Now Reading
Inomfi ehlanganise iqembu noHulumeni
Dark Light

Inomfi ehlanganise iqembu noHulumeni

IMPELASONTO eyedlule isho ithuba lesiqalo esisha eqenjini elibusayo KwaZulu-Natal i-African National Congress (ANC).

Leli qembu belibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi nebigubuzelwe yiziwombe ezahlukene.

Cishe zibe zombili iziwombe ezibe zimbi kakhulu nezishiye leli qembu linenkebenkebe yenxeba.

Esokuqala kube yileso sokulahlekelwa ngamandla evoti ngaphakathi ngesikhathi isifundazwe sibuya silambatha engqungqutheleni yeqembu kazwelonke.

Kwabe kukusha ukuthi leli qembu elinamalungu amaningi kule nhlangano lingameleleki esigungwini sabaholi abayisithupha kuzwelonke.

Kunokuvumelana nhlangothi zonke ekutheni konke lokhu kwaba yimiphumela yokungalaleli amazwi awubuhlakani nathi ‘impi yesongo kayiphumi ekhaya ngoba kayibuyi yonke”.

Impela lazihlonza ngoba nabo kab buyanga bonke eNasrec basala beyizibhucu imisila ibuyele ngachinsi, kungekho ongazishaya isifuba ukuthi nguye noma ngezakhe ezidle umhlanganiso.

Isiwombe sesibili kwaba yileso sokubulawa kwabaholi kanye namalungu ale hlangano entweni esibizwa ngokuthi wukubulawa kwamaqembu epolitiki. Lokhu kwehlisa kakhulu ukuhlonishwa kwale nhlangano kuzwelonke nasesifundazweni iKwaZulu- Natal njengoba isifundazwe sabukeka njengendawo yabantu abathanda ukuchitheka kwegazi.

Zonke lezi ziga zenzeka nje uMhlonishwa uThemba Willies Inomfi ehlanganise iqembu noHulumeni UMchunu ubuthwale bonke ubunzima noma iqembu lifike okhethweni yize limanxebanxeba Mchunu nguye osesikhundleni esiphezulu kuhulumeni njengoNdunankulu kanye neSekela likaSihlalo weqembu.

Embikweni weBAYEDE wakamuva kwavela ukuthi ukubhixana kwamalungu e-ANC sekwenza ngisho nohulumeni ehluleke ukusebenza umsebenzi wansuku zonke.

Ngokuthola kwemithombo engaphakathi ku-ANC nabadlelana nayo konke lokhu kugcine sekudala ukukhuluma okungekuhle ngoMacingwane njengoba abanye ozakwabo kuSouth African Communist Party (SACP) bese bemsola ngokuba ngumlandeli webhodwe eliconsayo njengoba ngokwabo bekufanele uma kunombango phakathi kwe-ANC neSACP acheme neSACP anomlando omude kuyo njengelungu nomholi wayo.

Lokhu kugqame kakhulu ngesikhathi kukhona ukududulana phakathi kwala maqembu endaweni yaseNtshangwe namaphethelo. Nakuwo uKhongolose ubeneshwa lokulinvazwa ngabalingane bakhe kuthiwa ‘ulibamba’ ophethe uhulumeni yilowo onguSihlalo okunguMnu uSihle Zikalala.

Izimo zempilo nezomndeni nazo zidale ingcindezi kulo mholi owaziwa ngokuba nomoya ophansi. Kukho konke lokhu okaJama ube yinomfi eqinisekisile ukuthi leli qembu lifinyelela okhethweni njengoba kwenzekile ngeledlule lisekhona kuhulumeni yize limanxebanxeba.

See Also

Okhethweni lwangesonto eledlule lo mholi wenze into empeleni obekungalindelekile ukuthi uzoyenza, yokungenela ukhetho esikhundleni sokuba yiSekela likaSihlalo nesigcine sithathwe nguMnu uMike Mabuyakhulu.

Kwabanye okwenziwe nguMchunu bakuhumusheka ngokuthi usababele izikhundla, kepha okujulile wukuthi uveze ukuthi ungumholi nokuthi ipolitiki iyimpilo yakhe.

Ukwenza kwakhe kwenze kwagqibeka isithombe sokuthi ubuholi obusha bukhenikhiwe kwakhiwa ilungelo labantu lokuzikhethela. Uma kuyilesi sizathu esenze ngisho engaphilile akwazi ukuphakamisa isandla uMchunu, okwenzekile kusifundisa okukhulu ngaye njengomholi nelinye lebutho elidala likaKhongolose namaKhomanisi.

Mdala kule nto

UMchunu kalona ivukana kumzabalazo waboHlanga kepha yinguluzane ekade yayidudula. Lapha kuhulumeni usebambe izikhundla ezehlukene kusuka kwesokuba yiSekela likaSomlomo, uSomlomo, uMphathiswa. Ezinhlakeni ze-ANC, SACP nezinyunyana nakhona mdala. Uke waba yilungu lesiFundazwe leSouth African Civic Organisation (SANCO), waba nguSihlalo wamaKhomanisi esifundazweni, waba ngumgqungquzeli weMetal and Allied Workers Union wabuye waba yimvukuzane ebikhongela umbutho wezempi kaKhongolose uMkhonto weSizwe.

Nxa kucatshangwa isithombe engabe lesi sifundazwe esiyiso ukube kasiholwanga nguMacingwane kulezi zikhathi zokuzanyazanyiswa, isithombe esehlukile siyesabisa nokwenza kube nethemba lokuthi umlando uyomehlulela ngokuyikho, ekutheni ube yingwevu eme neqembu layo phezu kwezivuvaba, yama kulokhu ekholelwa kukho phezu kokunyundelwa nenhlaba.

Scroll To Top