Now Reading
Impilo ka“Khwezi” isixoxwa eshashalazini
Dark Light

Impilo ka“Khwezi” isixoxwa eshashalazini

INDABA eyaba sematheni ngowezi-2005 mayelana necala elangena eNkantolo yaseGoli phakathi kwentokazi eyagcina yaziwa ngelika “Khwezi” ngoba kwenzelwa ukuphepha kwayo mayelana nezinsolo zokudlwengulwa ezabe zibhekiswe kulowo owayenguMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uJacob Zuma isingumdlalo weshashalazi. UNks uRedi Tlabi eminyakeni emibili eyedlule ubhale incwadi ngalesi sigameko esaba ngundabamlonyeni eNingizimu Afrika wayinika isihloko esithi “Khwezi”.

Kuyinto cishe eyaziwa wumhlaba wonke ukuthi uMengameli uZuma wakhishwa phambili kulelo cala. U “Khwezi,” ogama lakhe langempela kunguFezekile Ntsukela Khuzwayo sewadlula emhlabeni nokho udaba lwakhe aluvumi ukudlula njengoba selwaphenduka inkundla lapho bonke abalwela amalungelo abesifazane belusebenzisela imikhankaso yabo yokulwisana nalokho abakubuka njengokucindezelwa kwamalungelo abesifazane.

IBAYEDE ikhulume nombhali womdlalo ongo “Khwezi” uNapo Masheane imbuza ngokungabe kumgqugquzele ukubhala umdlalo weshashalazi ngempilo ka“Khwezi” lapho yena ephendule wathi: “Njengoba nami ngilwela amalungelo abesifazane ngangikhona kungena udaba lukaFezekile enkantolo. Ngangazi futhi ukuthi udaba lumayelana nani kwazise kwakubikwa ngalo kuyo yonke imithombo yabezindaba. Ngangisemncane kakhulu ngesikhathi sokuthethwa kwecala enkantolo nokho ngingenandlela yokuthi ngingenza okuthile ngezinqumo engangicabanga ukuthi zazinakho ukushaya eceleni. Kwasiza ukuqhamuka kukaRedi Tlhabi esebhale incwadi. Nami njengabanye ngakhuthazeka ukuyifunda incwadi njengombhali nomvikeli wamalungelo abesifazane. Engingakwazanga kwaba wukuthi ngokufunda incwadi ngangizokhuthazeka ukubhala umdlalo. Engikukhumbulayo wukuthi sengisekhasini leshumi kuya maphakathi nencwadi ngaqala ngezwa amazwi enkeneneza ezindlebeni zami. Kwakungamazwi engaqala ngazitshela ukuthi ayeyinkondlo. Kwagcina kucacile kodwa ukuthi lokhu engangikuzwa kwasekuyi nkulumompikiswano yomdlalo weshashalazi. Angibange ngisachitha sikhathi ngathinta uRedi Thlabi neState Theatre ngicela imvume yokuphendula incwadi umdlalo weshashalazi.”

UNapo uthi kwaba nokuvumelana nhlangothi zonke waqala ukuqoqa abalingisi ayezobadingela umdlalo onhloso yawo kwakungukubuyisela u“Khwezi” ezweni labaphilayo kodwa ngaphezu kwalokho abizwe ngegama aliqanjwa ekuzalweni kwakhe. IBAYEDE ibuza ukuthi ngabe bekuyinhloso yakhe njengombhali yini ukuthi ukukhishwa kwalo mdlalo kuqondaniswe nenyanga yemikhankaso yamalungelo abesifazane uthe, lokhu kube wukuqondana kwezinto nje: “Kuqondane nokuthi kube nesikhala esivulekile ukuthi umdlalo ungangena esiteji kwazise iState Theatre besingalungise lutho. Lokho kube sekuvula ithuba lokuthi umdlalo ubonwe ngababukeli ngokokuqala ngqa eState Theatre. Nokho kube wukuqondana okuhle ukuthi umdlalo ukhonjiswe ngankathinye nemikhankaso efana no#totalshutdown #metoo #rememberkhwezi okuyimikhankaso exhumene elwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngokukhumbula okwenzeka ku Khwezi nabanye abantu besifazane.

Embuzweni wokuthi kungenzeka yini lo mdlalo uboniswe kuwo wonke amadolobha amakhulu kubalwa neTheku uMasheane uthe, noma bengaphambene nalokho kodwa inkinga enkulu yileyo yokweswelakala kwabaxhasi. Umdlalo osezingeni lika “Khwezi” ufuna izinsiza eziningi nemali. Kudingeka abalingisi, kunezindleko zokulala nokuhamba, kunanemihlomulo yalabo abanamakhono anhlobonhlobo adingeka emdlalweni. Wethembise ukuthi uma kungatholakala abaxhasi akukho okungenzeke.

“Empeleni indaba kaKhwezi iyindaba yomhlaba wonke. UFezekile Ntsukela Khuzwayo akumele alibaleke ezimpilweni zethu. Lona ngumdlalo okudinga ubukwe wumhlaba wonke ukuze uFezeka angalibaleki ezingqondweni zethu, kumele silibize ngokungesabi igama likaKhwezi,” kusho uMasheane.

IBAYEDE ifi se ukwazi ukuthi abanye besifazane abafana noKhwezi umdlalo oyilolu hlobo ubaqunga kanjani isibindi ukuthi baphumele obala ngezigameko ezabavelela zokuhlukunyezwa: “Ukuqulwa kwecala lokudlwengula nakho konke ukuhlukunyezwa okwahambisana nakho kunikeza izihlwele ezihambele umdlalo ithuba lokuba yingxenye yecala elalibhekiswe endodeni eyayiqhoqhobele isikhundla esiphezulu kakhulu kuleli lizwe. Sibona nezigameko ezagcina ngokuthi uKhwezi nonina baphinde balifulathele izwe uyise kaKhwezi alizabalazela walifela. Siyakhunjuzwa emdlalweni ukuthi uKhwezi akasona isingathekiso noma into yokudlala kodwa unegama, unguFezekile Ntsukela Khuzwayo.”

See Also

Umlingisi omqoka Indawo ephambili kaFezekile idlalwa nguNompumelelo Mayiyane ophawule wathi ngokulingisa kwakhe le ndawo: “Kukhona oKhwezi abaningi abangaphakathi kithi, nabasemiphakathini esikuyo, ngakho lena yindaba wonke umuntu azoyazi, kungakhathaleki ukuthi ungowesilisa noma owesifazane. Sonke ngabanye ngabanye sidlule ezimweni lapho ubulungiswa sicabanga ukuthi abenzekanga khona sathola ukuhlukumezeka. NakuFezekile kwaba njalo mhlawumbe ubulungiswa bangenzeka. Nokho sethemba ukuthi indaba yakhe izoletha ubulungiswa obuthile empilweni yakhe yize yena engasekho,” kuphetha uNompumelelo.

UNapo Masheane uphethe ngokuncoma indlela abantu abemukele ngayo umdlalo u “Khwezi”. Uthe bebeqhamuka ndawo zonke ngisho naphesheya kwezilwandle. Bonke bebememeza ngaphimbo linye igama likaKhwezi.

Lo mdlalo owethulwa yiVillage Gossip Productions uyaqhubeka eState Theatre ePitoli kanti uzogcina ngeSonto ziyi-12 kuMandulo we-2018.

Scroll To Top