Asenalo ithuba lokuvuka azithathe amaProteas



UMsweli uyintatheli yezemidlalo engxile kwikhilikithi nombhoxo.
KUCACE bha ukuthi amaProteas awenzanga kahle ngesikhathi evakashelwe i-India kuleli kusuka ngoMasingana nonyaka. AmaProteas adlale imidlalo emithathu yeTest, anqoba iSeries ngemidlalo emibili kowodwa. Kube sekuba nemidlalo yosuku olulodwa (ODI) eyisithupha nalapho izivakashi zibukise khona ngamaProteas zinqoba imidlalo emihlanu, kwathi elakuleli lanqoba owodwa. Kuphethe ngokuthi kudlalwe imidlalo emithathu yeT20 nalapho i-India iphinde yabukisa ngamaProteas inqoba imidlalo emibili kwemithathu.
Nakuba kucaca ukuthi i-India ibe nohambo oluhle kuleli, kodwa u-Ottis Gibson (osesithombeni) ocija amaProteas uthi usebabone bonke abadlali abefisa ukubabona, nathi sekuzoba lula ukuthi athathe izinqumo ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Kuningi ukugxeka okungaba khona, ezingxenyeni eziningi zomdlalo wamaProteas kodwa kuhle ukuthi uGibson ujabule ngakubonile.
Angeneme neze ngendlela abashwibi bethu abadlale ngayo emidlalweni yosuku olulodwa. Ngikusho lokhu ngoba awukho umdlalo we-ODI lapho sikwaze khona ukukhipha yonke i-India, ngamanye amazwi sithole amawicket ayi-10.
Kungiphatha kabi ukuthi uVirat Kohli ongukaputeni we-India enze amarun angama-600 nangaphezulu ekubeni sinabashwibi abahlonishwayo emhlabeni esingabala kubona uKagiso Rabada, uMorne Morkel ukusho abambalwa.
UKohli akuphikiswa ukuthi unekhono futhi unamava kulo mdlalo wekhilikithi ngenxa yezinto asezenzile eminyakeni eyedlule kodwa ngiyakholelwa ekutheni abashwibi bamaProteas bebengenza okungcono. Mhlawumbe lokhu kwenza mina kuphela, kepha njalo nxa elakuleli lidlalela ekhaya ngisuke ngilindele ukuthi elesizwe lenze kahle, ikakhulukazi phambi kwezihlwele ezisuke ziphume ngobuningi bazo.
Esikhathini esedlule abadlali abahlonishwa ngokubhetha emhlabeni njengoRicky Ponting wase-Australia, uSachin Tendulkar wakhona e-India noChris Gayle waseWest Indies, bebefika kuleli beyizethenjwa kodwa bakhale ngaphansi kumaProteas. Empeleni uma ubuka imidlalo eyedlule enalezi zingwazi kuyavela ukuthi bezike zikhishwe ngedada (ngeqanda) kweminye yemidlalo eminyakeni eyedlule.
Ngiyakholelwa ekutheni uma ugxeka iqembu kumele uligxeke lonke, ungaphumi nomuntu iqhubu kwazise negama liyazisho lithi yiqembu. Kuzofanele futhi sikuqonde ukuthi emidlalweni okudlalwa kuyona kube ngabadlali abangaphezu kwababili, bonke basuke bedingana. Ngakho nxa oyedwa engenzi kahle iqembu lonke liyathinteka. Akufani nemidlalo edlalwa ngayedwana efana nokugijima noma ukubhukuda lapho kuba umuntu ngamunye noma okungenani nibe babili kwazise kuba lula ukusheshe uthole ukuthi ngabe ubani odliselile.
Umsebenzi ka-Ottis Gibson ocija amaProteas njengamanje ukuthi abukisise ukuthi ngabe ngobani abadlali azobhetha ngabo kuNdebe yoMhlaba, kanjalo nabazoshwiba. Okufanele akubukisise ukuthi kube abadlali ababulawa yindlala yokwenza kahle, kungahambi ngokuthi isipiliyoni singakanani ngoba kucacile eminyakeni eyedlule ukuthi isipiliyoni kasikaze sisebenze emqhudelwaneni yoMhlaba.
Yize inhliziyo yami igaya izibozi ngokungenzi kahle kwamaProteas kodwa ngibuye nganeno njengoba sibheke emqhudelwaneni omkhulu weNdebe yoMhlaba ezobanjelwa e-England naseWales mhla zingama-30 kuNhlaba kuya mhla zili-14 kuNtulikazi ngowezi-2019.
Eminyakeni edlule elakuleli lijwayele ukuya kulo mqhudelwano linengcindezi yokuthi lisuke likleliswe endaweni yokuqala emhlabeni emidlalweni yosuku ololudwa. Lokhu bengikubuka njengento ewafakela ingcindezi kakhulu amaProteas, nengicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi elakuleli liyinqobe iNdebe yoMhlaba, ngoba lizoya kulo mqhudelwano lingekho endaweni yokuqala ezilinganisweni nokwenza lingabhekwa kakhulu okungasho ukwehla kwengcindezi.
- dladlan@ingabadimedia.com