abezempilo. Ezindaweni lapho ikomidi belihambele khona lithole ukuthi le misebenzi inikwe izinkampani zangaphandle, ngaphandle kwasesibhedlela i-Appelsbosch lapho okuningi kwenziwa ngaphakathi esibhedlela.

Ikomidi lithe udaba lokuwashwa kwempahla yesibhedlela luseyinkinga njengoba isifundazwe sinohlelo olulodwa esilusebenzisayo. EMgungundlovu ikomidi litshelwe ukuthi kuyenzeka ukuthi isibhedlela sihambise ilondolo eningi, kuthi uma isibuya ibuye kancane kancane noma kokunye kubuye okungeyona. Ngaphandle kwezinkinga zokuphathwa kwezibhedlela namakliniki, ikomidi libuye lazwakalisa ukukhathazeka ngokungabi khona kwezindlela zokubhekana nokwehlisa izinga lokukhulelwa kwezingane. Ukukhulelwa kwezingane kuthiwa kunomthelela ekubhebhethekeni kwengculazi. Ekliniki yaseCator Manor ikomidi latshelwa ukuthi ikliniki iphethwe ngokuhlanganyela uMasipala weTheku nesifundazwe. Amalungu ekomidi athe lolu daba ludinga ukungenelela kwezepolitiki ngoba okho kudala izinkinga. Ukushoda kwezimoto ngenye yezinkinga ezivele esibhedlela i-Edendale.

See Also

Abasebenzi batshele ikomidi ukuthi abakwazi ukufinyelela kwezinye izindawo ngoba izimoto zesibhedlela sezindala. Esibhedlela i-Addington eThekwini ikomidi likuncomile ukungenelela osekube khona kulandela ukukhishwa kombiko weKhomishini Yamalungelo Abantu, iHuman Rights Commission (HRC) ngodaba lwemishini esiza ekwelashweni komdlavuza. Ikomidi lithi uphiko olulapha umdlavuza e-Addington akumele luncike kolwasesibhedlela Inklosi Albert Luthuli. Zikhona izincomo ezenziwe ikomidi njengokuthi kwaMpumuza kudingeka ikliniki entsha ngoba kulena endala akusasebenzeki. Ikliniki yaseCramond kutholakale ukuthi iphethwe kahle kodwa kunokuminyaka kweziguli nabasebenzi okwenza kungasebenzeki ngendlela. Abahlengikazi balapha ikomidi lithole ukuthi bazinikele emsebenzini wabo kodwa indawo abasebenzela kuyo ayikho esimweni esikahle. Esibhedlela i-Addington eThekwini ikomidi likuncomile ukungenelela osekube khona kulandela ukukhishwa kombiko weKhomishini Yamalungelo Abantu, iHuman Rights Commission (HRC) ngodaba lwemishini esiza ekwelashweni komdlavuza. Ikomidi lithi uphiko olulapha umdlavuza e-Addington akumele luncike kolwasesibhedlela Inklosi Albert Luthuli. UMphathiswa uDhlomo ukuncomile ukuhambela kwekomidi esifundazweni wazibophezela ekubambisaneni nalo.

Scroll To Top