UMaduro akananazi ngabazame ukumbulala
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NGESIKHATHI engena esikhundleni Mengamelu uNicolas Maduro kukhona ababethi uzokwehlela ngezansi adale ukuthula noxolo phakathi kwakhe namazwe abengabhekani noMengameli wangaphambilini uHugo Chavez, kodwa kubonakala uMengameli waseVenezuela osephathe amahlandla amabili ehamba ezinyathelweni zikaChavez.
Ukungagudluki kunqubo endala kaChavez kubonakala kumdalela izitha ngisho nangaphakathi ezweni kumaqembu aphikisayo.
Isigameko sangempelasonto sokusakazeka kwesiqhumane eduze kwalapho ebethula khona inkulumo esifundazweni iCaracas, sibonakale njengophawu lokuqhubeka nokungamukeleki nokuvivinywa ubuholi bakhe. Lona bekungumcimbi omkhulu eVenezuela wokugubha iminyaka engama-81 wombutho wezokuvikela, kanti ubuhlanganisa nokuviliyela kwabezokuvikela behlangene. Uphoqelekile ukuba ayinqamule inkulumo yakhe, namasosha abeviliyela agcwala izitaladi ebaleka ngoba ukuqhuma bekungaqondakali ukuthi kuqhamuka ngakuphi. UHulumeni kaMaduro awuzange uchithe sikhathi emuva kwalesi sigameko wamemezela ukuthi lena bekuyimizamo yokumsoconga.
UNgqongqoshe Wezangaphakathi ube eseqinisa ezokuphepha kwaboshwa abantu abayisithupha ngecala lokuzama ukubulala uMengameli. Izinhloli zaseVenezuela zibuye zasola uMengameli waseColombia osephuma esikhundleni uJuan Manuel Santos ngokuba nesandla emizamweni yokubulala uMaduro.
UNgqongqoshe uReverol ngasekuqaleni kwesonto uthe omunye wababoshiwe ubesafunelwa icala elenzeka ngoNcwaba wezi-2007 lapho kwahlaselwa khona inkambi yamasosha eValencia. Omunye kuthiwa uke waboshwa phambilini ngeqhaza alibamba ngesikhathi kunemibhikisho eyayiphikisana noHulumeni ngowezi-2014.
Ngesikhathi sokuloba lapha uphenyo belusaqhubeka, futhi noReverol uthe baningi abasazoboshwa. Abebezama ukuhlasela uMengameli kuthiwa basebenzise amadrones ohlobo lweDJI M600 ayisisindo esiyikilogram neziqhumane iC-4.
Elinye lamadrone belindiza ngalapho bekukhuluma khona uMengameli, abanikazi balo belindele ukulidedela lisakazeke, kodwa abezokuphepha bakaMengameli bakwazi ukulithuntubeza laphelelwa amandla lagcina liqhumele ngaphandle, hhayi lapho beliqondiswe khona. Elinye lesibili liphelelwe amandla lagcina liwele ebhilidini laphetha ngokuthi liqhume esitezi sokuqala. Izithombe zethelevishini zikhombisa uMaduro ebheka phezulu ngokushaqeka, wamisa inkulumo yakhe okulandelwe ukuthi avikelwe ngamahawu angangenwa yinhlamvu yesibhamu, Umkakhe obeseceleni kwakhe uCilia Flores uyabonakala ezithombeni ezama ukusondela ngakuye. Amasosha abe esegcwala umgwaqo ebaleka.
Emuva kwamahora ambalwa uMaduro ubuye wabonakala kuthelevishini ekhuluma nesizwe ngokukhethekile ecacisa ngophenyo oluzokwenziwa nokuboshwa kwabathile. “Labo abaphikisana nohulumeni bebambisene nozakwabo baseColombia noMengameli wakhona uSantos yibo abanesandla kulokhu kuhlasela,” Uphinde wasola abantu baseVenezuela abahlala e-United States of America ngalokhu. “Uphenyo olusenziwe njengamanje lukhombisa ukuthi abaningi abanesandla kulokhu bahlala eFlorida e-United States,” kugcizelela uMaduro. Uthe wethemba ukuthi uHulumeni kaMengameli uDonald Trump uzokwazi ukulwa namaqembu abashokobezi ahlasela amazwe
anokuthula nalwisana nobushokobezi ezwenikazi iLatin America. Sekuyiminyaka uHulumeni waseVenezuela usola iColombia ngokwakha itulo lokuketula uMengameli okhona. Njengoba uMengameli Santos waseColombia esephuma esikhundleni, endaweni yakhe kungene uMengameli u-Ivan Duque. Isazi kwezobunhloli eVenezuela uDavid Smilde sithi ukubonakala kwamasosha ethi zinyawo zami ngibelethe emcimbini kahulumeni kuyizinkomba zokwehla kwezinga lezokuphepha. Uthi lokhu kushiya imibuzo ukuthi uMengameli uphephe kangakanani. Wengeze ngokuthi sekunokungabaza ngezinga lokwethembeka kulabo abaseduze kakhulu nohulumeni.
“Uma kukhona okwenzekayo okubonakala njengengozi, nakanjani bazofuna ukuziphephisa bona kuqala bakhohlwe yilowo abaqashelwe ukumphephisa okunguMengameli Wezwe”.
Kukhona abakholwa ukuthi izinto ezinjena zazingeke zenzeke ngesikhathi sikaChavez. Bathi ukwesekwa kukaMaduro akulingani nokukaChavez. Okunye agxekwa ngokuthi ukwenzile wukufaka izethenjwa zakhe ezikhundleni ezibalulekile, washiya abawaziyo umsebenzi. UChavez owayengahlonizi ngokuba yisitha se-USA wadlula emhlabeni ngowezi-2013 emuva kokuxinwa umdlavuza..