Bayababaza ababenoMama uShabalala
ISIZULU sithi akho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba. Lokhu kuvele obala ngesikhathi leli phephandaba lithola imiyalezo eyehlukene odabeni olithinta umndeni wakwaShabalala ePinetown. Leli phephandaba libike ngesimo esibhekene nalo mndeni nokuvele ukuthi uMama uShabalala obeluqweqwe lomhlengikazi uzithola engasakutholi lokho athi kumfanele njengomuntu owayengumsebenzi eMnyangweni Wezempilo.
UMama uShabalala wabe ekhala ngokuthi sekuphele iminyaka engama-28 eshukashukana nodaba lo mhlomulo wakhe nathi uMnyango kawucacisi ngawo. Okushaqisayo ngalolu daba wukuvela kwenzindaba zokuthi lapho agcina khona ukusebenza uMama uShabalala (esibhedlela iWentworth ) bayamphika ukuthi wake wakhwishiza khona njengomhlengikazi.
Lokhu kubukeka kunyakazise abaningi abake basebenza naye abanye abakhulume neBAYEDE. Omunye okhulume neBAYEDE uNkk uSbongile Zulu (uMaKhumalo) ubeke wathi: “UMama uShabalala wayesebenza nomama uSister Maggie Khumalo (uMaShabalala) bebizana ngo“Skoni” okuchaza uskwiza ngenxa yokuthi umama wayenguMaShabalala kodwa eganele kwaKhumalo kanti uNontsikelelo wayeganele kwaShabalala. Akugcinanga lapho ngoba ngiphinde ngahlala naye uMama uShabalala esitendeni esisodwa ehlala nomndeni wakhe nami ngihlala nowami.
Ngiwufakazi wokuthi ubevuka njalo ekuseni egqoke umfaniswano wakhe wobuhlengikazi eyosebenza eMtholampilo kwaDabeka. Ngisho ngiyobheka umama kwaDabeka ngangimfica uSister Shabalala esebenza.”
Uqhube wathi ngokwesimilo sakhe emsebenzini: “Wayengumhlengikazi ozithandayo futhi ewuthanda nomsebenzi wakhe. Ngendlela engimazi ngayo yena nomndeni wakhe ngazi ngisho udadewabo uDkt uMashalaba owayeshade nommeli uMoloto. Ngibazi befika bevakashele umndeni wakwaShabalala sonke sihlala sitendeni sinye ngaphakathi eClermont,” kubeka uNkk uZulu.
UNkk uZulu ukhalisane kakhulu noMama uShabalala ngesimo abhekene naso sokungayitholi impesheni yakhe. Icala ulibeke emnyangweni kaHulumeni lapho ethi, “Okwenzeka kuSister uShabalala kuyichilo nehlazo okungafanele lenzeke kumuntu osebenze ngokuzinikela njengaye. Izikhulu zikaHulumeni eMnyangweni Wezempilo zithule zithini kuxhashazwa umuntu ezazi kahle ukuthi uwusebenzele kangakanani uMnyango! Azibone zona izikhulu zikahulumeni ukuthi zenzenjani ukuze akhokheleke uSister Shabalala. Yisono phela lesi,” kuphetha uNkk uZulu.
Omunye okhulume nephephandaba yilowo obe nguMphathi oMkhulu eHhovisi lomtholampilo wakwaDabeka uNkk uJoyce Mathoni Mchunu. Ngokusho kwakhe usebenze kwaDabeka kusukela ngonyaka we-1975 waze wathatha umhlalaphansi ngowe-1999. Uthi uMama uShabalala wafikela kuye ezosebenza ngokugcwele njengeNursing Sister.
Ngokwesikhundla sakhe sokuphatha izindaba zabasebenzi uNkk Mchunu nguye owayazi ukusuka nokuhlala ngokuqashwa kwabasebenzi balo mtholampilo. Ufakaze wathi angafakaisandla sakhe emlilweni ukuthi uMama uShabalala wayeqashwe ngokugcwele kulo mtholampilo. Naye uhambe emazwini kaNkk uZulu ngokusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela kukaMama uShabalala emsebenzini wakhe wobuhlengikazi.
“Ngendlela ayesebenza kanzima ngayo u‘Siphithiphithi’ okuyigama esasimteketisa ngalo uMama uShabalala wayefakwa ezingxenyeni ezehlukene zesibhedlela. Ngaphandle kokuhola ithimba lababelethisi njengomuntu owayefunde wagogoda kulo mkhakha wayesophikweni oluvikela izifo nalapho zilashwa khona. Wayenosizo olukhulu uMama uShabalala uma kuqashwa abahlengikazi abasha ngokubajwayeza inqubo yokusebenza nendlela yokuziphatha eMtholampilo wakwaDabeka,” kubeka uNkk uMchunu.
Mayelana nesimo uMama uShabalala azithola ebhekene naso sokunganikwa imali yakhe yempesheni, uNkk uMchunu uvele wakhushukelwa wumoya wathi: “Uyabona-ke lokhu okwenziwa wuMnyango Wezempilo akulona neze iqiniso. UNontsikelelo Shabalala wazikhandla kakhulu esebenzela lo Mnyango. Inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela embi asephatheke ngayo ngesikhathi okufanele engabe usedla izithukuthuku zokusebenza kwakhe,” kuphetha uNkk uMchunu.
UNkk uMchunu uqhubeke wabeka olunye usizi olubhekene nalabo abasebenzela uMnyango Wezempilo ngesikhathi sobandlululo. Uthe babehola imali ephansi ngendlela emangalisayo. Uthe kumanje nje selokhu balinda imali eyisibuyekezo semali yomhlalaphansi osekuyiminyaka bathenjiswa yona kodwa akukenzeki lutho ngoba kuthiwa izinyunyana azikasisayini isivumelwano. UNkk uMchunu uphethe ngokuthi ngaphandle kwemali yakhe yomhlalaphansi uMama uShabalala simfanele naye lesi sibuyekezo.