ISILO sigcizelele ubunye nokulwa nendlala
INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
SOMLOMO neSekela lakho, uNdunakulu wesifundazwe uMhlonishwa uMchunu. Amalungu ale Ndlu enhloniphekileyo, aMakhosi nezinhlaka zoBukhosi ezikhona phakathi kwethu. Amalungu eSigungu asebenza noNdunankulu nezinhloko zeminyango eyahlukene. Izimeya ezikhona phakathi kwethu. Amanxusa nalabo abamele amanxusa, osozimboni, abezindaba nomphakathi okhona namuhla.
Siphila ezikhathini ezimqoka nokuyizikhathi eziphoqa ukuthi isizukulwane sethu sithathe izinqumo ezinqala nokungathi uma senze iphutha kuphazamiseke ikusasa lesizukulwane esizayo.
Siphila ngezikhathi lapho imindeni, umphakathi nezizwe zomele uhlobo oluthile lobuholi. Lobu wubuholi obungejwayelekile nokumele kulungele isikhathi esikuso. Lokhu ngiyakugcizelela ngoba ikhona ingozi yokuthi silingeke sicabange ukuthi ubuholi obukhona manje bungaba wuzifozonke. Iqiniso lithi alikho izwe lezingane zodwa, lingekho nezwe labadala bodwa. Njengoba lingekho izwe lamadoda wodwa noma elabesifazane bodwa. Alikho ngisho izwe lohlanga oluthize.
Somlomo Kule minyaka engaphezu kwezinkulungwane ezimbili sikhona njengesintu, sinabo ubufakazi bokuthi izwe elithuthukayo ngelabantu bezinhlanga zonke abahloniphanayo, abazwelanayo nababonelelanayo. IKwaZulu- Natal kungaba yisifundazwe esinjalo lapho abantu ngokwehlukana kwabo bengavumelana ngokwenza lokho okuzuzisa wonke umuntu nokuvikela ikusasa lesizukulwane esizayo.
Njengowakhonjwa wumunwe womlando ukuba ngibe ngoseSihlalweni, ngesenu isikhathi, kusuka ngabekwa ngonyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyalolunye namashumi ayisikhombisa nanye ngisazibophezele ekubeni yiNkosi yawo wonke umuntu. Isifiso sami wukuthi lesi makube yisifundazwe sawo wonke umuntu.
Ngiyazi ukuthi lokhu engizibophezele kukho nengikufisayo kuyinto elukhuni ngenxa yezimo esiphila ngaphansi kwazo. Inkulumo yesiZulu ethi ‘sizalwa nabanye sife nabanye’ iliqiniso. Eminyakeni engamashumi ayisikhombisa yomusa ngangingazi ukuthi ngiyoke ngiphile nabantu abadlwengula izalukazi nabantu besilisa abahamba beyiqulu beyohlasela umuzi babhubhise konke izingane nabafazi ngenxa nje yezikhundla namathenda. Mina njengani ngizalwa ngamadoda alwa kepha ekulweni kwawo ayelandela imithetho omunye wayo wukungabulali abafazi nezingane kanye nabantu abangayona ingxenye yaleyo mpi. Izinsizwa ezizala mina zazisazi isikhathi nezizathu zokuphaka impi.
Okumangazayo nokushiya imibuzo wukuthi lena eqhubeka kwaZulu-Natal iphakwe ngubani? Ngubani lona owaba izikhali zembumbiso ngoba abantu ababulawayo babulawa ngezikhali eziyingozi eziphuma uma kunempi. Ngiyazi ukuthi kuke kwaneKhomishini obekuthiwa ayibheke lokho. Ngodumala nje uma ekubhekeni kwayo bungekho ubufakazi bokuthi isukaphi, iphakwa ngubani ngoba ikhona ingozi yokuyikhomba kwenye indawo kanti iphakwa engxenye.
Akuyona imfihlo ukuthi esikhathini esifushane nje le Ndlu izoguqa ukuze nikwazi ukuyokhankasa. Abanye benu bazobuya kanti abanye ngeke babuye. Ngiyafisa ukunibonga ngomsebenzi wenu nokungumnikelo enkonzweni yesizwe. Yebo nize lapha ngamahlelo enu epolitiki kepha uma senikule Ndlu nisuke seniyizikhonzi zomphakathi omibalabala. Ngiyanibonga ngomnikelo wenu ekuholeni abantu baKwaZulu-Natal ezikhathini ezinzima.
Njengoba ngakubeka kule Ndlu ehloniphekileyo eminyakeni emithathu eyedlule ukuthi kuyisifiso sami ukuthi kube khona uhlelo lokusebenzisa amakhono nesipiliyoni salabo abake baba ngamalungu ale Ndlu noma abaPhathiswa yize sebathatha umhlalaphansi. Lokhu kumqoka ngoba kwenza ulwazi lungashabalali. Naku lokhu ngiyacela ukuthi abezayo basibuke lesi siphakamiso sami.
Njengoba izwe liya okhethweni nje kumqoka ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kwamaqembu kanye nenhlangano eyengamele ukhetho kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukaHulumeni kanye nabamahlelo ehlukene ezenkolo. Angeke ngibashiye ngaphandle abezindaba. UBukhosi kanye nezinhlaka zabo zimqoka ngoba iningi labantu livela ezindaweni ezenganyelwe yibo uBukhosi. Ngithi akubanjiswane ukuze sibe nokhetho olunokuthula.
Ngiyazi kuhlale kusolwa lowo ohluliwe kuthiwa nguye oqala uchuku, kukhohlwe ukuthi ukwenza kohlukile naloyo ophumelele uma kunganakiwe kungaphakamisa imimoya kuze kulimale nabantu.
Yikho ngithi ohluliwe akaqaphele indlela amukela ngayo ukwehlulwa kwakhe kanjalo nalowo ophumelele akaqaphele indlela ajabula ngayo. Lokhu ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi uma sinokhetho olunokuthula maningi amathuba okuthi sikwazi ukuqomisa kulabo abatshala izimali. Laba ngabantu abatetemayo okulula nje ukuthi uma kunezinkulumo zempi nodlame kuthi isandla obekumele selulwe sibe nenkwatshu kube wukulahlekelwa kwesifundazwe sethu.
Ngisekuwo umnotho wesifundazwe sethu ngiyafisa ukuphawula ngalokho engikubuka njengethuba eliyingqayizivele nokuyishwa ukuthi kule minyaka emihlanu sehlulekile ukulisebenzisa. Ngizonikhumbuza ukuthi ngike, kule Ndlu, ngaphakamisa ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kukaHulumeni ne Ingonyama Trust Board. Uma ngizwa imibiko ngibuka sengathi lezi zinhlaka zombili zisashalazelana.
Somlomo Akungatshazwa ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo kumanje. Yize kufanele siqhubeke siwathakasele amagxathu asethathiwe nokho kufanele siqhubeke sizisike insumpa siyithina. Sihlangene futhi singabodwana kufanele sike sizibuze lo mbuzo, “Singayenza kanjani iKwaZulu Natal ibe yisifundazwe esingcono nesithuthukayo?” Ezinsikeni eziyisikhombisa eziyinhliziyo yeqhingasu lokuthuthukisa isifundazwe iProvincial Growth Strategy iNhloso yokuqala iphathelene ‘Nokukhula Komnotho Okubandakanyayo’ lokhu enikubiza nge“Inclusive Economic Growth” lapho inhloso yokuqala ngqa ibalula ukukhuliswa nokuthuthukiswa kwamandla ezolimo KwaZulu-Natal.
Malungu Ahloniphekile Ezolimo nezebhizinisi lolimo kuwumgogodla wanoma yimuphi umphakathi ophucuzekile emhlabeni jikelele. Kusukela emandulo, ikakhulukazi thina njengama-Afrika besihlala sinakho ukudla okwanele. Sasinobuchwepheshe bethu bokulondoloza ngesikhathi senala.
Thina asikaze singabinalo uhlelo lolwazi lwemvelo lokhu namuhla eseniqhamuka nikubiza nge“Indigenous Knowledge Systems” nize nikufinyeze nithi i-“IKS”. Kufanele futhi ngenanele ngibuye ngesekele amazwi kaMengameli lapho ehlala egcizelela ukuguqula iNingizimu Afrika ayenenze iNsimu Yase-Ideni.
Akukho ukuhlonipheka, asikho isithunzi futhi awekho amalungelo ebubheni. Ezolimo kuphela ezingaqeda ububha nendlala. Ngibuye ngikholelwe ekutheni kufanele sicabange ngokwedlulele ukuze sithole isisombululo sangempela ezinkingeni zoqobo zabantu. Kufanele sibe nokusungula okunqala ukuze sibe nemikhiqizo thina uqobo. Ngeke silokhu sathembela kokuqhamuka ngaphandle okugagula amanani okudla ebe uMdali asinika umhlabathi ovundile nononophele esihleli singawusebenzisi.
Indlelakwenza eyiqhingasu kufanele iqinisekise ukuthi iKwaZulu-Natal iba yisiqabetho esiphakela iNingizimu Afrika. Kusuka eMakhathini Flats kuyoshaya eMsinga kuze kufike ogwini oluseningizimu kufanele iKwaZulu-Natal kube yiyona ehlinzeka ubumnandi bukamoba, ummbila nenyama yenkomo. Izimakethe zemikhiqizo yenyama kanogwaja nokuthengiswa kwemikhiqizo yezimbuzi kufanele kekuzanywe ukuze kufukuleke kangcono umnotho ngaphambi kokuthi size sidlulwe ngabanye.
Ngifisa ukuphetha ngodaba lwemfundo nokuyinto emqoka ngesikhathi sethu. Iqiniso elingunaphakade ngelithi imfundo yayi noma yisiphi isizwe ingumnikelo waleso sizukulwane kusizukulwane esizayo. Ngemfundo asiqinisekisi nje impumelelo kulabo abasuke bethola ulwazi kepha sisuke siqinisekisa ukuthi nalabo abezayo bazofika esizweni esihlome ngolwazi.
Isizwe esishaya indiva iqhaza lemfundo siyisizwe esifile. Eminyakeni engamashumi amabili edlule kuningi osekwenziwe ukufukula imfundo yezwe lethu.
Ngiyathokoza ukubona ukuthi kancane kancane isifundazwe sethu siyabuyela esipolweni, futhi ngiyakholwa ukuthi kungekudala okwenziwa yizikole ezithile lapho zithola amaphesenti ayikhulu kuzoba yisiko lezikole eziningi kuleli leNdlovukazi uMthaniya uma nje sibambisene. Ngifisa ukuphinda amagama engawasho ngesikhathi ngamukela imiphumela ekuqaleni konyaka.
Njengoba sazi sonke ukuthi lo nyaka esikuwo ungowokhetho. Njengezakhamuzi ninelungelo lokuba ngamalungu ezinhlangano zenu. Futhi ninelungelo lokuvota. Engikunxusa kini wukuthi ngalesi sikhathi esimqoka sokuvota ngokubambisana nomphakathi kanye noMnyango Wezemfundo nivikele ilungelo lomfundi lokuba ngumfundi nokufundiswa. Kulesi simo ngithi wonke umuntu akazithibe azi ukuthi okumqoka yimfundo yezingane, azi ukuthi ngale kokhetho kukhona izingane nesizwe.
Ngala magama amafushane, ngibonga ukwethembeka kwenu kule nkonzo yesizwe nginifisela ukukhankasa okunokuthula. Njengesiqalo ngininika isiqiniseko sokuthi nonke ninevoti lami, seningakhela kulo ukuze niqinsekise ukuthi niyabuya lapha ngokuzayo.
Ngiyabonga.